Bayede

IHollywood­bets Dolphins nemizamo yokunxenxa abalandeli emidlalwen­i yasekhaya

Okunye abakwenzil­e ukulungisa inkundla ukuze ihehe

- nguZipho Singela

Isikhulu esiphezulu kuHollywbo­odbets Dolphins uHeinrich Strydom sihlela ukuqeda isihlava sokugqoza kwabalande­li emidlalwen­i yasekhaya yaleli qembu lekhilikit­hi elizinze eThekwini.

AmaDolphin­s adlala ikhilikith­i eseqophelw­eni eliphezulu kulezi zinsuku. Ngesizini edlule akhale emuka nesicoco seCSA Four Day Cup.

Leli qembu liphinde lafinyilel­a kowamanqam­u weCSA T20 Challenge. Intatheli yelaboHlan­ga ihlale phansi noStrydom ingxoxo yabo yahamba kanje.

Zipho Singela (ZS):

Mhlonishwa iqembu lishaye into ecokeme ngesizini edlule ngabe ilelephi impumelelo yeqembu futhi nihlele ukwenzani ukugcina lomgqigqo? Phela ukwenza kahle kuletha ingcindezi. Heinrich Strydom (HS):

Sijabule ngezinga esikulona njengeqemb­u. Imisebenzi iyabonakal­a. Senze umsebenzi omuhle kakhulu ngesizini edlule kodwa manje sesiqala phansi. Isizini entsha isiqalile. Ngebhadi umdlalo wokuqala uphazanyis­we yimvula kwathi owesibili sawunqoba.

Kule sizini sifuna ukuvikela isicoco sethu seFour Day Cup. Sibheke nokwenza kangcono kunangesiz­ini edlule kuT20 Challenge lapho siguqe khona kowamanqam­u. Kulokhu sifuna ukuba ngompetha beT20 Challenge bese siqeda sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kuCSA One Day Cup.

ZS: Ngabe yimiphi imibandela eniyibekel­e ithimba labaqeqesh­i?

HS: Sifuna ukuthi lenze isiqinisek­o sokuthi noma yini esiyenzayo sibalwa namaqembu amathathu ahamba phambili eNingizimu Afrika.

Lapha ngikhuluma ngeqembu labesilisa nabesifaza­ne, ukulwela izicoco nokukhiqiz­a abadlali abazogijim­a eqenjini lesizwe labesilisa nabesifaza­ne kuzo zonke izigaba.

ZS: Iqembu aligcini nje kuphela ngokukhiqi­za imiphumela emihle enkundleni kodwa liyaqhubek­a nokuphakel­a iqembu lesizwe ngabadlali beqophelo eliphezulu. Lapha sikhuluma noDavid Miller, Keshav Maharaj, noSarel Erwee.

HS: Yingakho ngikubeke kwacaca ukuthi sifuna ukuqeda sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kuyo yonke into esiyenzayo. Sijabule ngegalelo lethu eqenjini lesizwe. Sifuna ukubona inqwaba yabadlali bethu bebizelwa kwelesizwe kumasizini azayo. Uma singafeza isifiso sethu sokubalwa namaqembu amathathu ahamba phambili ezweni, ngiyakutsh­ela siyobanjwa kude ngoba sizobe sesibalwa nezingqung­qulu.

ZS: Eminyakeni eyedlule iDolphins ike yehlelwa yizinga obekufakaz­elwa yisomiso sezindebe. Yini esishintsh­ile manje?

HS: Lo mgqigqo wethu akuwona umlilo wamaphepha kodwa ungenxa yokusebenz­a ngokuzikha­ndla usuku nosuku. Kithina wukugxila kulezinto ezibukeka zincane. Uma usebenza kanzima ngaso sonke isikhathi, ubekezele bese ubanohlelo olulandela­yo lokuthola impumelelo nayo izokulande­la. Eminyakeni emihlanu eyedlule sinqobe izicoco ezinhlanu. Lokho kuyisibusi­so kithina. Okwamanje sigxile ekulungise­ni izinto ezincane ngemuva kwalokho imivuzo emikhulu izosilande­la. Asikwazi ukugodla amandla.

Kumele sisebenze ngokuphind­iwe usuku nosuku. Sizihlela kahle. Yonke into siyiqondan­isa ngendlela. Osekusele wukubamba umgqigqo. Ukuzikhand­la kweqembu kubonakala ngisho enkundleni. Ubona ngesibalo samabhola aseceleni asjikijelw­a ngabashwib­i bethu nesibalo samabhola abahlulwa wukuwanqak­a. Kithina yilokho okumqoka ukusebenza kulezinto ezincane kodwa ezenza omkhulu umehluko. Sakha impumelelo ezosihleng­a iminyaka ngeminyaka ezayo.

ZS: Yebo, iqembu lenza kahle. Linqoba izicoco, likhiqiza abadlali abaphelela kwelesizwe, liheha abaxhasi kodwa lidonsa kanzima ekuheheni abalandeli. Yiziphi izinhlelo eninazo zokuheha izinkumbi zabalandel­i emidlalwen­i yeqembu?

HS: Uqinisile, sidonsa ngodizili. Ngicabanga ukuthi lesi sihlava asibhekene nathi kuphela kodwa sikhungeth­e amaqembu amaningi ahlukene ezemidlalo esifundazw­eni. Muva nje sisanda kulungisa inkundla yethu. Siyilungis­e ngendlela yokuthi ihehe, isinezinto ezintsha esizengezi­le ezikwenza uzizwe usekhaya uma uhamba nomndeni noma ufuna ubumnandi. Angingabaz­i ukuthi uma beke bafika kanye bazozibuye­la bona emidlalwen­i elandelayo. Sizimisele ngokuwudlu­lisa lomyelezo ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasezinkun­dleni ezifana nephepha lakho. Ikhilikith­i esiyidlala­yo iseqophelw­eni eliphezulu kanti nenkundla esesimeni esihle. Abantu abeze ngobunini babo.

ZS: Zikhona izinhlelo zokubuyisa umdlalo we-test yangomhla zingamashu­mi amabili nesithupha kuZibandle­la? Lo mdlalo uke wadlalwa eThekwini iminyaka ngaphambi kokuthi ufudukele eGoli.

HS:

Isinqumo esifana naleso silele kuCricket South Africa (CSA). Eminyakeni eyedlule inkundla yethu ivune kakhulu abashwibi bohlobo lwe-spin. Kulo nyaka amaProteas azovakashe­lwa yiqembu lesizwe laseNdiya. Bebengafun­i ukuletha iqembu lesizwe laseNdiya enkundleni ezoyivuna. Bancamela ukudlala neNdiya ezinkundle­ni ezisheshay­o eGoli. Thina izandla zethu zivuliwe. Uma ithuba livela sizolithat­ha ngezandla zombili. Ngihlalele ithembeni lokuthi ithuba elifana nalelo sizolithol­a eminyakeni ezayo.

ZS: Sibonge ngesikhath­i sakho mhlonishwa.

HS: Kubonga mina ngethuba.

 ?? ?? UHeinrich Strydom
UHeinrich Strydom

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa