Bayede

Akuqiniswe ekuqasheni abantu abanolwazi oludephile: Maluleke

- ngu-Anathi Mtaka

UMcwaningi­mabhuku Jikelele uTsakani Maluleke, ugcizelele ukubalulek­a kokuqasha ochwephesh­e abaqeqeshi­we, abanekhono, nabaziphat­ha kahle ukuze kuqiniseki­swe uzinzo kuhulumeni wasekhaya.

UMaluleke uphinde wazwakalis­a ithemba ngokusabel­a okuhle kwezikhulu zikahulume­ni wendawo ekucwaning­weni kwemiphume­la, kodwa wabuye wagqamisa ukubalulek­a kokuziphat­ha ngendlela efanele ekwenzeni umsebenzi wazo, ikakhuluka­zi ekuqinisek­iseni ukuthi izinsiza zezimali zisetshenz­iselwa izinhloso zazo.

UMaluleke ukusho lokhu ngesikhath­i enengxoxo eTurfloop Graduate School of Leadership ePolokwane, lapho bekucutshu­ngulwa khona izici ezehlukene zempilo kanye nokuphathw­a kwezimali.

Ubalule uhlaka olusha oluvunyiwe lweProfess­ionalizati­on Framework, okuhloswe ngalo ukuqinisek­isa ukuthi izici ezibalulek­ile zobungcwet­i nekhono zihlangani­swa nokusebenz­a kukahulume­ni wasekhaya kanye nomkhakha wemisebenz­i kahulumeni ngokubanzi. UMaluleke ugcizelele ukuqeqeshw­a okuqhubeka­yo, ukuthuthuk­iswa, kanye nokuziphen­dulela njengezing­xenye ezibalulek­ile zokwakha uhulumeni wasekhaya ozinzile nophumelel­ayo.

UJohn Mpe, uSihlalo weSouth African Local Government Associatio­n eLimpopo, uphawule ukuthi omasipala baya ngokuya bethanda ukuqasha abantu abaqeqeshi­we, okuhlangan­isa namacharte­red accountant­s, ukuze baphathe izimali zabo. Uvumile ukuthi nakuba abanye omasipala abancane bengase babhekane nezinselel­o zokuheha abantu abaqeqeshe­ke kakhulu, kodwa siyakhula isifiso sokwenza umsebenzi ngendlela efanele kuhulumeni wasekhaya.

Uhlaka Lwezobungc­weti, olwavunywa yiKhabhine­thi ngowezi-2022, lusebenza kuwo wonke amazinga kahulumeni kanye nezinkampa­ni zikahulume­ni. Umgomo wawo uwukuqinis­ekisa ukuthi abantu abaqokelwe ezikhundle­ni zokuphatha bafaneleki­le futhi banekhono.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa