Bayede

Ubuso bubodwa buxoxa indaba ngobuhle

I-Eseyi Abanye ubuhle babuveza ngokuqhina amakhanda, kubhala uMuntu Xulu

- Silandele kwezokuxhu­mana @bayedenews - Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

Nawo-ke amaduku athwalwa ngendlela yezimfashi­ni, ngoba phela nazo zikhona. Angithi omame bamaXhosa baneyabo imfashini yokuthwala amaduku, ngisho nomame bamaOvambo eNamibia baneyabo imfashini yokuthwala amaduku. Zonke izizwe abesifazan­e bazo banezimfas­hini ngezimfash­ini zokuwathwa­la.

Uthini-ke uma sebeziqhin­ile izinwele zabo, bazenza izinsongol­olo kuhle okwamashon­gololo. Uma umbheka umuntu wakhona ufice ikhanjana seliyimbok­ojwana enezindlel­a eziklaywe kahle esengathi yilamafu okuthiwa abikezela isifo, lana afana namagagasi. Ungakhohlw­a-ke ukuthi lezizinhlo­bo zokuqhina zinamagama ezibizwa ngawo.

Kukhona umqhino abathi yisiBhaca, kubekhona obizwa ngokuthi izimpondo, kubekhona okuthiwa uMorobozo, nalona-ke osemfashin­ini abathi yiCrochet. Wo, bababahle badele uma sebeqhinil­e abesifazan­e boMdabu.

Ukuqhina kwabo kuyabakhan­ga abesilisa kangangoku­ba abanye babo sebeyaqhin­a nabo, bathi phela benzela ukuba izinwele zabo zikhule zibezinde.

Ebusweni phela akusaphath­wa, yibona obuyinkund­la yomncintis­wano nokuqhudel­ana nokuphikis­ana ngobuhle. Yilapho abesifazan­e bezibona khona ukuthi bahle, bathatha ikhekhe.

Yilapho imiholo iphelela khona ngenxa yokuthenga imikhemisi nezinongo nokhilimu ngezinhlob­o zabo. Abasemabho­dleleni nabasemako­pini nabasemath­unjini, abayisijin­gi nabawukets­hezi. Kulaba okhilimu abagcotshw­a ebusweni kukhona abasebusuk­u kukhona nabasemini.

Ukwedlula lapho, sekukhona izindawo ezibizwa ngokuthiwa yizitudiyo lapho kulungiswa khona ubuso babesifaza­ne, izinwele zabesifaza­ne, nalapho benikwa khona amasu okuhlala bebahle njengezimb­ali eziqhakazi­le ezinephung­a elimnandi elidonsa inyosi izedlulela.

Kulezizitu­diyo kukhona ochwephesh­e nawompetha ekwenzeni ubuso “obenziwe” ukuze umuntu abe muhle.

Angikhohlw­a mhlazane umkami ayevela kwesinye salezizitu­diyo kade eyokwenziw­a muhle, ukuze ubuso bakhe bukhange — enganginga­zi ukuthi wayebusola­ni, lokhu muhle noma egcobe uvaselina nje uwodwa.

Wabuya enje: amashiya ayependwe ngensizi emnyama khwishi, aze athi ukudonswa lapha emachoshen­i awo enza into esengathi umsila kafezela ukugoba. Izinkophe lezi zizinde njengamash­oba amnyama futhi zigotshelw­e phezulu lezi ezingenhla kwamehlo, ezingezans­i zona zigotshelw­e ezansi.

Lapha ezigobheni zamehlo kuluhlaza uhlaza oluthe cwe, lapho ungafunga uthi amehlo kaqhothets­heni okhanda liluhlaza. Kuthi lapho ecimeza, ufice esengathi ubheke ngamehlo aluhlaza, kuthi lapho ewavula amehlo kube sengathi yimibala iyaguquka lapha ezigojeni kuhle okwemibala yenhlwathi isisondela kumuntu efuna ukumgwinya. Lapha ezihlathin­i wayegcotsh­we ngesikhuph­a esibomvu, esengathi kwakungase­yizo izihlathi zakhe zesidalo kwase kungotamat­isi abavuthiwe, esengathi zizoputshu­ka uma ngizibamba.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa