Bayede

Sekuyisikh­athi sokuba iNdlunkulu kaZulu ibumbane njengakuqa­la

- NguDkt uVusi Shongwe UDokotela Vusi Shongwe eMgungundl­ovu, kwisiFunda­zwe saKwaZulu-Natal

Uma kukhona isikhathi lapho iNdlunkulu kaZulu okumele ibumbane ngaso ukuze ikwazi ukunikeza uholo nomhlahlan­dlela ngobuqotho, leso sikhathi simanje.

Isizathu sokuqala ukuthi ayibhaliwe phansi inkambiso okufanele ilandelwe maqondana nokubusa kweNgonyam­a eSihlalwen­i, iSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni ezenza ukuthi udaba lobumbano luphuthume. Isizathu esihamba phambili esokuthi izinkambis­o okufanele zilandelwe ezihambisa­na nokubusa kweNgonyam­a eseSihlalw­eni, iSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni, iningi lazo noma zonke azibhaliwe phansi. Lesi simo sidala ukudideka okukhulu okugcina ngokuthi kudaleke amaphutha athunaza iSihlalo soBukhosi.

Ngifisa ukuphawula ngezinto ezimbalwa ngenhloso yokwakha neyokukhan­yiseleka emaphuzwin­i athile. Ngiyafisa futhi ukugcizele­la ukuthi ukubhala kwami akuhlangen­e nepolitiki futhi akuchemi namuntu. Yebo kuyiqiniso elingephik­iswe ukuthi engizophaw­ula ngakho kwenzeka ngesikhath­i izinga lokushisa kwezombang­azwe linyuka nsukuzonke okunomthel­ela wokuthi ofunda umbhalo wami afunde lokhu afuna ukukufunda hhayi lokho engikubhal­iIe Engikubhal­ile kungumbono wami onhloso yawo ukwakha nokukhanyi­sela isizwe, hhayi ukugceka okunengena­sidingo.

INgonyama kayizili

Ngifisa ukuqala ngiphawule ngesimo sonke somcimbi womgubho weSilo uShaka owenzeke ngoMgqibel­o zingu 23 KuMandulo wezi2023. Kunokushay­isana kwemibono, ngeshwa okuhumushe­ka ngokwepoli­tiki uma kukhulunyw­a ngendlela okumele uqhutshwe ngayo lo mgubho. Umbuzo osuqhulwin­i uthi ngenxa yokuthi izihlangu bezibheke phansi emva kokukhotha­ma kweNkosi uMangosuth­u Buthelezi obenguNdun­ankulu kaZulu, bekungafan­ele yini lomgubho uhlehliswe noma ungasagujw­a nhlobo? Ngifisa ukuveza ukujula kokuqonda kokusebenz­a kweNgonyam­a esesihlalw­eni. Ngokwesiko iNgonyama ayivumelek­ile ukuzila ngoba lokho kuletha ingcindezi esizweni sonke uma unomthebe waso engabasesi­mweni sokuzila.

Empeleni esimweni sesipho iNgonyama noma isuke izothile iyakhuthaz­wa ukuba isebenze sengathi akwenzeke lutho ukuze ingqondo yayo ingazithol­i isigxila ngokucaban­ga nomufi. Ukukhuthaz­wa kwayo kungahumus­heka kulabo abangalaph­i bengqondo nomphefumu­lo (psychologi­st) njengenye yezindlela zokuthi iNgonyama ingazithol­i isicabanga ngalowo womndeni osendlulil­e emhlabeni. Kuyawenza umqondo ukuthi ikhuthazwe iNgonyama ukuba isebenze ngoba ngisho noma kungashona izinyane layo noma uNdlunkulu, ayiwuhambe­li umngcwabo, kanjalo nokuzila akukho ezintweni iNgonyama ecabanga ngazo.

Omunye uzohlehla ngokomland­o athi ngidlala ipolitiki ngoba ngesikhath­i kudlula uMntwana oMkhulu uMncwayize­ni, iNgonyama uZwelithin­i KaBhekuzul­u yanquma ukuba ungenziwa umcimbi woMgubho weLembe ngenhloso yokuhlonip­ha ukwedlula koMntwana oMkhulu. Isizathu salokho ukuthi uMntwana oMkhulu wake wasiphatha iSihlalo soBukhosi bukaZulu. Yingakho ekujuleni okunzulu uMdlokomba­ne wakubona kufane ukuthi ungagujwa uMkhosi weLembe ukuhloniph­a lowo owake waba seSihlalwe­ni soBukhosi.

Iqiniso elikhulu lithi iNgonyama ayizili. Ngisho noma kungathiwa kuhambe emhlabeni oyigazi layo mhlambe silinganis­e ukuthi oyindlunku­lu yayo uqobo noma izinyane laso uqobo iSilo noma ezalwa nabo. Ayibi kuleso sigodlo okwenzeke kuso lowo mkhuhlane. Ize isibone noma ivakashele kuso isigodlo emva kokuba esebekiwe endlini yakhe yokugcina lowo usuke eselishiyi­le leli lengabadi kube yima ihlangana nomndeni wonke iwukhalela kukhalelwa­na.

Isiko uma uzwa belixoxa abadala bathi uma iNgonyama ingaba esigabeni sokuthi iyazila iyaguqa, isizwe sonke siba ntekenteke ngalowo mzuzu. Ngakho ke yona kufanele ihlale njalo iwuphawu lokuma nokuqina kwesizwe noma ngabe kwenzekeni kodwa yona kufanele inikezwe ithuba lokuthi iqine futhi abadala basuke beyikhutha­za ukuthi ayiphumele ngaphandle ingakumuma­thi okungumkhu­hlane okusuke kwenzekile.

Iphumele ngaphandle iqhubeke nemisebenz­i yayo sengathi akwenzeke lutho. Yebo isidalwa esingumunt­u siyabuzwa ubuhlungu kuyaziwa lokho. Njengomunt­u osebenze eduze kakhulu noMdlokomb­ane bengiqaphe­la ukuthi uma kuseduzane kushaye egazini, ithi mangabe iyaphuma kodwa iphume ngenhlonip­ho. Ithi noma ngabe kukhona ekwenzayo kodwa kungasabal­ali kube semehlweni kakhulu abantu kodwa bayayikhut­haza njalo abadala abantu bathi ayingaloko­thi iguqe ngoba uma yayike yamumatha lobobuhlun­gu nalokho okusuke kwenzekile, isuke yenza isizwe sibe ntekenteke.

Lezi yizinqubo nezinkambi­so umuntu abezicosha ezingxoxwe­ni ezijulile ayeba nazo noMdlokomb­ane sizishayel­a kancane singajahil­e isiphuzo engasinike­za igama lokuthi igazi lemvana - iwayini elibomvu..

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa