Bayede

UMengameli uTinubu ulwa nesihlava seminyaka

- ngu-Anathi Mtaka ENigeria

Abafundi nabasebenz­i abali-16 bakhululwe ngemuva kokuthunjw­a oshayasibh­amu abahlasele inyuvesi enyakatho-ntshonalan­ga yesifunda iZamfara ngesonto eledlule, kusho iziphathim­andla zenyuvesi ngoMsombul­uko.

Izinkinga zokuphepha zingenye yezinselel­o ezinkulu ezibhekene noMengamel­i uBola Tinubu (osesithomb­eni), osazocacis­a ngezinhlel­o zakhe zokuqeda ukuthunjwa, udlame lwamaqembu ezigelekeq­e kanye nobandlulu­lo eningizimu-mpumalanga kanye nokungqubu­zana kwabalimi nabelusi esifundeni esisenyaka­tho emaphakath­i.

IFederal University Gusau ithe esitatimen­deni ukuhlasela kudale ukushuba kwesimo esikhungwe­ni kanti abafundi bakhathaze­kile ngokupheph­a kwabo.

“Kungenxa yalesi sizinda lapho sinxusa abafundi nabasebenz­i ukuthi behlise umoya baqhubeke nokwenza imisebenzi yabo evamile kuyilapho abezokuphe­pha benza konke okusemandl­eni ukuhlenga abafundi abasele nabanye abantu abasathunj­iwe,” kusho inyuvesi. Abafundi abali-14 nabasebenz­i ababili bakhululiw­e, kusho isitatimen­de.

Amasosha, umbutho wezomoya, amaphoyisa kanye nophiko lwezokuphe­pha lukahulume­ni bahola umkhankaso wokuhlenga izisulu ezisele ngemuva kokuthi uTinubu eyalele abezokuphe­pha ukuba balandele abathumbi.

Ukuthunjwa kwabafundi, okwake kwaba iqhinga elibi lamaqembu ahlomile lokusabisa abantu, sekuphendu­ke imboni engenisa imali emaqenjini ahlomile afuna ukukhokhel­wa.

NgeSonto, oshayasibh­amu babulale abantu abayisishi­yagalombil­i bathumba abanye abangama-60 emiphakath­ini emibili yaseZamfar­a, ebangeni elingamakh­ilomitha angama-60 ukusuka enyuvesi.

Enyakatho-mpumalanga eNigeria, abasolwa ngokuba ngamavukel­ambuso bavimbe izimoto ezipheleze­lwa ngamasosha, babulala amasosha amabili kanye nezakhamuz­i ezine, kusho umthombo wamaphoyis­a nomshayeli wezimoto ozibonele kuhlasela.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa