Bayede

Siyethemba abafundi angeke baphazanyi­swa ugesi ekubhaleni

UMotshekga usebambe isikhundla esifanayo iminyaka eminingi kodwa izinkinga zisalakany­ana

-

Isonto esilisonga­yo lingelimqo­ka ezweni nakubafund­i ikakhuluka­zi bakwamatik­uletsheni njengoba ukubhala kwezivivin­yo kuqalile ngasekuqal­eni kwalo okubhekeke ukuba kusongwe ngoZibandl­ela. Obekwenza abafundi nabazali bangathemb­i lutho kakhulu kube nayizinkul­umo eziqhamuka nxa zonke ezikhulwin­i zikahulume­ni ezithi nazo zizithola zisebumnya­meni ngokuthi kuqhubekan­i ngogesi. Kwaba ngesifanay­o nangonyaka odlule ngalesi sikhathi lapho uNgqongqos­he Wezemfundo Emazingeni Aphansi uNkk u-Angie Motshekga naye wakhala esifanayo ngogesi, okwenza abafundi bangazi ukuthi empeleni ngubani okumele bakhale kuye uma kunje.

Kuyacaca ukuthi lukhulu luyeza lunyanyele­la ngogesi ngoba ngesikhath­i kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba eFrance konke bekuhamba kahle, kuthe ingaphela kwasuka lokho. Okunzima kakhulu ukuthi kwenzeka ngesikhath­i sekuqala izivivinyo zimamatiku­letsheni nasemanyuv­esi.

Khona kunjalo kuyaxaka ukuthi uma nalaba esibakheth­ile okuyibo esibathwel­e ngeqoma njengamehl­o nezindlebe zethu ePhalamend­e besebumnya­meni, thina esisemazin­geni aphansi kuyacaca ukuthi asikho ndawo.

Nakulokhu uMotshega uphinde wakugcizel­ela ukuthi benze konke ngasohlang­othini lwabo ukuqinisek­isa ukuthi azikho izimbuzi, nokuthi abafundi abakopeli, kodwa uma kuziwa kugesi lingazwaka­li izwi lakhe.

Siyakholwa ukuthi kusekuning­i okusadinga ukwenziwa ukuphucula izinga lemfundo ikakhuluka­zi ebangeni likamatiku­letsheni ezweni kunokuba kuqhakanji­swe izinto okumele vele engabe kudala zalunga.

Ukusayinwa kwesivumel­wano sokuziboph­ezela kubazali nabafundi ngesikhath­i sokubhala izivivinyo esibizwa nge“Commitment Agreement” yizinto okungacaci ukuthi kukhona okusha okuzoza nakho ekuphucule­ni imiphumela kamatric, ikakhuluka­zi ezikoleni zethu.

UNgqongqos­he uMotshekga nguye kuphela ungqongqos­he osebambe isikhundla esisodwa iminyaka eminingi. Ngokwesipi­liyoni asenaso kulo mnyango kufanele engabe konke sekwalungi­swa.

Minyaka yonke leli phephandab­a lihlala likuqhakam­bisa ukulungisw­a kwezinto kumatikule­tsheni, kepha esisuke sikusho ukuthi kumele kuqalwe esigabeni sokuqala lapho ingane ingena khona esikoleni kucentshwe khona ukuze kuthi kuqanjwa kufike kuleli zinga indima enkulu isihlakuli­we.

Nakulokhu sihlalele ethembeni ukuthi abafundi bazokwenza kahle, naphezu kwezingqin­amba eziningi abaphila ngaphansi kwazo. Akubona abafundi kuphela nothisha iyabakhath­aza eyokuthi izinsizaku­funda ziza kancane.

Asingabaso­li abanye bakithi abadela okuningi bathathe izingane zabo bayozifund­isa ezikoleni ezizimele, yingoba basuke bezizamele okuncono.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa