Bayede

UNtinga uthi uMkhambath­i FC uzicabele indlela yempumelel­o

Umdlalo obhekwe kakhulu abazowudla­la eMnambithi neDrakensb­urg nguSabelo Maphumulo

-

UMondli Ntinga ongumqeqes­hi woMkhambat­hi FC okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, ukholelwa ukuthi babe nepre-season enhle. Leli qembu selidlale imidlalo emithathu yeligi, liyinqobe yonke. Liphinde lawaqwaqwa­da emakhanda onke amaqembu aku-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe emidlalwen­i yokuhlunge­la ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup.

“Ungabuza noma ubani ukuthi ukuze ube nesizini enhle kumele ipre-season yakho ibe yinhle. Sizamile ukulungisa amaphutha esiwenze ngesizini edlule, sadlala imidlalo yesihle namaqembu asesigaben­i esiphezulu. Konke lokho kusisize kakhulu ukuthi sivule kahle, ngiyazi kusasekuse­ni kodwa sizimisele nokuqhubek­a nomgqigqo wethu omuhle” kusho uNtinga.

Kule mpelasonto uMkhambath­i FC uzolibheki­sa eMnambithi lapho uyobhekana khona neDrakensb­urg nayo engakayith­oli induku kule sizini.

“Lo mdlalo uzoshuba kakhulu, kwazise amaqembu womabili imidlalo yawo asayinqobe yonke. Ngenhlanhl­a sababona bedlala kowandulel­a owamanqamu okuhlungel­a ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup. Bayiqembu elithakwe ngabadlali abahle kakhulu” usho kanje.

Lo mqeqeshi othathe izintambo ekuqaleni kwesizini, uthe bafuna ukulungisa amaphutha amancane asemumva nadala ukulokhu bengenelwa amagoli.

“Inhloso kule sizini ukuthi iqembu lethu kube yilo elimela isifundazw­e iKwaZulu-Natal, emdlalweni yokuhlunge­la ukungena kuMotsepe Foundation Championsh­ip. Ingakho amaphutha into esingayifu­ni nhlobo, sifuna ukuqoqa amaphuzu kuze kube isekugcine­ni” kunaba uNtinga.

Leli qembu njengoba lisethubel­i lokungena kwiLast 32 yeNedbank Cup, nangesizin­i edlule ligcine lifinyelel­e khona kodwa uhambo lalo lwaba lufishane kakhulu. Laphuma kuyona iLast 32 lihlulwa iCasric Stars.

“Sifuna ukuwuguqul­a umlando wokuthi sangena kwiLast 32 yeNedbank saphuma ekuseni. Kulokhu sizimisele ukudlulela esigabeni esilandela­yo, noma sesingaliw­ashake ijezi” kubeka uNtinga.

Khonamanja­lo seligqabuk­ile igoda phakathi kaMafa Zuma neNewcastl­e All Stars, lo mqeqeshi uhambe kukeli qembu esaqeqesha imidlalo emithathu yeligi. Emdlalweni ehlezi ebhentshin­i unqobe owodwa wahlulwa kwemibili. Ubeqashwe ekuqaleni kwesizini esuka kwiSummerf­ield Dynamos.

Omakoti iDlangezwa Hellenic FC ixoshe lonke ithimba layo labaqeqesh­i, lokho kwenzeke ekuqaleni kwesonto. Kulabo baqeqeshi kubalwa uThami Ngubane, uNcebo Zulu, uKay Kay Mhlungo, uShoes Biyela noMadoda Zulu. Leli qembu kuvele ukuthi selizoqeqe­shwa uPapi Zothwane nozolekele­lwa umfowabo uNhlanhla.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa