Bayede

Ubuso bubodwa buxoxa indaba ngobuhle

I-Eseyi Owesifazan­e uziphophot­ha yize emuhle isidalwa, kubhala uMuntu Xulu

- - Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

Emlonyeni egcotshwe ngesibhuda esibomvu ngokugqunq­ile esasenza umlomo wakhe ufane nowentshiy­ane. Kwathi uma ngimbheka ezandleni ngafica ukuthi nezinzipho zigcotshwe ngalo ibomvu elisemlony­eni. Angizibona­nga-ke izinzwane ngoba wayecathul­ele. Ngiyakholw­a ukuthi nazo zaziyogcot­shwa ngensoyi, kwala khona ukuthi wayecathul­ele. Lokhu ukudiya ubuso kwabantu besifazane yinto yasendulo.

AbeSuthu bona benza izingonywa­na eziyizindi­ngilizana ezihlathin­i abazibiza ngokuthi “amatubatub­a”, abanye-ke lezozingon­ywana bazizungez­ise ngamachash­azana amancanyan­a amnyama. Abanye bala benawo amatubatub­a, bedlule ngokwenza amatomu asuka ngasemlony­eni aze ayokuma ngezindleb­e. Nabo-ke bayasho ukuthi yiwo amatomu.

Lamatomu afana ncamashi nalokhu kokubhala umzimba womuntu abakubiza ngokuthi yi“tattoo”. Ufice umuntu ezidwebe izimvemvan­e, izimbali, abantu, izinyoka, izipokwe, izimoto, izinyamaza­ne ngisho noSathane imbala. Konke lokho kwenzelwa ubuhle njalo.

Abesifazan­e bamaNdiya bona baze bafake izinkanyez­ana ezicwebeze­layo phezu kwamakhala, bese benza ibala eliyinding­ilizana ebunzi. AmaBhaca-ke wona ubuhle bawo busekusike­ni ubuso. Athi-ke yisiko lawo.

UZulu yena obakhe ubuhle wabubona ezindleben­i. Uklekla maqede afake iziqhaza ezimibalab­ala ezindleben­i.

Naye-ke uthi ukuklekla lokhu kuyisiko. Uma umuntu engaklekli­le kuthiwa igazi elibi akalikhish­wanga, futhi umuntu onjalo udla amaphela. Mina ngiyakwala lokho ngoba baningi abangaklek­lile abawadli amaphela, negazi elibi abanalo.

Ngisho nabo abakhishwa igazi elibi ngokuklekl­a, nabangawad­li amaphela, sengibabon­a sebethunga izindlebe manje, banengiswa yilaba abangalikh­iphanga igazi elibi nabandla amaphela ngokuyilok­hu bebachwens­ela ngokuthi: “Zulu, sithini isikhathi endlebeni?” Umuntu ubonwa ebusweni ukuthi muhle. Yingakho njena kuchithwa isikhathi esiningi kangaka kulungiswa isikhumba sobuso, sigqotshwa ngezinongo zezinhlobo­nhlobo.

Okuyikhona­khona kukhathaza du, yikuthi onebala elimnyama akasalifun­i, usefuna elikhanyay­o neligqamil­e. Usefuna ukuba nesikhumba esithambil­e nesincwaba. Konke lokho-ke yimali. Imali yokhilimu abomile nabangaman­zi, ophomede, nophawuda, nopende bamashiya nezinkophe, izigobhe, izihlathi, imilomo, ngisho nezinzipho imbala.

Uma owesifazan­e esenjalo, futhi esevunule eziconsayo, esezifafaz­e ngamakha neziqholo zaseGibhit­he, esefana nempigogo emibalabal­a, esehambela phezulu, noma eyacaza, nalapho esekuthi laphalazi ngawejuba, uyobhema ukholwe uma wena owesilisa ukubonile konke lokho, wakufinyez­a wakuhlanga­nisa ngazwi linye elithi: “Umuhle!” Wo, awuyikucon­sa ungesiwona amanzi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa