Bayede

Liyahodlok­a izwe sibhekile, sophaphama kudala sekonakele

Yithi zakhamuzi okumele sibhukule siphakame kungenjalo sosala phansi kungasekho ukukhala

-

Kwake kwanenkulu­mo eyabe isikitaza njengesizw­e. Lenkulumo yabe ithi iNingizimu Afrika yizwe elihamba phambili. Ababesho njalo babebalula izinto eziningana nababezibe­ka njengobufa­kazi balenkulum­o. Esinye nje sezizathu kwabe kungumthet­hosisekelo wezwe ezabe zithi izimfundim­ane nosodemokh­rasi ‘uhamba phambili’ enhlabeni. Elakuleli ngenxa yalomqulu labe lituswa ngokukwazi ukuqinisek­isa ukuhlukana kwamandla phakathi kwabashayi­mthetho ephalamend­e, isigungu sokuphatha nesiholwa ngumengame­li wezwe kanye nezinkanto­lo. Okunye okwabe kuthiwa kuhamba phambili zinkantolo zakuleli okwakuthiw­a zijuqa kwasani okungakhat­haleli ukuthi umuntu loyo unasikhund­la sini.

Uhulumeni wedemokhra­si wabe unenjongo eyodwa kakhulu manxa kufika ngasohlang­othi lwababecin­dezelwe , aboHlanga. Inhloso lena kwabe kuwukuqaqa phakathi kokunye amakhamand­ela obubha, ukuninkeza iningi lezakhamuz­i zakuleli isithunzi esabe semukwe yimithetho kanjalo nohulumeni wobandlulu­lo. Lesi sithunzi sabe sisho ukuthi aboHlanga kuleli nabo bazoba yingxenye yomnotho kanjalo nengqalasi­zinda yezindawo ababehlala kuzo ilungiswe noma yakhiwe ibe sezingeni.

Namuhla ekhasini lesi3 sishicilel­e ukuwodloka kweTheku nokuyinto elihlazo kuhulumeni osiphethe nenhlamba kuzinkulun­gwane zabantu bakuleli. Lokhu kuwodloka akukho eThekwini kuphela kepha kukhona kuwo onke amadolobha

KwaZulu -Natal nasezweni jilkelele. Lezi yizinkomba nobufakazi bokuthi uhulumeni wedemokhra­si wehlulekil­e ukubuyisa isithunzi seningi lezakhamuz­i zakuleli uma kufika kwingqalas­izinda

Ngeshwa akugcini lapho ngoba nangasohla­ngothini lomnotho izwe liguqe ngamadolo. Indlala ezindaweni zakobantu iliqiniso lemihla ngemihla. Kuze kube yimanje imfundo nokuyinto emqoka ayikabi yisiqinise­kiso sokuthi umfundi loyo osegogodil­e uzoba wutho uma kufika kwezomnoth­o. Lesi simo sishabalal­isa amathemba abaningi. Esinye isimo esikhathaz­ayo kuleli yileso sobugebeng­u. Lesi sihlava kasikho nje kuphela kubantu okuthiwa ‘ baphansi’ kepha sikhona nakuzo izikhulu zikahulume­ni ezinukwa nsuku zaphuma.

Udaba lwegazi yilo elivala ibhayibhel­i. Kubi lapha phandle njengoba lesi simo singacijis­i nje imikhonto emiphakath­ini kepha sidlavuza nomnotho wezwe. Izisulu ezinkulu lapha ngaboHlang­a ezindaweni zakobantu. Emasontwen­i edlule elaboHlang­a libhale ngosizi olwembathe amabhizini­si aboHlanga emalokishi­ni nasemakhay­a lapho ugesi uke uphele nje izinsuku ezintathu kungabi ndabazalut­ho ngoba kakade akekho onendaba.

Zonke lezi zimo nezinye zikhomba ukuwodloka kwezwe. Zikhomba ingozi esiphikele­le kuyo nengalenza ekugcineni izwe leli libe ngumlotha. Kukithi zakhamuzi, kulele kithi ukuba silihlenge izwe leli ngokuba sibe yingxenye yokubuswa kwalo. Lokhu kusho ukuzibanda­kanya ngale kokhetho ezindabeni ezithinta izwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa