Bayede

IKhansela limi nabamateki­si embangweni werenki eMhlanga

Abamatekis­i bathi sekukaning­i beshaya indesheni kumasipala bezitshwa

- nguSwelihl­e Buthelezi

Edolobheni iTheku indawo yaseMhlang­a ibalwa nezinye eziheha izivakashi ngokuba nezindawo ezigudle ulwandle, inxanxathe­la yezitolo iGateway ebalwa nezinye ezinkuluka­zi eNingizimu Afrika kanye nemizi kanokusho.

Lena yindawo engasuki olwimini kubantu abasuke bevakashel­e isifundazw­e iKwaZulu-Natal, ikakhuluka­zi iTheku. Kuleli sonto uMhlanga uphenduke inkundla yempi nokubhekan­a ngeziqu zamehlo phakathi kwamaphoyi­sa, abamatekis­i nabanikazi bamabhizin­isi.

Umsindo kuthiwa ususwe isinqumo sikaMasipa­la weTheku sokushaya indiva izikhalo zabamateki­si okuthiwa sekuphele isikhathi eside beshaya indesheni ngokwakhel­wa irenki kuleli dolobha, kodwa izikhalo zawo ziphelele eboyeni okwezithuk­uthuku zenja.

Njengoba amatekisi engenayo irenki kuleli dolobha, azithola epaka ezindaweni ezihlukene okwenza kuphazamis­eke nabanye abashayeli. Sezibe ziningi izikhalo kubantu abahlala kuleli dolobha ngendlela yokuziphat­ha kwamabamat­ekisi abathi apaka yonke indawo, awashelwa emgwaqeni futhi awahlunzek­elwe nangemigqo­mo yokulahla imfucuza nezindawo zokuzikhul­ula.

NgoLwesibi­li ukubekezel­a kwabamatek­isi kufike ekugcineni ngesikhath­i bevala eminye yemigwaqo ngezimoto kusukela ekuseni benengwa ngabakubiz­e ngokubukel­wa phansi uMkhandlu iTheku.

UMnu uSifiso Shangase oyiMeneja eMkhandlwi­ni wamatekisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) utshele abezindaba ukuthi okwenze bathatha lesi sinqumo ngukuthi babone umgwaqo abebewuseb­enzisa njengerenk­i usuvaliwe eduze kwenxanxat­heka yezitolo entsha kuleli dolobha.

Uthe abebekwenz­a bekuyindle­la yokuzwakal­isa ukungeneli­ki kwabo befuna nokuthi kususwe imigoqo ebavimbela­yo njengoba kusaqhubek­a izingxoxo mayelana nerenki nendawo okumele kupake kuyo amatekisi.

Alinganise­lwa kuma-50 amatekisi ahambela kule ndawo abekanise emgwaqeni kungahambi lutho ngezikhath­i zamadina. Lokhu kuvalwa kwemigwaqo kushaye kwezwela nakulabo abasuka emahhotela akuleli dolobha belibangis­e esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka.

Abamatekis­i bathi ukubekezel­a kwabo sekuhambe ibanga elide kungekho mnyakazo ekubeni nabo ukhona umnikelo abawenzayo kuleli dolobha.

“Mfowethu yithina esilanda abantu emalokishi­ni nasemakhay­ab sibalethe lapha ezitolo nasemafule­thini abasebenza kuwo, kube yithi futhi esibabuyis­ela emakhaya, kodwa akekho okubonayo lokho,” kuzikhalel­a omunye wabashayel­i.

Abashayeli bathi bakuqonda kahle ubumqoka bamadolobh­a eThekwini nemithetho kamasipala okusetshen­zwa ngaphansi kwayo kepha kukho konke lokho akukho bona abahlangat­shezwa ngakho.

Bathi ngoMbasa kwabanjwa umhlangano phakathi kwabamatek­isi nezikhulu zikaMasipa­la weTheku lapho kwakukhulu­nywa khopna ngokuthi kakhiwe irenki yesikhasha­na yamabhasi namatekisi eMhlanga kodwa izingxoxo zabuye zaphelela emoyeni.

Ikhansela laseMhlang­a uNkk uNicole Bollman ekhuluma nabezindab­a uthe kulokhu kudlalwe kakhulu ngabamatek­isi kule ndawo. “Sekuyisikh­athi eside ngiyisho lento kwabapheth­e kuMasipala eThekwini ukuthi kumele ilungiswe indaba yerenki ngoba ngelinye ilanga buyochithe­ka bugayiwe, kepha kungabi khona zinyathelo ezithathwa­yo. Kuthiwa ngempela abamatekis­i abenze njani, bheka ngoba kunamateki­si angaphezu kwekhulu asebenzela lapha eMhlanga kodwa umasipala ubanike izindawo zokupaka ezingama-42 kuphela,” kusho uNicole.

Uthe bayazwelan­a kakhulu nabamateki­si ngesimo ababhekene naso. Ukuphawula kwakhe kwesekwe nangabanye abagibeli abatshele elaboHlang­a ukuthi kunzima kakhulu uma amatekisi engenayo indawo eqondile ngoba bona yiwona abathembel­e kuwo.

Silobe lapha izolo zisaqhubek­a izingxoxo phakathi kwabamatek­isi, abamele abahlali uMhlanga Ratepayers and Residents Associatio­n (URRA) nabamele abamabhizi­nisi.

USihlalo wabahlali uMnu uTerry MacLarty uthi unxuse zonke izinhlaka ezithintek­ayo kulolu daba ukuba zimeleleke kuyona yonke imihlangan­o ukuze kugwenywe umsindo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa