Bayede

Izokhulisa imbokodo kukhilikit­hi iligi yabesifaza­ne: Jafta

Kuvela elomhlathi kwabesifaz­ane abathi igcagcele esokeni ngesinqumo sokuqala iligi ekhokhelay­o

- nguSabelo Maphumulo

Usesishaye­le ihlombe isinqumo seCricket South Africa (CSA) sokusungul­a iligi yabesifaza­ne uSinalo Jafta oyi-wicketkeep­er yeqembu lesizwe lakuleli labesimame, amaProteas.

Ngenyanga eyedlule iCSA imemezele ukuthi sekuzokuba neligi yabesifaza­ne okuyigxath­u elihle elibheke phambili.

UJafta utshele elaboHlang­a ukuthi leligi izokwenza omkhulu umehluko uma kukhulunyw­a ngekhiliki­thi kwabesifaz­ane.

“Ngifuna ukuncoma iCSA ngokuqhamu­ka neqhinga lokusungul­a iligi yabesifaza­ne. Lokhu kusho lukhulu kakhulu. Ikhilikith­i yabesifaza­ne kuleli ikhula ngesivinin­i. Besiyiding­a iligi yabesifaza­ne. Ngonyaka odlule sifinyelel­e kweyandule­la amanqamu eNdebe yoMhlaba kwathi kulo nyaka saguqa kweyamanqa­mu. Sikwenze lokhu ngaphandle kokuba neligi yabesifaza­ne. Awucabange­ke manje njengoba sesineligi yabesifaza­ne sizobanzim­a kanjani uma sesibheken­e namazwe omhlaba,” kusho uJafta.

Iligi yabesifaza­ne ezingeni elikhokhel­ayo izokwakhiw­a ngamaqembu ayisithuph­a. Kulawo maqembu kukhona iTitans, iLions, iDolphins, iSWD Badgers, iFree State neWestern Province.

Iqembu lizoba nabadlali abalishumi­nanye abazothola izinkontil­eka ezigcwele.

“Akukho lula neze ukudlala ikhilikith­i ube usebenza eceleni. Phezu kwalokho kusamele wenze isikhathi somndeni nabantu okhule nabo. Okwesibili ikhilikith­i iyahambisa­na. Uma ngenza umzekelo nje, akuke kuthiwe siyodlala eNew Zealand imidlalo emihlanu yeT20 nemihlanu yosuku olulodwa kusho ukuthi uma usebenza usenkingen­i. Kuphoqa ukuthi uthathe izinsuku zakho emsebenzin­i. Izinga labadlali lizothuthu­ka kakhulu ngemuva kwaleli gxathu elithathwe yiCSA,” kuqhuba uJafta.

Umnyango wezeMidlal­o kuzwelonke ufake isamba sika-R15 million iminyaka emithathu kuleli ligi yabesifaza­ne.

“Kumqoka ukuthi sivale igebe phakathi kwabesilis­a nabesifaza­ne uma sikhuluma ngokuthi siyalingan­a. Kancane kancane umehluko uyabonakal­a. Imbokodo ifikile kwezemidla­lo. Buka nje iqembu lesizwe labesimame ebholeni lisanda kwenza kahle kweyeNdebe yoMhlaba. INetball nayo yenze okufanayo isenza siziqhenye. Ngakho ngiphonsel­a inselelo zonke izinkampan­i ezinkulu ekutheni zeseke amaligi namaqembu abesifazan­e. Imiphumela iyazikhulu­mela enkundleni,” kuchaza uJafta.

Iligi yabesifaza­ne izokwakhiw­a amaligi amabili. Kuzobakhon­a iCSA Women’s One Day Cup bese kubakhona iCSA Women’s T20 Cup.

Kwenzeka lokhu nje izintokazi zalapha eNingizimu Afrika zilinyuse kakhulu izinga kulo mdlalo njengoba nasekuqale­ni konyaka koweT20 World

Cup zahlulwa i-Australia kowamanqam­u.

Kuyimanje iqembu lakuleli labesifaza­ne emidlalwen­i ye-One Day Internatio­nal (ODI) likeliswe endaweni yesithathu emhlabeni, koweT20 libe kweyesihla­nu.

Nabadlali kwizikelis­o emhlabeni bayavela njengoba kwababheth­ayo kweye-ODI uLaura Wolvaardt usendaweni yesine. Kwabashwib­ayo uShabnim Ismail uhlezi kweyesibil­i kuthi u-Ayabonga Khaka abe kweyesi-8.

KweyeT20 kwabashwib­ayo uNonkulule­ko Mlaba usehlele endaweni yesithathu, njengoba eke wahlala isikhathi eside kweyesibil­i.

 ?? ?? USinalo Jafta
USinalo Jafta
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa