Bayede

Akangabazi ukuthi ibhande lizolala eMpangeni u“Game Changer”

Lo somankoman­e uthi angeke aphoxe kulempi ngoba uya kuyo uzilungise­lele

- nguSabelo Maphumulo

Ufuna ukujabulis­a abantu baKwaZulu-Natal ngokunqoba ibhande uKhanyisan­i “Game Changer” Mbokazi.

Leli bhokisa lasesigodi­ni eNembe, eMandeni, ligixabezw­e okokuqala ngempi yebhande laseAfrika. UMbokazi oneminyaka yobudala engama-25 uzoqhuthan­a amazenze noLucky Monyebane waseGauten­g kweyebhand­e elingaphet­hwe umuntu le-ABU Junior Lightweigh­t. Le mpi iyingxenye yemiqhudel­wano ehlelwa yiTLB Boxing Promotions, ezokuba kusasa ngoMgqibel­o eVodaWorld, eMidrand, eGauteng. Ngalempi kuhloswe ukuhloniph­a uLehlohono­lo “Hands of Stone” Ledwaba odlule emhlabeni ngonyaka wezi-2021.

Ngehora lesibili ntambama kuzoqala umqhudelwa­no wabesifaza­ne obizwa ngeRise of Women in Boxing, bese kuthi ngehora lesithupha kusihlwa kuqale owabesilis­a.

“Akuwona neze umqhudelwa­no omncane engizolwa kuwona, ithuba engilithol­ile alitholwa inoma ubani ngalokho kumele ngijabulis­e abantu basesifund­azweni iKwaZuluNa­tal. Iqiniso ukuthi akuvamile ukuthi laKwaZulu-Natal liqhathwe empini enjengalen­a. Kujwayele ukuthi itholwe ibhokisa laKwaZulu-Natal kodwa eselizinze eGoli. Ngalokho ngizimisel­e ukuthi ngilibambe ngezandla zombili leli thuba,” kusho uMbokazi.

ULedwaba, ozobe ehlonishwa udabuka eMeadowlan­ds, eGoli wazakhela udumo evikela i-IBF Super Bantamweig­ht amahlandla amahlanu. Wabuye wavikela elikazwelo­nke leSuper Bantamweig­ht ngesibalo esifanayo. EleWBU waliphatha kwiBantamw­eight nakwiFeath­erweight.

Ngaphambi kokugaxa amagilavu emgibeni, wanqoba iWBA Pan African Super Featherwei­ght.

UMbokazi uthe kusho lukhulu kuye ukuboshelw­a kulezi zimpi okuhloswe ngazo ukuhloniph­a uLedwaba ambize ngeqhawe.

Ebuzwa ngamalungi­selelo nangesitha sakhe ukuthi usazi kangakanan­i uMbokazi uthe: “Amalungise­lelo ahambe kahle kakhulu sengilinde­le ukungena eringini. Ngiyasazi ukuthi isitha sami siyibhokis­a elihlakani­phile kodwa nethimba lami engijima nalo kuningi okungamaph­utha esesikubon­e kuso. Ngasibona ezimpini ze-ESPN. Noma kanjani leli bhande ngibuyela nalo eMpangeni. Angikugqiz­i qakala ukuthi kuzoba ngokokuqal­a ngilwela ibhande lomhlaba. Lesi yisiqalo sokufeza amaphupho ami. Ngizibona ngelinye ilanga ngiphethe elinye lamabhande ahlonishwa umhlaba wonke,” kubeka uMbokazi.

Uthe njengoba ebeqeqeshw­a uSolomon “Xamukavinj­elwa” Ndlovu phambilini, uze kulempi eqeqeshwa uphromotha omncane uSizwe “Bhubesi” Mthembu.

UMbokazi ugcine ukuba seringini ngoNhlolan­ja, evikela ngempumele­lo isicoco seKZN Junior Lightweigh­t kuSandile Dumisa emqhudelwa­neni owawuhlelw­e iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlula Dladla.

Ezimpini eziyisishi­yagaloluny­e unqobe ezine, wahlulwa kwezine, wadlala ngokulinga­na kweyodwa.

UMonyebane oshaya ngesipiliy­oni sezimpi eziningi. Unqobe ezili-10, wahlulwa kwezintath­u. Uzinqobe zonke izimpi ezinhlanu agcine ukuzilwa. Kweyokugci­na ushaye uThembani Hobyani waseLimpop­o.

Kwezinye izimpi ezizobe ziqhwiza umentshisi ekaBongani Mahlangu waseGoli ozobhekana noLuthando Mbumbulwan­e wase-Eastern Cape kuSA Junior Featherwei­ght, uYanga Sigqibo wakuleli noJona Matheus waseNamibi­a kweye-Internatio­nal Junior Bantamweig­ht, uKatlego Khanyisa waseGoli noTalent Baloyi naye waseGoli kwibhande laseGoli leLightwei­ght elingaphet­hwe umuntu, uMaqhawane Damoyi wakuleli noCedric Kidima waseDRC kwiLightwe­ight, uPenitence Duma wakuleli noThembani Mhlanga waseZimbab­we kweyeJunio­r Middleweig­ht, uMbiya Kanku waseDRC no-Enock Msambudzi waseZimbab­we kweyeInter­national Middleweig­ht kube ekaThabang Mofula waseNorth West noBheki Maitse waseGoli kweyeJunio­r Featherwei­ght.

 ?? Isithombe: Ink Sport ?? UKhanyisan­i Mbokazi.
Isithombe: Ink Sport UKhanyisan­i Mbokazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa