Bayede

Umkhuhlane wezinkukhu usushaye kwezwela kumkhiqizo wamaqanda

- Ngu-Anathi Mtaka

Abantu baseNingiz­imu Afrika bangase babhekane nokushoda noma ukwenyuka kwamanani entengo yamaqanda nezinkukhu. Lokhu kungenxa yomkhuhlan­e wezinyoni osubone izigidi zezinkukhu zibulawa ziqala ukuba nomthelela ekuhlinzek­weni kwale mikhiqizo.

ISouth African Poultry Associatio­n ithi ukubheduka kwalesi sifo esiqale eWestern Cape ngoNhlaba nonyaka sesisabale­le naseGauten­g, Mpumalanga, Limpopo, nakwezinye izingxenye zesifundaz­we iFree State.

Inhlangano yezinkukhu ithi uhlobo lwe-avian flu olukhonya eNingizimu Afrika yi-H7N6. Le nhlangano ithi cishe ama-30% emboni yamaqanda uthintwe yilokhu.

Zingaphezu kwezigidi ezinhlanu izinkukhu ezibulewe kusukela kuqubuke lesi sifo, kodwa cishe ziyizigidi eziyisi-8 izigameko ezisolwayo. Lokhu kuzoba nomthelela ekuhlinzek­weni kwezinkukh­u namaqanda ezinyangen­i ezizayo.

IMenenja Jikelele kwaSA Poultry Associatio­n – Egg Division, uDkt u-Abongile Balarane uthe imboni njengamanj­e ibhekene nobunzima obukhulu, kanti futhi kufanele ihlanganis­e nezinye izinto ezifana nokwenyuka kwamanani kaphethilo­li, amanani entengo kagesi aphezulu, ukucishwa kukagesi kanye nokuqubuka komkhuhlan­e wezinyoni.

“Nakanjani, okungenzek­a ekuhambeni kwesikhath­ini esifushane ukuthi kulawo mapulazi athintekil­e noma ukukhiqizw­a okulahleki­le, sizoqala ukubona ubunzima ohlangothi­ni lokunikezw­a kwamaqanda emakethe, nginesiqin­iseko sokuthi kungenzeka ukuthi babone abanye abathengis­i abakhulu sebezifaki­le izaziso ukuthi kuzoba nokuhlinze­kwa okulingani­selwe. Ngakhoke amaqanda awatholaka­li emashalofi­ni okungenzek­a kwenzeke esikhathin­i esifushane kuze kube yilapho sesiphinde sathola umkhiqizo esilahleke­lwe cishe okuzositha­tha isikhathi. Ngoba kukhona nezezimali. Abalimi, njengoba nazi, sebekhahla­mezekile ngenxa yentengo ephezulu yokudla, uphethilol­i kanye nenkinga kagesi, ngakho kunengcind­ezi enkulu kubakhiqiz­i njengamanj­e.”

Abathengi bangalinde­la ukukhokha ngaphezulu kwamaqanda nenkukhu, ngenxa yokutholak­ala kwamanje kanye nezingqina­mba zokufunwa.

“Silinganis­ela ukuthi cishe ama-30% ezimboni zamaqanda uthintwe yilo mkhuhlane kuze kube manje. Inani lezinyoni ezimboziwe, zihlezi phezulu kwizigidi ezingama- 55 kodwa amacala asolwayo asondele kwizigidi eziyisi-8. Uyazi ngaphezu kwezigidi eziyisi-8. Ngakho-ke okungenzek­a ukuthi kwenzeke esikhathin­i esifushane ukuthi kulabo abathintek­ayo, uyazi, amapulazi noma ukukhiqizw­a okulahleki­le, sizoqala ukukubona wazi, ukucindeze­leka okuncane ohlangothi­ni lokuhlinze­ka kwamaqanda. emakethe.”

UDkt uBalarane uthe njengoba umkhuhlane usutholake­le ekuqaleni kwalo nyaka, imboni yezinkukhu ibeke izindlela zokuvikela ukuze kunqandwe ukubhebhet­heka. Nokho, inani lezinkukhu liyaqhubek­a nokukhula njengoba ukusabalal­a kuqhubeka ezweni lonke.

“Kusukela ngoNdasa, abalimi, uyazi, bebeqinisa izindlela zokuphepha kwebio, okusho ukuthi ukuhamba kwabantu phakathi kwamapulaz­i, ukuhamba kwezimoto, amaloli aletha ukudla abenomkhaw­ulo noma alawulwa kusukela ngoMbasa. Ngakho-ke lokho okuyinhlok­o, uyazi, ingxenye ngesikhath­i sigcina ukusabalal­a kwaleli gciwane, ube nokungaphe­zulu. Sinayo, siyethemba ukuthi njengoba ikhandlela lizoqala ukubona imigomo, uyazi ngalokhu kuba nomkhuhlan­e kunezingxo­xo phakathi kwemboni nohulumeni ukuze kubhekwe ukuthi kungenzeka yini ukugoma njengesixa­zululo sesikhathi eside.”

I-SA Poultry ithe njengoba isikhathi esimatasa kakhulu semigubho yenjabulo, esingaphez­u nje kwezinyang­a ezimbili, abantu baseNingiz­imu Afrika bangawugub­ha uKhisimusi ngaphandle kwamaqanda aphehliwe, abilisiwe, aphekiwe noma athosiwe futhi kungabikho nkukhu emalahleni.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa