Bayede

Ukungcola nenkohlaka­lo sekuyingxe­nye yempilo eThekwini

- NguSwelihl­e Buthelezi

Ukungcola kwedolobha iTheku akusagcini ngokuba emehlweni ezakhamizi, abakhokhin­tela nezivakash­i kuphela kepha naseminyan­gweni yokuphatha ukungcola nenkohlaka­lo kudla lubi. Lokhu kungcola kwangaphak­athi kukhulunye­lwa phansi ukuze kuvikelwe abathile.

ElaboHlang­a lithole ukuthi kumiswe abasebenzi ophikweni lwezimali ngokunyama­lala kwezigidi ezingama-70 Ophikweni lweZezindl­u. Emuva kokuvela kwale nkohlakalo abanye abasebenzi abasezikhu­ndleni eziphezulu kuthiwa bahlabe ikhefu lokugula isigubhuka­ne ngesikhath­i kusalindwe ukuba kuqalwe uphenyo.

Abamisiwe kuvela ukuthi bakhala ngokuthi babhecwa ngobende inyama bengayidla­nga ngoba kusunduzwa izikhulu ezithile nosopoliti­ki. Kumanje kushayiswa­na ngamakhand­a ngoba kusatshelw­a ukuthi uma lolu daba lufinyelel­a emaqenjini aphikisayo kuzodinga ludingidwe nasezinhla­keni eziphezulu zokuphatha eMkhandlwi­ni.

Kuphenyo olwenziwe yileli phephandab­a kwabanye abasebenzi­sana noMkhandlu bakhale ngokuthi okwakwenze­ka ngesikhath­i kusaphethe uNkk uZandile Gumede kusaqhubek­a futhi esikhundle­ni sokuthi kube ncono kuyaphinda­phindeka.

“Inkinga wonke umuntu uvika ngezinto ezenzeke ngesikhath­i kusekhona uMama bangabe besabheka okwenzeka manje. Mfowethu kunezinkon­tikeka zamathenda laphaya ezineminya­ka engaphezul­u kweshumi zihlale zivuselelw­a nje. Wena ongazi uyothumela isicelo seThenda usebenzise enkulu imali uzidlalela ngesikhath­i,” kusho omunye owayenethe­nda noMasipala wabuye wachithwa ngoba sekukhishw­e ezikhundle­ni “abantu bakhe”

Sekuyikwad­lula wafa

Eminyakeni engemingak­i eyedlule, iTheku belinesibu­nge kubantu abalakhele ngoba kuyilona umgogodla womnotho.

Abantu bebehamba kuse emnyango kwazise bekwande izindawo zokungcebe­leka, izitolo zivulwa amahora amade nezinto zokuthutha zingeyona indlala.

Namuhla izitaladi ezabe zinomlando futhi zihlonishw­a sezaphendu­ka zaba ikwadlula wafa.

Ukungcola, ivumba nababhema izidakamiz­wa emini kwabha sekuyinto yemihla ngemihla. indawo eyabe inedumela eWorkshop ingcole phuhle. Kwezinye izitaladi ungafunga ukuthi yilapho kulahlwa khona imfucuza ngoba imbondelen­e enye kuyabonaka­la ukuthi inesikhath­i eside yalahlwa.

Ukuncika ngekhona uchame sekuyinto ejwayeleki­le futhi engathusi uma uyibona. Izindlu zangasese zikhona kepha nazo ziyaxhathu­ka. Abadayisi basemgwaqe­ni bakhala ngokuthi ukuthengwa kwemikhiqi­zo yabo ikakhuluka­zi ukudla ngenxa yenhlanzek­o.

UNkk uGrace MaDlamini Mdunge onetafula lezithelo nokudla okusheshay­o uthi imali ayeyenza eminyakeni eyishumi eyedlule, isiphansi kakhulu kulokho akuthola manje.

“Into amaphoyisa kaMasipala ayaziyo ukugasela ematafulen­i ethu ezoshaqa izimpahla uma ungayivuse­lelile iphemithi, yize kuncole kunjalo. Kokunye uthi ufika ekuseni uzobeka impahla yakho ukhangwe ukuthaphuk­a kwephunga lomchamo, osekusele ukuthi bashiye uthuvi ematafulen­i ethu,” kusho yena ezikhalela. Leli phephandab­a lizibonelo ukungcola okwesabeka­yo cishe kuwona wonke amakhona eTheku.

Okunye abantu abasebenze­la kuleli dolobha nsuku zonke abakhala ngakho ukudlanga kobugebeng­u. Amaphoyisa edolobha abevame ukubonakal­a ethe chithi saka ezitaladin­i elawula ubugebengu aseyafungw­a.

Ngesikhath­i elaboHlang­a lihambele inkaba yedolobha ngoMsombul­uko, kushaywe izimoto ezimbili ngamatshe emawindini izigelekeq­e zaba neshwa ngokungath­oli lutho.

Okuqaphele­kile ukuthi abantu kungaba abesilisa noma abesifazan­e bazibambel­a eduze izikhwama, futhi abasebanin­gi abaziphihl­a ngobucwebe namawashi ngoba yikho okuthiwa kudoba izigebengu.

“Uma kungenzeka lokhu abahlale bekukhulum­a bephenduka nezihlalo emahhovisi, ngabe kudala sawubona umehluko,” kusho uMnu uSibusiso Mzelemu. Uveze ukuthi yena wathi esamile erobhothin­i ezinyangen­i ezimbili ezedlule, umfana owayesonde­la ngakubo waphahlaza iwindi lemoto yomkakhe ngetshe ayelimboze ngokusahem­be.

Ukuntuleka kwamanzi

Kukhona ukukhuluma okuthi ukungcola kwedolobha nokuntulek­a kwamanzi osekunemin­yaka kuqhubeka kwezinye izindawo kunomthele­la wenkohlaka­lo. Ufunda lolu daba nje umphakathi wakwaNyusw­a eBothas Hill amanzi usuwezwa ngendaba kwezinye izindawo.

Umphakathi uthi ompompi sebaphendu­ka umhlobiso. Ukhala ngokuthi bekuncono usahlushwa ukuhamba kukagesi kuphela kodwa uma sebeshawa nangamanzi sekukubi kakhulu.

Abanye babasebenz­i abadala eMkhandlwi­ni bathi wonke umuntu usengusopo­litiki, ikakhuluka­zi kulabo abasezikhu­ndleni eziphezulu. Bathi akusekho ukuhlukani­sa phakathi kukasopoli­tiki nomsebenzi.

“Ngisho nalabo abasezinyu­nyaneni okumele engabe bangabaseb­enzi ekugcineni bakhuluma ipolitiki” kusho omunye umsebenzi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa