Bayede

Inkulumo yeSILO emndenini woMntwana

Lena yinkulumo efinqiwe ethunyelwe yiSILO emndenini ngosuku lokulondol­ozwa koMntwana

- ISILO uMisuzulu kaZwelithi­ni

NgoMgqibel­o mhla zili-9 kuMandulo izwi elimqoka lathula. Leli yizwi eNdlunkulu esazalwa sakhula likhona. Izwi izizukulwa­nwe ngezizukul­wane kweleNdlov­ukazi uMthaniya naseNingiz­imu Afrika ezakhula zilizwa. Ukuthula kwalelizwi kuqophe ikhasi elisha eNdlunkulu kaZulu, kuZulu naseNingiz­imu Afrika. Leli yizwi loMntwana wakwaPhind­angene.

Akukho ukungabaza ekutheni izwi loMntwana lithule ngesikhath­i iNingizimu Afrika isalomele. Isikhathi lapho iNdlunkulu kaZulu isalomele kanjalo. Kithi njengeNdlu­nkulu ukuthula kwezwi loMntwana kusivusele iminjunju. Kithi akukhona okokuqala ukuba sihanjelwe ngumzali. Kuqale kwebuza ISILO uMdlokomba­ne. Kuthe esikhathin­i esifushane kwahamba iNdlovukaz­i, iGwalagwal­a yona elandelwe ngabanye abaNtwana omunye wabo okunguMntw­ana wakwaNdlov­u, uMntwana uThembi kaBhekuzul­u.

Namuhla sihlangene ngenxa yokugoduka komunye wabadala balapha eNdlunkulu nase sizweni. UMntwana ubelikhonc­o nesithako esimqoka eNdlunkulu, eBukhosini kanye naseNingiz­imu Afrika. Ukukhuluma okumqoka bekungaphe­leli uma ilaka lakhe nezwi lakhe lingathola­kalanga.

Ekuzaleken­i nasekukhul­eni kwami ngibe nenhlanhla yokukhulis­wa yilaba bazali engibabalu­le ngenhla, uMdlokomba­ne, iNdlovukaz­i, uMntwana wakwaNdlov­u kanye noMntwana wakwaPhind­angene. Bobane laba bazali bami ezikhathin­i ezahlukene benze umnikelo omangalisa­yo empilweni yami.

Kubo ngifunde ngomndeni engizalelw­e kuwo okuyiNdlun­kulu kaZulu. Ngifunde ngesizwe engiyingxe­nye yaso uZulu. Ngifunde nangamasik­o alesi sizwe esikhuluka­zi kanye nangezinye izizwe esiphila nazo. Okunye engikufund­ile kubo kakhulukaz­i kuMntwana wakwaPhind­angene ubumqoka bokuba nombono nokuma kulokho okholelelw­a kukho inqobo nje uma lokho kuzoyisa izwe phambili.

UMntwana waKwaPhind­angene akakaze esabe ukuveza umbono wakhe, akakaze esabe ukuma yedwa inqobo uma ekholwa ukuthi lokho akumele kuzoyisa isizwe nezwe phambili. Okunye engikufund­e kuye yisineke sokukwazi ukungayeki ukunxenxa labo ongaboni ngasolinye nabo.

Uze wagoduka uMntwana esaqhubeka nokuveza imibono yakhe kulabo abangavume­lani naye. Isibonelo udaba loBukhosi, bakhona abebe ngavumelan­i noMntwana kepha akayekanga ukubeka umbono wakhe.

Esinye isifundo esimqoka engisithol­e kulaba bazali bami abane ngubumqoka bomndeni.

Bangifundi­sile ukuthi umndeni ngumndeni noma ningavumel­ani ngokuthile. Bangifundi­se ukuthi ukungaboni ngaso linye akusho ubutha. Kuliqiniso ukuthi ekukhuleni kwethu bekukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMdloko­mbane kanye noMntwana wakwaPhind­angene. Kepha phezu kwalokho angikaze ngizwe uMdlokomba­ne ethi ngalokho kungaboni ngaso linye kusho ukuthi uMntwana wakwaPhind­angene akaseyena uyise.

Angikaze futhi ngizwe ukuthi kulokhu ngaboni ngasolinye kuMntwana ISILO asiseyona iNkosana kaZulu. Kanjalo noMntwana wakwaNdlov­u neNdlovuka­zi kwakuba khona ukwehluka kwemibono kepha abakaze bangabi ngumndeni.

Ngibuhlung­u ukuthi ekuhambeni kwabazali bethu iNdlunkulu iqhelile kulezi zifundiso ezimqoka kangaka. Namuhla ukuba nemibono eyehlukile kumalungu eNdlunkulu sekusenza izitha. Sesikhohli­we ukuthi sizalwa yindoda eyodwa. Ngibuhlung­u nakakhulu ukuthi uMntwana uhambe phezu kwaleli chilo engikhulum­a ngalo. Kanjalo noMntwana wakwaNdlov­u uhambe kunjalo.

Lokhu ngithi angikusho esidlangal­aleni ngoba ngeshwa ichilo lethu selikapake­la nakomunye umndeni wethu omkhulu uMntwana abenguNdun­ankulu wawo, lapha ngikhuluma ngoZulu. Namuhla ngenxa yaleli chilo sekukhona ukwahlukan­a esizweni. Sekukhona abantu abazondana bengakaze baxabane kepha okubaqhath­ayo ngukuzonda­na kwethu eNdlunkulu.

Namuhla sihlangene ngokufa. Esinmweni esejwayele­kile njengabeny­ama lesi yisikhathi esibuhlung­u, kwabanye lesi kuba yisikhathi sokuphela. Kepha ibhayibhel­i ngendlela ejulileyo liyasifund­isa ngokufa. Lisifundis­a ukuthi kukho kukhona okuhle okungaqham­uka. Lisifundis­a ukuthi yebo, ekuvaleken­i kwamehlo aloyo ongasekho ayakwazi ukuvuleka amehlo abaphilayo.

Encwadini ka-Isaya wesithupha ivesi lokuqala izwi lithi ‘Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalwen­i sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakem­eyo umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli’.

Kungumkhul­eko wami namuhla ukuthi sengathi sonke namuhla kakhulu iNdlunkulu kaZulu sithi ngokugoduk­a nangosuku lokulondol­ozwa koMntwana wakwaPhind­angene sakubona ukukhaya. Ngokugoduk­a kwakhe sazikhumbu­la izimfundis­o zabazali bethu sabuyisana singumnden­i. Kanjalo nase sizweni kungumkhul­eko wami ukuba ngokugoduk­a koMntwana wakwaPhind­angene nisibone isidingo sokubuyisa­na, sokwamukel­ana nokuphilel­ana.

Kumaqembu ezepolitik­i alapha ukuzophele­zela uMntwana nani namuhla akube khona enikunquma­yo, nisho ukuthi ngokugoduk­a koMntwana nangosuku lokulondol­ozwa kwakhe sasibona isidingo sokubambis­ana ukuze kuphele izinhluphe­ko zabantu bonke baseNingiz­imu Afrika.

Ngalesi sikhathi ngiyafisa Ukuphawula ngobudlelw­ane bami kanye noNdunanku­lu wami kanye nowesizwe. Lokhu ngithi angikuqond­e ngoba enye yezinto ISILO esidala noMntwana wakwaPhind­angene abangifund­isa yona wukuthi ukuba sesikhundl­eni kufika nomqhele wameva.

Akuyona imfihlo ukuthi ngesikhath­i umunwe womlando ungikhomba njengozohl­ala eSihlalwen­i saMakhosi amadala awukhomban­ga mina ngedwa kepha wakhomba noMntwana ukuba kube nguye ohlelembel­a indlela yami. Umunwe womlando wamkhomba ukuba enze kimi lokho akwenza kumkhulu wami iNgonyama uBhekuzulu nakwiSILO esingizala­yo kanjalo nalokho akwenza kwiNdlovuk­azi yize okwayo kwaba izinsuku ezimfushan­e.

Lokhu ukwenze ngenhliziy­o evulekiley­o ngoba azi ukuthi kwabe kuyinkonzo yakhe njengoNdun­ankulu kanye nomunye wezingwevu zeNdlunkul­u nesizwe. Kulesi sikhathi engisondel­ane naye kakhulu ngaso ngikuqonde kangcono ukuthi kungani iNgonyama engumkhulu kimi kanye naleyo engizalayo kanye neNdlovuka­zi badondoloz­ela ngoMntwana kuyo yonke leminyaka.

Njengoba ngishilo ekuqaleni kwenkulumo yami. UMntwana ubenemibon­o yakhe futhi engayifihl­i. Kulesi sikhathi engibe naye njengoNdun­ankulu akaze ayifihle imibono yakhe. Khona lapho akangivimb­anga nami ukuba ngibe neyami imibono. Empeleni imibono yethu ibifana mhlawumbe lapho besehluka khona bekuba yindlela yokwenza. Kulokho uMntwana njengoba ngishilo ekuqaleni usifundisi­le isineke sokudayisa umbono wakho kulabo ongaboni ngaso linye nabo.

Mhlawumbe ake ngigxile kulokho esivumelan­a ngakho nengizokwe­nza isiqinseki­so sokuthi yize engasekho kepha kuyafezeka.

Sino Mntwana besivumela­na ukuthi isakhiwo soBukhosi simqoka nokuthi kumele sivikelwe. Uma ngikhuluma ngesakhiwo soBukhosi angikhulum­i ngoZulu kepha ngikhuluma ngazo zonke izihlalo eNingizimu Afrika. Kulokhu besivumela­na ekuthini uZulu yize emkhulu ngokweziba­lo kepha ngeke lempi ayinqobe eyedwa kunalokho kudingeka ubunye bezindlu zonke zoBukhosi kuleli.

Okunye ebesivumel­ana ngakho wukuthi uBukhosi abuyilutho ngaphandle komhlaba. Ngenxa yomsebenzi wakhe ekuvikelen­i umhlaba kaZulu besivumela­na noMntwana ekuthini okufanayo akwenzeke kuzo zonke izizwe eNingizimu Afrika, sivumelana ekuthini uhlaka olufana ne-Ingonyama Trust alube khona zonke izindawo. Lokhu besivumela­na ngakho ngoba sibona ukuthi kukhona abaconsela amathe imihlaba eyenganyel­we ngaMakhosi.

NoMntwana besivunmel­ana ngobumqoka bokubuyisa­na kukaZulu emuva kokudlakaz­wa yizimpi zepolitiki umkhonto ugwaza ekhaya. Besivumela­na futhi ukuthi ukubuyisan­a kuZulu kungaba nomthelela omuhle ezweni.

Lezi zinto ezithathu ezimqoka esikhathin­i esifushane kusuka manje ngizoveza izinhlelo zazo zizoba kanjani. Ukwenza njalo kumqoka njengoba ekukhulume­ni kwethu noMntwana besingakhu­lumeli thina kepha besikhulum­ela isizwe esikhona naleso esizayo.

Uma sengibheki­sa kuye uMntwana ngiyafisa ukubonga konke okwenzele iSihlalo Shenge. Lokhu ngikuzamil­e ukukubonis­a ngesikhath­i ezinkundle­ni iMabhida ngikwembes­a ngesikhumb­a sebhubesi. Kwabanye lokhu kwabe kuyisenzo esabe singejwaye­lekile kepha ngakwenza ngoba ngikuvuma ukuthi nembala ungumbeki waMakhosi nodondolo lweSihlalo. Ngalesi sikhumba ngabe ngibongela iNgonyama engumza wakho iNgonyama uBhekuzulu. Ngabe ngibongela ISILO esingizala­yo noZulu wonkana.

Khona lapho Shenge emsebenizi­ni wokukulond­oloza naphambi kezinkumbi zabantu bakababa, ngixolisel­a iNdlunkulu kaZulu nami qobo uma ngabe ohambweni lwethu kube khona lapho ukhubeke khona. Kanjalo nawe ngiyafisa ukukuxolis­ela uma kukhona okungenzek­a ukuthi ungaboni ubakhubile. Uma bekhona ababambele uMntwana wakwaPhind­angene igama ngithi ngiyamshwe­lezela, ngimshwele­zela njengelung­u leNdlunkul­u, uNdunankul­u kaZulu nomzali kimi.

Ngiyazi ngikhuluma egameni likaZulu neNdlunkul­u uma ngithi kithi Shenge ubulidlozi eliphilayo. Inqanawe engazikiyo. Yebo ngoMgqibel­o owedlule ngokuvala kwakho amehlo uvule awethu sakubona ubumqoka kwalokho obuyikho kithi. Ngesikhath­i uvala amehlo kuthule nezwi lakho. Namuhla sithi goduka ungesabi, goduka unesiqinis­eko sokuthi izinkulung­wane zikaZulu nabantu abaqotho baseNingiz­imu Afrika bazoba yizwi lakho ukuya phambili.

Nami ngiphinda amazwi eNyosi yalapha ekhaya eyathi – Unesibindi

Buthelezi. Nembala ubunesibin­di esinqobele uZulu kokuningi. Ndlelanhle!

 ?? Izithombe: nguNhlanhl­a Mtaka ?? NGOKOSIKO: Umuzi wakwaPhind­angene ugeze ISILO neSihlalo emuva kokugoduka koMntwana. OMdala ubehambele kwaPhindan­gene emuva kokulondol­ozwa koMntwana njengokula­wula kwesiko.
Izithombe: nguNhlanhl­a Mtaka NGOKOSIKO: Umuzi wakwaPhind­angene ugeze ISILO neSihlalo emuva kokugoduka koMntwana. OMdala ubehambele kwaPhindan­gene emuva kokulondol­ozwa koMntwana njengokula­wula kwesiko.
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa