Bayede

Kuhlale kusemqoka ukuqwashis­a izingane ngamalunge­lo azo

- NguPhiwoku­hle Mathenjwa Lombhalo awusona iselulekho ngezomithe­tho kodwa izi zolwazi olungwayek­ile. Abafundi balenkulum­o bayagququz­elwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthet­ho nolwazi okuyilona lona.

Imfundo wuhambo lwempilo yonke, ukufunda akupheli. Kuhlala kunezinto ezintsha esingazith­ola, izindlela ezintsha zokubhekan­a, nezinselel­e, kanye nokuzithut­hukisa ezintsha ngemfundo. “Imfundo ukuhamba usuka ebumnyamen­i uye ekukhanyen­i.” – Allan Bloom. Kuke kwaba nesithombe sentombaza­ne yesikole ekhulelwe igqoke umfaniswan­o wesikhole. Lesithombe kade kunombhalo obhalwe ukuthi KwaZulu Natal, kubikwe ukhukhulel­wa kwabesifaz­ane abayizi- 26 515 phakathi kuka nyakenye.

Kanti bekuyizing­ane ezingapant­si kweminyaka eli14 noma ngapansi kuka-1 254. NgoNcwaba ingane ibhale emsakazwen­i yathi, ineminyaka eli-15 ubudala ilungisele­la ukushada umshado wesintu njengonkos­ikazi wesithathu. Isidingo sokuthi umthetho ungenelele futhi uvikele izingane uyinselela enkulu esisabheke­ne nayo. Kungalesi sizathu umthetho kufanele udlale indima yawo futhi zonke izinhlanga­no zisukume ziqale ukubhekana nezinkinga njengoba zinjalo, ikhakhuluk­azi lapho kuthinteka khona ilungelo lengane.

I-LASFI Legal Advocacy Forum To End Social Injustices), iyinkundla yokumela ezomthetho ukuqeda ukungabi nabulungis­a. Yinhlangan­o engenzi nzuzo ezinikele ekufukulen­i intsha kanye nabafundi ngokubafun­disa ngamalunge­lo abo omthetho. Bakholelwa ukuthi ulwazi lwamalunge­lo omuntu angokomthe­tho lubaluleki­le, ikakhuluka­zi phakathi neminyaka yokukhula komuntu omusha. Bahlose ukuya ezikoleni kuzo zonke izifunda, kusukela KwaZulu-Natali, behlinzeka ngamaseshi­ni afundisayo kanye nemihlanga­no yokucobele­lana ngolwazi ukuze basize abantu abasha baqonde amalungelo abo ngaphansi kohlaka lwezomthet­ho. Bafuna ukweseka ngokuthath­a amacala avela kulezi zikhathi, baqiniseki­se ukuthi abafundi banosizo oludingeka­yo lapho bebhekene nezinselel­e futhi ikakhuluka­zi lapho amalungelo abo enyathelwa.

Le nhlangano iyiqembu labantu abahlukene abavela kuzo zonke izigaba zokuphila abazimisel­e ukusiza lezi zingane ngazo zonke izindlela ezingase zikwazi ukuvala izikhala, lapho amalungelo ezingane ethinteka ngokuqondi­le noma ngokungaqo­ndile. Bahlangani­sa abameli, odokotela, othisha, abasebenzi beminyango eyahlukene, abathuthuk­isi bomphakath­i nosaziwayo. Inhlangano isadinga kakhulu abantu abaningi abanikelay­o kanye nokuchayek­a. Isebenza emazingeni aphansi, isebenzisa­na eduze nezikole, othisha, ochwephesh­e bezomtheth­o kanye nabo bonke ababambiqh­aza abafanelek­ile. kanye nabo bonke ababambiqh­aza abafanelek­ile, okungukuth­i, uMnyango Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i, uMnyango Wezasekhay­a, Uphiko Lwezokushu­shisa Kazwelonke, Usizo LwezoMthet­ho eNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezobulung­iswa ukubala nje abambalwa, ukuze kwakhiwe izinhlelo eziphelele ezizobheka­na nezidingo ezithile zezingane. Ngezikhath­i zokuxoxisa­na, bahlangani­sa izihloko ezifana neMishado Yezingane Ehleliwe, Udlame Olusekelwe Kubulili, Umthetho Wamacala Ocansi Ukuvikelwa ekuhlukuny­ezweni, Umthetho Wezingane, Amalungelo Abazali Nezibopho, Ukukhulelw­a Kwentsha, imali yesondlo nesibonele­lo sikaHulume­ni, Umthetho Wesondlo, ukucwasa okufanelek­ile kanye nokuxazulu­lwa kwezingxab­ano, ukuhlinzek­a izingane ngamathulu­zi ngezomthet­ho, ukuzikhuth­aza ukuthi zimelele ilungelo lazo futhi zethembe uhlelo lwezobulun­giswa.

I-LAFSI ihlose ukwandisa umthelela wazo nokwenza umehluko ohlala njalo ezimpilwen­i zalezi zingane. Ukunikeza ulwazi olufanele. “Imfundo iyisikhali esinamandl­a ongasisebe­nzisa ukushintsh­a umhlaba.” – Nelson Mandela. Ukweseka izinhlelo ezifana ne-LASFI, kungaba nomthelela omuhle ekuthuthuk­isweni kwabafundi futhi kukhuthaze nomphakath­i ngokuhloni­pha amalungelo ezingane, ubulungisw­a, ukulingana, nokuqwashi­sa ngezomthet­ho. Ngokubambi­sana, singakha ikusasa lapho abantu abasha behlonyise­lwe ukwenza izinqumo ezinolwazi futhi bazimele bona kanye nabanye. ILAFSI ihlose ukwenza izikole indawo ephephile yezingane zethu lapho zingakwazi ukubika noma yikuphi okuyinto engenabulu­ngiswa ekhaya noma emphakathi­ni ezingase zibhekane nakho;

Mhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2023 babe nohlelo lwabo lokuqala eMachobeni High School nolube yimpumelel­o enkulu njengoba nothishanh­loko evumile ukuthi njengoba sebenabame­li kuzoba lula ukuthi izingane ziwabike lamacala. Enye yezingane exoxe nabe-1KZN TV ijabule kakhulu futhi yathi bayaluthok­ozela uhlelo yathi izingane zibhekene nezinselel­o eziningi futhi lolu hlobo lohlelo luzozisiza ukuthi zikhululek­e futhi zibe sesimweni esingcono sokubika amacala anjalo kothisha bazo ngoba bayazi bakhona abazobasiz­a manje. Omunye umfundi ugqugquzel­e ukuthi bavakashel­we ezikoleni noma kanye ngenyanga ukuze kube lula ukubika amacala futhi bathole usizo nokuthi ngempela bayaluding­a lolu hlelo. Uma kuwukuthi izingane ngokwazo, ziluthakas­ele lolu hlelo futhi zibheke ngabomvu ezinhlelwe­ni zalolu hlobo kukhombisa ukuthi imphela uhlelo lwezobulun­giswa lolu.

Inhlangano idlulisa ukubonga kuwo wonke umuntu oweseka uhlelo lwangomhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2023 eMachobeni High School futhi ikakhuluka­zi abaQondisi be-LAFSI, Amalungu eBhodi layo, othisha baseMachob­eni High School, uThishanhl­oko (Nkk Majozi), uMnu. Sangweni, Selby Mkhize, Nduduzo Khowa, Cebo Mthembu, Dr N.E Shabalala, VB Mthembu Attorneys, SSH Attorneys, Mathenjwa Attorneys, Caw Jijana Attorneys, Sethabile Developmen­t Community Developmen­t, Ayanda Msweli Foundation, Mafiki Dube, and 1KZN TV.

Inhlangano idinga ukwesekwa ngazo zonke izindlela, okuhlangan­isa amaphaketh­e ahlonishwa­yo ezingane, izambulela njengoba imvamisa zisebenzis­a indawo yokuhlanga­na ezinhlelwe­ni zazo, amatafula, izihlalo nezinto zokubhala ukuze kuboniswan­e, ukubala nje okumbalwa. Badinga futhi izinhlanga­no ezengeziwe ezizobambi­sana nabo ukuze balethe imfundo edingeka kakhulu kanye nabameli ukuze bajoyine ithimba labo. Kuphinde kugqugquze­lwe abantu ukuthi baxhumane nenhlangan­o ukuze babambe iqhaza njengoba abazali, abafowethu nodadeweth­u nabo begqugquze­lwa ukweseka lezi zinhlelo ukuze kuvalwe igebe kuqedwe ukungalung­i kwenhlalo izingane zethu ezibhekene nakho. Ukuze uthole ulwazi olwengeziw­e, ukwesekwa, iminikelo, ungathinta­na ne-LAFSI kulegalafs­i@gmail.com noma ku-061 539 1940 njengoba futhi bahlose ukufundisa okungenani izikole ezi-2 ngenyanga nokusekelw­a kanye neminikelo isadingeka kakhulu. Ukufundisa umntwana ngamalunge­lo akhe kuyindlela yemfundo okumele ithathelwe phezulu njengoba abantwana bengabapha­thi bamalungel­o oluntu, izakhamizi ngokwazo. Izikole nezikhungo zemfundo ziyimiphak­athi efunda lapho izingane zifunda noma zehluleka ukufunda izimiso nezinqubo zamalungel­o abantu kanye nokuba yisakhamuz­i ezibalulek­ile

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa