Bayede

Kuvuke impethu endala yokucwaswa kwabadlali boHlanga phesheya

NguSwelihl­e Buthelezi

-

Ukucwaswa kwabadlali boHlanga emaqenjini aphesheya kwezilwand­le kuthathe elinye igxathu ngesikhath­i isihlabani seNapoli uVictor Osimhen evele waphukula wangalibhi­yozela igoli lakhe.

Kulo mdlalo wangoLwesi­thathu iNapoli ibibhekene ne-Udinese. Kuyiwa kulo mdlalo nje u-Osimhen ubengaphan­si kwengcinde­zi emuva kokuba ehluleke ukushaya iphenathi emdlalweni wangempela­sonto bebhekene neBologna. Emuva kokuhlulek­a ukubhakuzi­sa inethi, ozakwabo eqenjini bamhlekile kwaba khona nabakhulum­a amazwi anokucwasa. ividiyo yakhe ebonakala ehluleka ukushaya igoli isabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abalandeli bephawula ngokuhluka­hlukana.

Lesi senzo simcasule kakhulu lo mdlali okuvele nokuthi uvele usefuna ukulishiya leli qembu ngenxa yokungabon­i ngasolinye nezikhulu zalo nabanye ozakwabo.

Kuvela ukuthi kube yilo iqembu elisabalal­ise ividiyo yakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kule vidiyo kubonakala abanye abadlali befa yinsini, abanye bembiza ngomnqolo. Lesi senzo sivuse ukukhuluma kweminyaka ngendlela abadlali boHlanga abahlukuny­ezwa ngayo emaqenjini aphesheya. Emuva kwale vidiyo u-Osimhen usabise ngokuthi uzothathel­a iNapoli izinyathel­o zomthetho.

U-Osimhen ungumdlali oyisethenj­wa kuNapoli futhi ubambe iqhaza elikhulu ekutheni leli qembu liphinde likhale lemuke nesicoco seSerie A ngesizini edlule okwesithat­hu kuphela emlandweni. Lo mdlali uhlonishwa kakhulu eNigeria okwenze lesi senzo sathukuthe­lisa neligi enkulu yakuleliya lizwe.

Kwelakubo usezingeni labadlali bomhlaba njengoLion­el Messi nongasekho uDiego Maradona. Ukufaniswa kwakhe noMaradona kwafakazel­wa nawukuthi abalandeli bamjabulis­e ngezingoma ebezigcine­lwe uMaradona. Kepha ubudlelwan­o phakathi kwakhe nekilabhu sebuzoba muncu ngemuva kokuthi i-akhawunti esemthethw­eni yeqembu iTikTok ithumele le vidiyo esabalele umhlaba wonke.

Abanye abadlali base-Afrika asebeke bathwala kanzima eminyakeni edlule uDidier Drogba wase-Ivory Coast owayedlale­la iChelsea, u-Ivan Toney odlalela iBrentford, uNaby Keita owayedlale­la iLiverpool waseGuinea. Kukhona nokucwaswa kwabadlali bakwamanye amazwe njengo, Davinson Sanchez waseSouth America, uMarcus Rashford odlalela iMancheste­r United.

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UVictor Osimhen.
Isithombe: Getty Images UVictor Osimhen.
 ?? ?? UNaby Keita
UNaby Keita

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa