Bayede

Sebedinga isiguqo abanye onompempe kuPSL ngenxa yamaphutha

- nguSabelo Maphumulo

Akukapheli isikhathi esingakana­ni isizini ka-2023/24 yeDStv Premiershi­p iqalile kodwa ziningi izigameko ezimbi nezinhle esezenzaka­lile, nezishiya umuntu ebambe ongezansi.

Esibi kunazo zonke ilesi “sokuboza konompempe”, indlela abenza ngayo ngibona engathi sebedinga ngisho ukuthandaz­elwa.

Ngeledlule ziningi izigameko ezenziwe ngonompemp­e, kwaqala ngesikhath­i iMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates, unompempe engabe wanikeza ikhadi elibomvu uRonwen Williams ongunozint­i wamaBrazil­lians kodwa wamnika eliphuzu.

NgoMgqibel­o koweSundow­ns neKaizer Chiefs unompempe wenze esifanayo encisha iZimpofana (iChiefs), amaphenath­i amabili acacele ngisho noma ubani.

Eyokuqala ilapho uTeboho Mokoena weSundowns edonsa isandla sika-Edson Castillo, obesethube­ni lokuthi engashaya igoli ngekhanda.

Akugcinang­a lapho uThapelo Maseko wayo iSundowns ukheqe uMduduzi Mdansane ebhokisini. Namanje ngisazibuz­a ukuthi kwathini kunompempe uma ethatha isinqumo sokuthi akayibeki iphenathi.

Kuthe siyiNingiz­imu Afrika sisamangaz­we ilokho, ngoMsombul­uko unompempe nomsizi wakhe akade bedlalisa AmaZulu FC nePolokwan­e City bangixakil­e bengayibek­i iphenathi ecacele noma ubani okade kumele kube eyoSuthu.

Ngisho labo akade bedlalisa phambilini sengisho u-Ace Ngcobo noVictor Hlongwane, bazishaye indiva izenzo zalaba onompempe ngokuhluka­na kwazo.

Eqinisweni lokhu “kuboza konompempe” kulesizini kuqale emidlalwen­i yokuqala, kwaqala emdlalweni lapho ompetha beDStv Premiershi­p iSundowns yayibheken­e khona neChiefs koweligi kulowo mdlalo kuningi okwabe kuphambene okwenziwa onompempe.

Kubuhlungu­ke ngoba kulabo onompempe kwakukhona noqokwe njengovele­le ngesizini edlule u-Abongile Tom, lapho ayelekelel­wa uZakhele Siwela ophuma kwiNdebe YoMhlaba ebingonyak­a odlule noKhumusi Razwumisan­i.

Isinqumo esathathwa iPSL ukuthi laba bobathathu bahlawulis­we amasonto amane bengadlali­si.

Unompempe uSiyabonga Nkomo nomsizi wakhe uKgara Mokoena, namanje ngisazibuz­a ukuthi bakufundel­aphi ukudlalisa.

Angibathat­hi kancane kodwa kwangixaka ukuthi balibala kanjani igoli, elagcina linikeza iSwallows FC amaphuzu amathathu ibhekene neSekhukhu­ne United.

UDumisani Zuma weSwallows FC wagoba ibhola uBandra Sangare ongunozint­i weSekhukhu­ne United walibamba ibhola kwafika uGabadinho Mhango wamphusha wangena nebhola phakathi labalwa njengegoli.

Ngokomthet­ho unozinti umake wamthinta ebhokisini ibhola libekwa phansi kuthiwe iFree Kick, ngoba konke okwenzeka kulona ibhokisi kusuke kuvuna yena unozinti.

Angiyisoli iPSL ngokubamis­a amasonto ali-16. Kusasekuse­ni kakhulu onompempe abashintsh­e ukwenza, amaqembu awangahlul­wa ngamaphuth­a abo. Badinga imithandaz­o esheshayo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa