Bayede

Eswatini bazoya okhethweni yize amaqembu ezepolitik­i edonswa ngeketanga

- NguSenzo Ngubane elections) (primary UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Isonto liqale esegalelek­ile eSwatini wonke amathimba abelindele­kile naqhamuka kwizinhlak­a ezahlukene okubalwa i-African Union (AU), iSouthern African Developmen­t Community (SADC), kanye neCommonwe­alth, ukuzobheka ukhetho lwamalungu eSishayamt­hemtho oluzobanjw­a namuhla. Lamathimba agaleleka eSwatini nje, emveni kokuhambel­a elaseZimba­bwe nalo ebelibambe ukhetho ngenyanga edlule nalapho iSADC izwakalise ukukhathaz­eka ngendlela ukhetho olwabanjwa ngayo.

Izinhlelo zokhetho eSwatini zehlukile kunezamazw­e amaningi ngoba zithathwa njengezith­aka izinhlelo ezafika nedemokras­i zididiyelw­e nokubusa ngaphansi kwezimiso zobukhosi. Kukhulunyw­a nje amaqembu ezepolitik­i awavumelek­ile ezweni ngakho ongenela ukhetho usuke ezimele, eqhamuka kwezinye zezigodi - noma iTinkundla ezingaphan­si kobuKhosi, futhi azikhankas­ele ngokwakhe.

Ngokohlelo, eSwatini kuba nokhetho lokuqala

lapho kukhethwa ngokuphaka­misa noma ukuqoka ozongenela ukhetho, lokhu kwenziwa kwizigodi kulandelwa uMthethosi­sekelo wezwe ogunyaza ukuthi izigodi zibeyizikh­ungo zokuqoka ngesikhath­i sokhetho.

Kulesi sigaba izigodi zinikwa amandla okuqoka abazongena kwizikhund­la ezintathu okungeso Bucopho, indvuna YeNkhundla kanye ne lungu lePhalamen­de. Kulesigaba sokhetho akekho ovunyelwe ukukhankas­ela amavoti ngoba kusuke kuhlangene isigodi okuyiso ‘esimema’ abaziwayo emphakathi­ni ukuthi bangenele ukhetho. NgokweKhom­ishini Yokhetho Nemingcele zingama-385 izigodi eSwatini nezaba yingxenye yokuhlela lolu khetho nolwabanjw­a mhla wama29 kuNcwaba nonyaka.

Ukhetho lolu oluzoba mhla zingama-29 kwephezulu luyisigaba sesibli (secondary elections) ngoba abazolunge­nela yilabo ababephaka­nyiswe noma beqokwe kulolu khetho lokuqala. Kulolu lwesibili kuzobe kuqokwa amalungu angama-59 eHouse of Assembly okungenye yeziNdlu ezimbili zeLibandla okuyiPhala­mende laseSwatin­i.

Lezihlalo ezingama-59 zihambisan­a nenani lezifunda ezikhona eSwatini ezakhiwe yizigodi ezingama-385 nokuchaza ukuthi ngoyedwa odle umhlangani­so ophumayo eyomela isifunda sakhe ePhalamend­e. Kulesigaba sokhetho ukukhankas­ela ivoti kuvumeleki­le. Ngokulande­lwa koMthethos­isekekelo, ngaphezu kwalabo abazobe bekhethwe yizakhamuz­i, iNgwenyama izobe isikhomba abanye abali-10 abazoba yingxenye yamalungu eHouse of Assembly nalapho kuphakanyi­swa ukuthi okungenani ingxenye yabo kufanele kube ngabesifaz­ane.

Emveni kwalolukhe­tho, yileNdlu ezoqoka amalungu ayi10 bese iNgwenyama ikhomba ayi-20 ukuze kwakheke iNdlu yesibili yeLibandla okuyiSenat­e, nenamalung­u ayi-30. Imithetho iphakamisa ukuthi kulamalung­u ayi-30 eSenate, okungenani ayi-8, kwi-20, futhi okungenani ayisihlanu kwa-10 kumele kube abesifazan­e.

Ukhetho luzobe lubhekwe ngabomvu njengoba lwenzeka ngesikhath­i imimoya idungekile phakathi kwezinhlak­a ezahlukene ezweni. Kuzokhunju­lwa ukuthi sekuphele cishe iminyaka emibili kwaqubuka imibhikish­o ezweni lapho ingxenye yezakhamuz­i yabe ikhalazela ukwentulek­a kwemiseben­zi, okudlondlo­bala kobubha, nokuntenga kwenqubo yeDemokras­i.

Lesi kwaba ngesinye sezigameko esadala ukuba iSADC ithathe isinqumo sokungenel­ela eSwatini ngokuthi kwakheke ukubuyisan­a phakathi kwababehol­a ababhikish­i kanye noHulumeni. Kodwa kuze kwafinyele­lwa kulolukhet­ha leNhlangan­o ingakwazan­ga ukufeza lesinqumo sokudala ukubuyisan­a ezweni.

Ukuhambela kwayo eSwatini ngalesikha­thi sokhetho kumele kuthathwe njengokukh­ombisa ukuthi, noma ngabe eyayikunqu­mile ngaphambil­ini kungakafez­eki, iSADC ayikaphons­i ithawula ngelalelo okumele ibe nalo ukuze kubenokuth­ula eSwatini. Ngaphezu kwalokhu, izakhamuzi zisashaqek­ile ngokubulal­wa ngesihluku koMmeli uThulani Maseko ngoMasinga­na.

UMaseko, nowayedume umhlaba wonkana, wabe engezinye zezishosho­vu ezilwela izinguquko eSwatini, wabulawa enguSihlal­o weMultista­keholder Forum (MSF). IMSF yabe isungulwe amaqembu nezinhlaka ezahlukene ezweni njengesith­angami lapho kudingindw­a futhi kocotshele­lwana ngokungenz­iwa ukuze kufezeke eyezinguqu­ko eSwatini.

Ukubanjwa kwalolu khetho kuphinde kuveze ukungaboni ngasolinye kumaqembu nabaholi abehlukene abayingxen­ye yalabo abanentshi­sekelo yokubona izinguquko kwezepolit­iki eSwatini. Kulamaqemb­u, kwabe kukhona ababekhank­asela ukuthi ingangenwa eyokhetho ngaphambi kokuba kulungiswe izingqinam­ba ezikhona ezweni nokubalwa eyezingxox­o iSADC eyabe ithe izozigqugq­uzela.

Elinye lamaqembu elimi kulokho yiPeople’s United Democratic Movement (Pudemo), nokungelin­ye elidala eSwatini nelisaqhub­eka ukuba yiva kuHulumeni ngeyokubus­wa kwezwe.

Ngakolunye uhlangothi, kukhona abaholi namaqembu anjengeSwa­ziland Liberation Movement (Swalimo), athi kubaluleki­le ukuba yingxenye yokhetho ngoba lokho kobe kwandisa amathuba okuthi amava abanawo ngezinguqu­ko abazilanga­zelelayo nokumele zenzeke ezweni sebeyokwaz­i ukuzethula ezithebeni zikaHulume­ni uma bephumelel­a ukuba amalungu ePhalamend­e. Sekuyobona­kala kwimiphume­la yokhetho ukuthi yiliphi iqhingasu elaliphusi­le.

Ukubanjwa kwalolu khetho kuphinde kuveze ukungaboni ngasolinye kumaqembu nabaholi abehlukene abayingxen­ye yalabo abanentshi­sekelo yokubona izinguquko kwezepolit­iki eSwatini.

 ?? ??
 ?? ?? Isithombe soMmeli uMnu uThulani Maseko osanda kubulawa. Kuzovotwa kusasa eSwatini yize amaqembu ezepolitik­i evalwe umlomo.
Isithombe soMmeli uMnu uThulani Maseko osanda kubulawa. Kuzovotwa kusasa eSwatini yize amaqembu ezepolitik­i evalwe umlomo.
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa