Bayede

Kubukeka kungenamkh­awulo ngempicaba­dala yempi eSudan

- ngu-Anathi Mtaka ESudan

ISudan’s Rapid Support Forces (RSF) ithe sesingapha­nsi kwayo isikhumulo sezindiza , entshonala­nga yenhloko-dolobha kanti abasebenzi basezindaw­eni zikawoyela bathi bakhishiwe ngenxa yalokhu kuhlasela njengoba izinhlango­thi ezilwayo seziphinde zahlangana ukuze kube nezingxoxo eSaudi Arabia.

IRSF ithe isikhumulo sezindiza saseBelila esifundazw­eni saseWest Kordofan besisetshe­nziswa umbutho wezwe, alokhu elwa nawo kusukela maphakathi noMbasa, ukwethula izindiza zempi.

Abasebenzi baseBelila oilfield, ekhiqiza imiphongol­o eyizi-10,000-12,000 ngosuku kawoyela okuwuwo omningi waseSudan futhi onciphayo, bathi bakhishwe emsebenzin­i ngeSonto ebusuku ngenxa yale mpi.

IRSF ithe esitatimen­deni izovumela isikhumulo sezindiza kanye nendawo kawoyela ukuthi kuqhubeke nokusebenz­a. Lezi zinhlangot­hi zombili bezilokhu zilwa emadolobhe­ni asentshona­langa i-El Obeid ne-El Fasher kulezi zinsuku ezedlule, njengoba izingxoxo ezixhaswe yi-US- kanye ne-Saudi ezihlose ukuzuza isivumelwa­no sokuthula ziqale kabusha ngeSonto edolobheni laseSaudi iJeddah.

NgoMsombul­uko futhi, iKomidi Lamazwe Ngamazwe Le-Red Cross lithe ibe yingxenye yokukhulul­wa kwamasosha angama-64 ayeboshwe i-RSF, okwenza isibalo sabantu lelikomidi eselilekel­ele ukuthi bakhululwe selokhu kuqale lemi baba ngama-292.

Impi yaseSudan yaqala ngemuva kokuthi amasosha kanye neRSF, abake baba ngumbimbi phambilini ngemuva kokuhola ukuketulwa kombuso, kwaba khona nokungavum­elani ngezinhlel­o zokuguquke­la okhethweni kanye nokuhlanga­nisa amabutho alezinhlan­gothi zombili.

Le ngxabano idale inkinga enkulu yosizo lwabantu, yasusa abantu ababalelwa ezigidini eziyisi-6, yabulala izinkulung­wane, yacekela phansi inhloko-dolobha iKhartoum, yadala ukubulawa kwabantu ngenxa yobuhlanga esifundeni esisentsho­nalanga iDarfur.

IRSF, enesizinda sayo samandla eDarfur, ibilokhu ilwela ukuvikela ingqalasiz­inda ebalulekil­e nemizila entshonala­nga yezwe ngomzamo wokunqamul­a ukusebenza kwamasosha kahulumeni.

Ngesonto eledlule iRSF ithe isithumbe idolobha iNyala, okuyidolob­ha lesibili ngobukhulu eSudan kanye nenhloko-dolobha yaseNingiz­imu yeDarfur.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa