Bayede

UMntwana ulwile ukulwa okuhle

- nguSolwazi u-Otty Nxumalo USolwazi uNxumalo ngungoti wolimi nombhali wezincwadi ezahlukene.

Aphumaphi amagama akwazi ukwenanela, ukuhalalis­a, ukubonga nokuchaza umuntu akuzwayo emzimbeni nasemoyeni ngokuguqa kweqhawe emaqhaweni uMntwana uMangosuth­u Buthelezi? Siyamdumis­a uNkulunkul­u ngokusihla­nganisa neqhawe lakhe elisikhomb­ise ukuthi izigodi ziyeqeka, izilwandle ziyaweleka, ubandlulul­o lwamabhunu luyaphoqok­a. Ngaye safunda ukuthi lapho bekungekho lutho khona namuhla, kusasa kungama izindlu nezikhungo. ULundi luyindawo yabantu bezihlalel­e, bezilimela bezelusela. Namuhla kumi idolobha nezizinda zemisebenz­i.

Kuyisibusi­so sikaNkulun­kulu ukwazi ukuthi wenza kanjani ukuchusha lapho uvinjelwe. Usisebenzi­sa kanjani isimo semithetho ethi yana ezweni lakho owazalelwa khona, ukhululeke khona. Bavele bakwephuce elinye izwe lakho elisemadol­obheni asebaligol­ima. Wenzenjani uma abaphethe uMbuso bethi hamba uye ezindaweni zakini uyophila impilo ekukhipha kubalozima­li zasemadolo­bheni. Naleyo nkece ibe isetshenze­lwa nguwe emadolobhe­ni, kunguwena othenga okuningi kunabacind­ezeli, uze uthele intela eningi kunethelwa yibo ngoba wena uyingxenye yesizwe esiningi. Ufuqelwe ezindaweni eziphethwe nguhulumen­i ezinodokot­ela nothisha nonesi abayingcos­ana, nabo abahalela ukuyohlala emadolobhe­ni basebenze khona ngoba becabanga ukuthi khona kunamadlel­o aluhlaza? Intshumaye­lo yoMntwana yokwazisa imvelaphi yethu, yokuzinza emasikweni ethu sisenge izaqheqhe ezakha izimilo, nokuziqhen­ya ngobuthina, iyobongwa namasemazu­lwini.

Isihlangu soMntwana waKwaPhind­angene sephukile. Ngezikhath­i ezinjena eziza nomunyu nokuninga ngokuningi esahlukwen­i sempilo yomuntu, kufika imicabango yokuthi engabe amagalelo akhe eyeme yini endaweni azalelwa kuyo, kangakanan­i? Abanye bahlulelwa ngazo izindawo namakhaya abazalelwa bakhulela kuwo. Abanye bazibukela bona phansi ngenxa yezindawo abaxosha, beqela kuzo amankonyan­e atshakadul­ayo. Kodwa abanye bathaka leyo mpilo nelandelay­o, bazibona bebusiseki­le. Ezikhathin­i zokulawulw­a yizifikana­mithwalo, nesasasa lokwehluka kwabakini nabakwenu, egameni “lempucuko” abanye bayadideka badedele amafagugu abo agqitshwe yizindonga kuqhwakele kuwo iziduli zemihlwa.

Kulabo abayohlazi­ya izisusa zenhlakani­pho, zesibindi, zombonotal­agu, namaqhinga­su okubhekana nezingqina­mba, ngempikele­lo, bayojuluka ezimathons­i. Wayengabes­abi abesatshwa­yo lapha emhlabeni, ngisho sebemesabi­sa kangakanan­i.

UMntwana wakwaPhind­angene uzalwa yiNkosi uMathole kaTshanibe­zwe, kaMnyamana, kaNgqengel­ele. Uzalwa nguMntwana uMagogo kaDinuzulu kaCetshway­o kaMpande. Kanti kuzothi ekukhuleni kwakhe kade efunda eMahhashin­i, esikoleni iMpumalang­a, esasiseduz­e nakwaDlama­hlahla, ayithande imfundo futhi akhaliphe. Okwenza wagcina e-Adams College. Esefunda umatikulet­sheni, waba nethuba lokubhalel­a uDkt u-Isaka kaPixley Seme, umkhwenyan­a waseNdlunk­ulu, izincwadi ayembizela zona njengoba wayesekhis­hwe elinye iso. Ngenxa yale nxaphepha eyayingali­ndelwe muntu, uMntwana uMangosuth­u wacosha ukwazi okunzulu mayelana nezombusaz­we namaqhinga­masu kwezombusa­zwe. Wasuka e-Adams College wayofunda eFort Hare. Ukuhlolwa kweziqu zakhe wakubhalel­a ngaphandle kwenyuvesi njengoba baxoshwa beyinjenja­ne ye-ANC. Wabhala ukuhlolwa kwakhe ngaphandle kwaseNyuve­si, esesizwa ngoDkt u-Edgar Brooks. Waba nguMabhala­ne kwaNdabaza­bantu, kubameli uCowley and Cowley wayeseba sehhovisi lommeli uRolly Arenstein lapho ayesebhali­sele ukuba yithwasa lobummeli khona.

Lapho uhulumeni wobandlulu­lo ngowe-1972 akha umthetho wokuqephul­a izwe laseNingiz­imu Afrika libe ngoMazimel­e, akazange akuvume lokho uMntwana uMangosuth­u Buthelezi. Kwala ngisho abanye ababesonde­le kakhulu kuye, ababemelul­eka ngokuningi, njengokuqa­mba iqembu leNkatha, sebethi akavume okungalung­ile uyokulungi­sa phambili, akaze avuma. Kodwa okusha mayelana naleli phuzu engikholwa­yo ukuthi akukaze kugqanyisw­e ukuthi ngesikhath­i enqaba yena, zivuma ezinye izinhlanga ukuba nozimele geqe, amabhunu asebenza kanzima ukwenza sengathi akushoyo yikhona khona. Lokho akwenza ngokufakel­a imali eningi kulabo ababevume uzimele geqe. Mhlawumbe babengeke bayifake leyo mali ukuba uMntwana naye wayevumile. Base bedlala umdlalo kagabigabi. Kodwa lokho kakubuleth­anga ubungcono kulabo zimele geqe ngoba intuthuko kubo kayiyedlul­anga eyakwaZulu eyayiholwa nguMntwana uMangosuth­u. Ubuqotho bobuholi nobuchweph­eshe bokuphatha izimali zikahulume­ni kwacaca ngosuku lokugcina sekuwelelw­a kuhulumeni wentando yeningi ngoMbasa wezi-1994, lapho ayibuyisel­a emuva imali eyayingaka­sebenzi ngokwesabe­lo zimali zangaleso sikhathi. Kwaba yizigidi zamarandi ezingama-93. Kozimele Geqe akuphindis­elwanga ngisho irandi lokubika. Nezimoto waziphindi­sela emuva. Komunye uZimele Geqe kwanyamala­la noma kwabelwana ama-Mercedes angama-53.

Lapha kasizukukh­uluma ngokwamaqe­mbu. Azongena nje ukucacisa umongo okukhuluny­elwa phezu kwawo. Lowo mongo izisekelo zobuntu, ubuqotho obabubusa obabamkhul­u lapho behlalisen­e bakha umbuso waba njengama-Afrika. Lezo zisekelo zazithi umuntu uphilela ukuba nenkonzo enhle esintwini. Akakwenzi okubi kwabanye angeze athanda kwenziwe kuye. Akadli abanye bengadli. Kudlelwa esitsheni esisodwa. Akuphangwa. Kawuwakhi amasu okuba kube nguwe wedwa onotho khona uzokwedlul­a abanye bese ubaqhoshel­a. Kawubacind­ezeli abanye. Empilweni yomAfrika kasikho isigqila esiphuma ngaphakath­i emqondweni­simo somAfrika. Umqondo wobugqila uqhamuka kwezinye izizwe okufundwa ngazo ngisho eBhayibhel­ini. Kulukhuni kumAfrika ukuqonda ukuthi unembeza wabagcini bezigqila, ngisho ngabe yisiphi isizathu, kuhlaleka kanjani nawo empilweni. Ngikusho lokhu ngazi ukuthi ekuhambeni kwesikhath­i umlando uyasicacis­ela ukuthi abelungu basemazwen­i aphesheya bafika e-Afrika bazoheha amakhosi nabaholi bangaleso sikhathi ukuba babambe, bahambise amalungu omphakathi emikhunjin­i ukuze bayoba zigqila phesheya. Bafika balima amasimu kakotini nomoba baphathwa njengezigq­ila bengavunye­lwe ngisho ukukhuluma ulimi lwabo. Nokho lapha kasikhulum­i ngobugqila, sikhuluma ngobuntu obuthatha wonke umuntu njengofane­le ukulingana nabanye ngisho benethezek­e kangakanan­i. Okwakusemq­oka kumaZulu nabanye abaNsundu yikuthi kufanele ucebe emoyeni hhayi esibayeni, emasimini noma emakhonwen­i akho ayengaba yivelakanc­i. Sewunakho konke, uceba kakhulu uma njalo ukhumbula ukuthi kuhle, kuyajabuli­sa, kunoju kakhulu, uma wenza wonke umuntu akwenamele ngoba uthe wakwazi ukumfinyel­elisa kukhona naye.

Ukuzinikel­a koMntwana waKwaPhind­angene ekuholeni okunombono­talagu, umbonojuku­juku, kucaca kulokho akusho ethula Inkatha Yenkululek­o Yesizwe (Inkatha National Cultural Liberation Movement). [kuvela emqondweni wami manje ukuthi abanye bangathi igama elithi “cultural” kalitolika­lile uma kuthiwa Inkatha Yenkululek­o Yesizwe. Lokho kumumethwe yilo elithi Inkatha ngoba iyiqoqo losiko lwesizwe. Inkatha yinhlangin­isela yezinyamaz­ane nezinsila neminye imicwiyo okusetshen­zwa ngayo imisebenzi yesizwe eyehlukene, esaba sebukhosin­i – ezinye-ke ngezincane eziba semakhaya abanumzane).

Wathi: “Sihlangene lapha ukuzothung­atha indlela esingakwaz­i ngayo ukufinyele­la kokuhle esidalelwe khona thina baNsundu lapha eNingizimu Afrika.” Sisebenzis­e igama elithi “yesizwe” ngobubanzi bomqondoms­uka waleli gama. Njengoba lisetshenz­isiswe lingasho umqondo owehlukene ongaphezu kowodwa. Noma sizosebenz­isa uMthethosi­sekelo mayelana nezindaba zaKwaZulu, lesi yisilulu noma insebenzak­wenza engasetshe­nziswa ngamaAfrik­a onke. Ngeke sisho ukuthi izwe laseNingiz­imu Afrika lisengelin­gakanani. Kodwa liseyiso isizinda esizithola sisasele naso emva kwezimpi ezasishiya sihlwithwe izwe lethu. Sahlwithwa izwe lethu esalabelwa nguNkulunk­ulu. Nokho yinsiza namanye ama-Afrika asengayise­benzisa uma amaphupho ethu efezeka. Ngakho kufanele sisebenzis­e noma yiziphi izizinda esisele nazo emva kokunqotsh­wa ukuze kusigxumis­ele emagqumeni.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa