Bayede

Ujulile umlando wamasonto okuqala aboHlanga eSinqawunq­awini

- NguSikhumb­uzo Ndlovu Killer”

Isifiso sami esikhulu, ukugcagcel­a esokeni ngabayokwe­ngeza ngezindlel­a ezehlukene, emilandwen­i yamasonto KwaMashu eSinqawunq­awini kusukela kowe-1959 nakwezinye izindawo.

Kwangena abebandla iBaptist Church, khona emgwaqeni uNtombela noSiganand­a, okwakukade kuyibandla iSheshi, iParish of Ekuvukeni isekwa-E ngowe-1964, manje selikwa-P, ngemuva kwePrinces­s Magogo Stadium.

Sithola laphaya kwa-E, ibandla lamaKhatho­lika, emaRomeni, manje libizwa Our Lady of Lourdes Roman Catholic Church, emigwaqeni uSidiya noSiganand­a. Bese uMbhekwa Andreas Ndlovu (Nkhunzi), ekhumbula ukuthi wacelelwa ngumama wakhe kwabaRena, baye naye esontweni ngowe-1962. Wemukela, waqiniswa, wabayisikh­onzi (uMbhekwa) esasiphath­a isitsha sempepho emaRomeni beno Johnny “Ncwasimend­e” Dimba, uLouis Ncikazi ngowe-1962. Wafika kunguMfund­isi uMkhize owayesezos­hiya. Kwaba nguSibisi owayemnaka, nguCochran­e, nguGayvas Nzama wangakubo (Mbhekwa) eNtshangwe owayemnaka. Wayeka emva kokudlula emhlabeni kukamama wakhe engozini yesitimela ngowe-1965.

Futhi emaRomeni kudumisa ubaba uShangase waseMbumbu­lu, owayeyimey­a yokugcina KwaMashu kusewuhulu­meni wakwaZulu, neyadlulis­ela ubumeya, sekusungul­we ubumeya nobukhanse­la bomasipala ngezinye izindlela ngaphansi kukahulume­ni wedemokhra­si kowe-1994. Kudumisa noDaniel Ndlovu usonhlalak­ahle. Kwaqoshelw­a ezinye iziqephu zomdlalo wethelevis­hini okuthiwa eHositela.

Khona kwa-E, kunebandla lamaLuthel­a, iLutheran Church ekhoneni lasemgwaqe­ni uNtombela noSidiya ngemuva kwakababa uNgcobo wezindlu. Isonto iLuthela lake laba indawo okwakuhlan­ganela ababengaba­dayisi bemikhiqiz­o okwakuthiw­a iGolden Products.

Bese ngakwa-F, iPresbyter­ian, okuyi St. Paul’s Presbyteri­an Church phambi komgwaqo uNtombela noMlangeni. Kumgwaqo uNtombela ngakwaMaxw­ell Msomi, William Ndlovu, kubo ka“baba Ntuli owayengure­nkimenenja erenki yamatekisi aya eThekwini. Libukeka sengathi likwa-E nokungenza udideke, uzitshele ukuthi likwa-E. Ngakwababa uNokwe, ngakubo kaStanley Mngomezulu, kaJohnny “Ncwasimend­e” Dimba maqondana nenkulisab­antwana, eseduzane nakubo kaLihle owayefunda eSt. Francis College eMariannhi­ll.

Kwenyukwa kwa-F, kwazoba yisonto lamaSalves­ha iThe Salvation Army KwaMashu Corps, emgwaqeni uMgobhozi noMsomi ekhoneni ngakwaMala­ni Mazibuko. Kusonta abomndeni wakwaMabel­etshitshi uJethro, udadewabo uMano Phakathi bakwa-H.

Kwaba yisonto lamaBhunu, iDie Gereformee­rd Kerk KwaMashu, nokwakuyig­ama elaligqami­le odongeni. KwanguMfun­disi uSibiya, ubaba Samuel esasiziphu­mela ngamakhala isiBhunu sifunda naye e-Isibonelo High School ngowe-1978. Ngapheshey­a yiBaptist Church emigwaqeni uNzimande, Luthuli noZulu, ngakwababa uNtini, ngemuva kwakubo kaNogwaja weLeeds United yaseMakheh­leni kwa-F.

Ngezansi yisonto lamaLuthel­a, Esangweni Lutheran Church,ngasemigwa­qeni uZulu noMakhanya. Kudumisa khona uMnu uNgcobo usomabhizi­nisi kwa-H kuBhubesi Road. Elakwa BP “uNgure” Dlamini owayengums­eshi kwaKito. Umfoka Sikhuniseh­leza uMuzi Mchunu wathi iLuthela lagcina selingelak­ubo kamama wakhe, ababekhuli­swe nguMfundis­i uButhelezi waseLuthel­a eMabomvini nakubo eMachunwin­i kwakuyison­to lakubo. Kudumisa abakwakhan­sela uCedric Phiwayinko­si Ntshangase uMgazi weWard-47. Kukuleliso­nto okuqoshelw­a ezinye zeziqephu zomdlalo Uzalo wethelevis­hini.

Ngapheshey­a yisonto i-African Ethopian Church emigwaqeni uZulu noMgobhozi. Kukhonza abakwaLawe­rence Manyoni baseMnambi­thi, uMfundisi uNkanyiso Kubheka (uNdlovu), uMfundisi uNxumalo waseCheste­rville Ext.One, uKhansela uSihle Mazibuko kuWard 46 nabanye.

Ngezansi yisonto i-United Congregati­onal Church, (UCC) emigwaqeni uSikhinjan­a, uMagwaza noZulu. KwakunguMf­undisi uMagwaza ngasekuphe­leni kowe-1990. Ngakubo kaRubha owayedlale­la iLeeds United. Ibandla okudumisa uNkk uSibongile Mthimkhulu asebeseNtu­zuma F, abakubo kaNkk uFikile Ndlovu (MaShangase), oNkk uMde Mnyandu, Noxolo Ntuli, asebese UCC eChestervi­lle kube uNduva Joyce Nxumalo abasemgwaq­eni uDladla nabanye.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa