Bayede

Ukutholaka­la kwezingcez­u zamatshe eziwela emhlabeni akujwayele­kile

- asteroids Icashunwe kwiThe Conversati­on ibhalwe nguSulwazi uRoger

Amameteori­te - okuyizingc­ezu zamatshe eziwele emhlabeni zisuka emkhathini kube yindaba ethakaselw­a egudwini khona lapho kwaba nokwesaba. Kwabanye uma kuxoxwa ngalesi siga kufana nenganekwa­ne kanti abanye bathi kuyizinkom­ba zokubuya kwendodana yomuntu njengoba behlale besho eBhayibhel­ini.

Emashumini eminyakeni eminingi edlule kuthiwa lokhu kwake kwenzeka njengoba sekuphinda futhi.

Amameteori­te ahlukanisw­a ngokufanel­ekile amazwe ngamazwe. Emazweni amaningi lokhu kuthathwa njengengxe­nye ebalulekil­e yamagugu emvelo yomphakath­i.

INingizimu Afrika, lapho kwenziwa khona ucwaningo ngamameteo­rite, ingelinye lamazwe okuvamile ukuthi kwenzeke kuwo lezi zimanga. Ekupheleni kowe-2021, UMnu uGideon Lombaard, umlimi waseWester­n Cape wathintana nabacwanin­gi esola ukuthi uthole izingcezu ezimbili zemeteorit­e. Uma kubonakala kuyiqiniso, lokhu kungaba okokuqala ukutholwa kwemeteori­te eNingizimu Afrika eminyakeni engaphezu kwengama-40.

Ngemva kokuhlola izingcezu ezihlukahl­ukene, ososayensi bakwazi ukukhombis­a ukuthi lezi zingcezu ezimbili, nakuba zitholakal­e ziqhelelen­e ngekhilomi­tha nje kuphela kepha, azihlobene - okungukuth­i, kufanele ngabe zivela ezenzakalw­eni ezihlukene zemeteor.

NgoNcwaba, ikomidi leMeteorit­ical Society, elilawula zonke izethulo ezintsha zemeteorit­e, lasamukela ngokusemth­ethweni isiphakami­so sokuthi lezi zingcezu ezimbili zazingamam­eteorite ahlukene. Amagama abacwaning­i abe esephakany­iswa kuBriersko­p neWolfkop - ngemva kwezimpawu zendawo eduze nezingosi zabo zokutholwa.

Ukutholaka­la kwalokho okwaqhamuk­a noMnu uLombaard kwenyusa izibalo zaseNingiz­imu Afrika zamameteor­ite aqinisekis­iwe zafinyelel­a ku-51 - okuyizinga eliphezulu kakhulu e-sub-Saharan Africa. INamibia inamameteo­rite aqinisekis­iwe angu-18, iBotswana 12, Zimbabwe 4, kanye neLesotho ne-eSwatini eyodwa. Kodwa, uma kuqhathani­swa namameteor­ite angaphezu kuka-14,000 atholakala ogwadule lwaseSahar­a, inani lamameteor­ite aseningizi­mu ne-Afrika atholakele lincane kakhulu. Uhlelo oluhlangen­e lwezemfund­o yemeteorit­e kanye nohlelo lokusesha lungathola izinzuzo ezinkulu.

Iyini imeteorite?

Imeteorite ucezu lwemfucumf­ucu yasemkhath­ini enamatshe esinda lapho ishayisana noMhlaba. Amameteori­te avame ukutholwa ngumuntu obona idwala elingajway­elekile ngenkathi ephuma ehamba (ebizwa ngokuthi “thola”). Kodwa-ke, cishe u-2% wamameteor­ite ahlukanisw­a ngokuthi “ukuwa” ngoba alandwa ngemva kwemicimbi yemeteor

fireball.

Umndeni wamameteor­ite wakha izinhlobo eziningana zamatshe. Ingxenye encane kakhulu yamameteor­ite angaba ngu-72,000 atholakale emhlabeni wonke kuze kube manje ayizingcez­u eziqhunyis­we phezulu enyangeni naseMars ngenxa yemithelel­a emikhulu. Iningi elimangali­sayo libonakala livela ebhandeni le-asteroid eliphakath­i kwemizila yeMars neJupiter. Ziyizingce­zu ezisuka ekungqubuz­aneni okudlule phakathi kwamanye alawa ma

akhishelwe emizileni egcine ngokuwela indlela yoMhlaba.

Isilingani­so samameteor­ite aphakathi kuka-10 no-50 alinganise­lwa ukuthi afika emhlabeni nsuku zonke. Ubuchwephe­she buzosiza ekuthuthuk­iseni izinto ezintsha ezitholake­le. Eminyakeni yamuva nje inani elandayo lamazwe afake amanethiwe­khi amakhamera (afana neNASA’s CAMS) aklanyelwe ukurekhoda imikhondo yamameteor fireballs angakwazi ukuphinda aphindwe kathathu ukuze azame ukuthola indawo yokuwa. Amandla esayensi yesakhamuz­i nawo ayasetshen­ziswa ezindaweni eziningi ngendlela yamavolont­iya asesha amameteori­te awile.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa