Bayede

USELUBHAQA OLUKHANYIS­A I-AFRIKA YONKANA KWEZOKULIN­GISA

-

Ukuphekwa izinkanka zangaphamb­ilini emidlalwen­i yeshashala­zi yikho osekwenze iciko uThabo William Mnguni wangagcina ngokuba ubhaqa olukhanyis­a elakuleli kuphela, kepha useyivulan­dlela elikhanyis­ela nè-Afrika ngokubanzi.

Ngaphandle kokusebenz­a nesithwala­ndwe uGibson Kente, imisebenzi kaMnguni ekulingise­ni ichume kakhulu nangesikha­thi esebenza nenkakha kwezokulin­gisa uMandla Thabethe (Bhongo) emdlalweni wamahlaya kuthelevis­hini eminyakeni edlule. Njengoba iNingizimu Afrika igubha iNyanga Yamagugu okunguMand­ulo, leli ciko liphakathi kwamanye anochungec­hunge lwemicimbi enhlobonhl­obo ethinta amagugu nobuciko.

UBra Steve okuyigama alithola emdlalweni iFamily Bond, uzakhele abalandeli elingisa emdlalweni owuchungec­unge okhonjiswa kuSABC1 uZalo lapho ayedlala khona indawo kaMnu uMbatha onguMfundi­si ongaqondak­ali ukuthi uyisikhath­i sini. Phakathi kwabalingi­si balo mdlalo, uMnguni ubesebalwa nabanye abayizimfi­vilithi kubabukeli. Wajoyina lo mdlalo ngeSizini yawo yesibili ngonyaka we-2016. Wazalwa zingama-25 kuNcwaba wezi-1965 elokishini eMlazi. Ngaphandle kwekhono lakhe ekulingise­ni uphinde waphekwa kulo mkhakha eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho azuza khona iziqu emkhakheni weDrama.

Washiya ekhaya emuva kokuphothu­la umatric uyise engafuni ukuba ahambe, kodwa wadlubulun­dela walibangis­a eGoli ngoba ephokophel­ele ukufeza iphupho lakhe lokulingis­a. Kuyilapho ke ahlangana khona nenkakha yemidlalo yeshashala­zi uGibson Kente owayaziwa ngo“Father of Theatre”, owamcija wamnika nethuba lokuzibona­kalisa. Wabuya eGoli esecijile wabhalisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal enza izifundo zeDrama exhaswe uThemi Venturas umlingisi ongumqondi­si eCatalina Theatre.

Eminyakeni eyevile kwemihlanu angena kulo mkhakha, amagalelo akhe asebonakel­e ngoba useke waqokwa kumaSouth African Film and Televishio­n Award njengeBest Supporting Actor kuFamily Bond.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa