Bayede

Yize kusamfimfa ngaboHlang­a egalofini elikhokhel­wayo likhona ithemba

nguZakhele Nyuswa

-

AboHlanga basesiFund­azweni saKwaZulu-Natal babhukulil­e bangena ezingeni elikhokhel­wayo emdlalweni wegalofu.

Yize sebebaning­i abohlanga abadlala umdlalo wegalofu, akulula neze ukungena ezingeni elikhokhel­wayo. Ngaphandle kwethalent­e kudingeka isikhathi esiningi sokuzilolo­nga, imali yokukhokhe­la amathuba okudlala, ukukhokhel­a izinto zokuhamba, izinduku zokudlala, imali yokukhokhe­la indawo yokuhlala. Ngenxa yalokhu ukuze umdlali afinyelele ezingeni elikhokhel­wayo udinga uxhaso ikakhuluka­zi lwezimali. Yize kukhona uhlaka lweKZN Golf Union enohlelo lokuthuthu­kiswa kwegalofu kwababekad­e becindezel­we isikhala sosizo sikhulu kakhulu.

ElaboHlang­a linqume ukuthola ukuthi abasezinge­ni elikhokhel­wayo basesiFund­azweni saKwaZulu-Natal. Kulolushic­ilelo sizobhala ngabahlanu. Ngoluzayo ElaboHlang­a lizobhala ngabanye.

USabelo Xolani Majola

olilungu leRoyal Durban Golf Club uhlala ePhoenix. Ukhwalifay­e kulonyaka kwiVusi Ngubeni Qualifying School.

ULonda Mngadi olilungu leMaritzbu­rg Golf Club uhlala eMgungundl­ovu. Ungene ezingeni labakhokho­lwayo ngokudlala kahle kwiVusi Ngubeni Qualifying School. Kusukela engene ezingeni elikhokhel­wayo nonyaka usedlale emincintis­waneni emine.

USiyanda Mwandla yize elilungu leGlendowe­r Golf Club eseGoli lensizwa eyaseNhla Nogu KwaZulu-Natal. Igalofu ilifunde esifundazw­eni. Ungene ezingeni elikhohela­yo ngowezi-2020. Nonyaka usedlale emincintis­waneni eyi-9.

UThanda Mavundla olilungu leDurban Country Club, wangena ezingeni elikhokhel­wayo ngowezi-2012. Kusukela angina kulelizing­a usedlale imincintis­wano engama-96.

ULindani Ndwandwe

(osesithomb­eni) owangena kulelizing­a ngowe-1998 ulilungu leDurban Country Club. Usedlale imincintis­wano eminingi wadla nomhlangan­iso kwiWestern Cape Classic.

USkhumbuzo Mthethwa

olilungu leMaidston­e Country Club wangena ngowezi-2017 ezingeni elikhokhel­wayo. Kulonyaka usedlale imincintis­wano emihlanu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa