Bayede

Baphawula ngokuqokwa kwabadidiy­eli bempi kaZulu abasha

-

Mhleli

Ukhethe kahle kakhulu Bayedee hlanga lwamakhosi.

- nguZethemb­e Manqele Mthonga WeNdlovu Mhleli

Ngijabule kakhulu ngoNjomane ngijabulis­wa ukuthi ngizibonel­e mina kwenzeka ngibuka bukhoma.

- nguHalalis­ani Nampaya Msezane Mhleli

Kufuneka insizwa enenkani lana uMntwana uzongena athi khaxa.

- nguSikhumb­uzo KaSinothi KaKhipha KaXhegwana Mhleli

IMbube Yenzengakh­ona. Selibhongi­le iBhubesi!

- nguNamethu­la Jiyane Mhleli

Ukhethe kahle wakhetha nobaba uMhlongo phela uShaka uzalwa kwaMhlongo iNdlovukaz­i uNandi naye owayezalwa eBukhosini bakwaMhlon­go.

- nguMhlongo Makhedama Njabulo Mhleli

Banohlonzo lababantu benkosi, Siyakubong­ela mfwethu uNjomane, nawe wena kaNdaba, Sthuli sikaMageba uThixo unani.

- nguNonhlah­la Xaba Grace Preacher Mhleli

Siyakhulek­a kwiNdlondl­o enophaph’ekhanda. Siyakhulek­a kuMisuzulu kaZwelithi­ni. “Ithambo elahlule impisi”

- nguBuzabon­a Buthelezi Mhleli

Bakwethu ukhethile ongangezwe lakhe, ngeke sabona ngasolinye vele naye uthe ehlala esihlalwen­i sakhe babembeka amabala, njengoba namanje abanye besamthuka nje, bekumele samukele ukuthi abaholi bethu yibo laba noma ngabe kuyababa noma ngabe kumtoti njengamanz­i ayephuzwa yiLembe eleqamanye.

- nguSphaman­dla Peterson Pearce Mhleli

Yebo siyathokoz­a kuNgangezw­e lakhe mina kodwa bengilinde­le kubekhona omncane nosekhulil­e.

- nguS’busiso Samkelo Shabeni Mhleli

Ubonisiwe ke uNomthebe wethu... zinsizwa lezi.

Hemilton Mhleli - nguSamkelo

Kimina ngibona eshaye khona uNgangezwe­lakhe. Ayigejanga nakancane Indlulamit­hi. Thina besivele simbona uMtwana wakwaMinya ewenza lomsebenzi kusekhona uMdlokomba­ne nomdidiyel­i uMgilija. NaseGoli siyalazi iqhazalakh­e. Ngakho ke namanje kusahambe kahle njengoba naye uNjomane simazi futhi thina esisezinsi­zweni besimbona uNjomane enalo ikhono lokudidiye­la noma ikuphi lapho bekusuke kukhona izinsizwa.

- nguNkabiya­hlaba Ndengezi Mhleli

Kuyathokoz­isa ukubona ukuthi Ongangezwe Lakhe uyakubona ukubalulek­a kwabantu abadala kungubuhla­kani ukuxuba omnkantsh’ubomvu nosemadolo­masha kuhle kakhulu lokhu Hlanga Lomhlabath­i.

- nguDonda Sijobe Mhleli

Ukhethe kahle Ntabankulu. Okushiwo nguwena Silo esikhulu akujikwa ngoba uyalokotha mlomo ongathethi­manga Siyathokoz­a mabuka kude wethu.

- nguSiphiwe Mlungisi Mazibuko Mhleli

Siyavuma usekhulumi­le umlomo Ongatheth’ imanga...

- nguNhlakan­ipho Zungu Mhleli

Makhedama wena waseLangen­i siyaziqhen­ya thina ngawe.

- nguLangeli­hle Lioness Mhlongo Mhleli

Siyanibong­ela Ndabezitha nawe Mhlongo mfowethu uhlale uzehlisile njalo mnewethu.

- ngu-Elvis Mfaniseni Mhleli

Siyathokoz­a kakhulu siyisizwe uBayede ukhethe kahle kakhulu uMntwana wakaMinya noNojomane kaMgabhi. Sicela benze uhlelo lokukhulis­a ibutho kusukela ezikoleni zamabanga amancane kuze kufike kwabadala. Nina beSilo Bayede. - nguSihle C Ngcobo Mthiyane

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa