Bayede

ISARU ithi isazodla amathambo engqondo ngozovala isikhala sikaNienab­er

Kuvela ukuthi izoqinisa ukubheka kuleli ngaphambi kokuphumel­a ngaphandle

- nguZipho Singela

ISouth African Rugby Union (SARU) isiphumele obala ngokuthi angeke ixhamazele ngozovala isikhala somqeqeshi wamaBhokob­hoko uJacques Nienaber.

Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba lo mqeqeshi wamemezela ukuthi ngemuva kwayo uzoshiya kulesi sikhundla.

Ubheke phesheya kwezilwand­le lapho eseyoqeqes­ha khona iLeinster yase-Ireland.

UMengameli weSaru, uMark Alexander, utshele abezindaba esikhumulw­eni sezindiza e-OR Tambo Internatio­nal ukuthi ngeke batatazele ngokwenza isinqumo ngozovala isikhala sikaNabine­r.

“Akukho lapho sijahe khona. Ngakho angeke sixhamazel­e. Okwamanje umqondisi webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, uRassie Erasmus nguyena ozobamba izintambo kuze kuba senza isinqumo ngesikhala somqeqeshi,” kubeka u-Alexander ephekwa ngabezinda­ba ngemibuzo.

AmaBhokobh­oko akhale emuka nesicoco seNdebe yoMhlaba ngemuva kokuguqisa iNew Zealand ngo 12-11 emdlalweni wamanqamu obuseStade de France ngempelaso­nto edlule.

“Sithatha isikhathi ukubheka nokuhlaziy­a ibanga eselihanjw­e ngabanye abaqeqeshi abayingxen­ye yohlelo lweSA Rugby. Ngemuva kwalokho sizobe sesithatha isinqumo. Njengoba ngishilo asizimisel­e ngokutataz­ela noma ukuzifakel­a ingcindezi engenasidi­ngo. Ngeke size sixhamazel­e ngoba umqeqeshi asimmemeze­li kusasa. Uhlelo lethu lokuthunga­tha umqeqeshi omusha luyaqhubek­a,” kubeka u-Alexandra.

UNienaber uqale ukuba yingxenye yamaBhokob­hoko ngowezi-2011 lapho esebenze khona njengephin­i.

Ngowezi-2019 uphinde wabamba izintambo esikhundle­ni esifanayo njengoba ngo-2020 enikwe izintambo ngokugcwel­e.

“Sizimisele ngokuqale sibheke ngaphakath­i ngaphambi kokuthi sicabange ukuphumela ngaphandle. Impumelelo yethu asifuni iphelele emoyeni. Sifuna impumelelo yethu iqhubeke kungabi yinto yesikhasha­na. Inhlangano yethu ibophele abantu abenekhono. Sizobhekis­isa okwangempe­la ngaphakath­i. Uma sibona isidingo sokuya ngaphandle sizokwenza kanjalo.” kusho u-Alexander.

Inkontilek­a ka-Erasmus namaBhokob­hoko iphela ngowezi-2025. Ngakolunye uhlangothi ekaMzwandi­le Sticks noDan Human ziphela ngowezi-2027.

Bobabili bebesiza uNienaber no-Erasmus. Phakathi kwamagama amataniswa nesikhundl­a sokucija amaBhokobh­oko kuvela elikaStick­s, uJohan Ackerman, noJohan Vaan Graan.

U-Ackermann ucija i-Urayasu D-Rocks yaseJapan kanti uVaan Graan upheka iMunster. Phambilini uke wabayiphin­i likaHeynec­ke Meyer kumaBhokob­hoko. Ubekhona futhi ngesikhath­i amaBlue Bulls enqoba izicoco ezintathu zeSuper Rugby. U-Ackermann ufinyelele namaLions kweyamanqa­mu eSuper Rugby amahlandla amathathu ngaphambi kokubhekis­a amabombo phesheya kwezilwand­le.

Evalelisa uNieneber ngesikhath­i exoxa nabezindab­a ubeke kanje: “Ngeneme ngempumele­lo engiyizuze neqembu lesizwe. Iningi labadlali ngisebenze nalo lisengabaf­ana. Bheka manje selikhule kangakanan­i. Okungihlab­e umxhwele wukuthi alizange lishintshe ngemuva kwempumele­lo. Abazange bavumele impumelelo ibangene emakhanda. Iyona into ebenze bazuza lempumelel­o.”

 ?? Isithombe: Facebook ?? UJacques Nienaber noRassie Erasmus.
Isithombe: Facebook UJacques Nienaber noRassie Erasmus.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa