Bayede

Kuningi okumele kufundwe ngamanye amaqembu esizwe kuMabhokob­hoko

- NguSabelo Maphumulo

Kuyajabuli­sa ukubona ifulegi laseNingiz­imu Afrika lilokhu liphepheze­la phezulu emhlabeni wonke.

Amabhokobh­oko anqobe iNdebe YoMhlaba emva kokuthi eguqise iNew Zealand kowamanqam­u ngamaphuzu ali-12 kwali-11 kowabe useStade de France.

Bekungekho­na okokuqala Amabhokobh­oko equkula iNdebe ebizwa ngeWebb Ellis, kodwa bekungokwe­sine okuyinto engumlando. Ayinqoba ngonyaka we-1995, ngowezi-2007, 2019 naku lonyaka.

Sincoma kakhulu ukubambisa­na kweqembu kusukela uqala umqhudelwa­no kwaze uyaphela. Ngeke sabushiya ngaphandle ubuhlakani bethimba lababaqeqe­shi.

Akugcini lapho nabalandel­i bonke baseNingiz­imu Afrika, badlale enkulu indima ngokuseka iqembu phezu kwezimvula ebezikhona emasontwen­i adlule.

Ezweni lase-India amaProteas asemkhakha­sweni wokubuya neNdebe yoMhlaba ye-One Day Internatio­nal (ODI).

Elakuleli kuyimanje ilona elihlezi esicongwen­i, okusho ukuthi nakanjani lizodlulel­a emdlalweni yowandulel­a owamanqamu.

Ngendlela elidlala ngakhona ngisho abalandeli bakwamanye amazwe bakhombisa ukweleseka.

Kunobhutsh­uzwayo iqembu labesifaza­ne iBanyana Banyana, ngeledlule iguqise iDRC ngamathath­u kwelilidwa sokuhlanga­niswa imlenze emibili. Lokho kuchaza ukuthi elakuleli lidlulele esigabeni esilandela­yo ukuzibekis­ela indawo kumaOlympi­cs ngonyaka ozayo.

NgoLwesith­athu kusihlwa iMamelodi Sundowns idlulele kowamanqam­u e-African Football League, emva kokuthi ihlule ompetha baseGibhit­he i-Al Ahly ngegoli elilodwa eqandeni emlenzeni emibili.

ISundowns iyiqembu lokuqala lapha eNingizimu Afrika ukufinyele­la kowamanqam­u kulo mqhudelwan­o, nalapho izotholana phezulu neWydad AC yaseMorocc­o.

Ingcindezi isizoba kwiBafana Bafana emasontwen­i azayo ezodlala imidlalo yayo emibili yokuhlunge­la ukuya kwiNdebe YoMhlaba elandelayo. Kuyothi emva kwalokho ngoMasinga­na bese iyodlala i-African Cup of Nations (Afcon), neyagcina ukuyinqoba ngowe-1996.

Ngokwami ukuze ezemidlalo ziqhubeke nokwenza kahle, kubaluleki­le ukubambisa­na zisekwe ngendlela efanele ngoba ikhono sekuvelile ukuthi into ekhona kuyona yonke iminxa.

Siyabahala­lisela bonke labo abaphakami­se ifulegi lalapha eNingizimu Afrika. Sifisele iSundowns kowamanqam­u okuhle kodwa, namaProtea­s kweyoMhlab­a eqhubekayo eNdiya izilokotho ezinhle.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa