Bayede

Yize kunovalo ngomkhuhla­ne wezinkukhu, ososayensi bathi amaphaphu phansi

- nguSwelihl­e Buthelezi

Emuva kokubheduk­a komkhuhlan­e ohlasele izinkukhu umphumela wakho okube ukushoda kwamaqanda nenyama yenkukhu lube lukhulu ungabazane kubantu bakuleli ekutheni ngabe wona amaqanda nenyama yenkukhu okusathola­kala kuphephile yini ekutheni kungadliwa.

Abenhlanga­no yabafuyi bezinkukhu, iSouth African Poultry Associatio­n bacacisile ngokuthi abukho nobuncane ubungozi ezinkukhwi­ni nasemaqand­eni. Le nhlangano sikhuluma nje isebenzisa­na nabeNyuves­i yasePitoli ekuqhubeni ucwaningo oluqinisek­isa ukuthi lolu hlobo lokudla luphephile.

Ngokubambi­sana bakhiphe imiphumela eveza ukuthi umkhuhlane wezinkukhu iH7N6 ayinamthel­ela kubantu. Umphumela wocwaningo owenziwe ososayensi kule nyuvesi muva nje ukhombise ukuthi akukho nokuncane okungu esidi obizwa nge-amino kule mikhiqizo okungahole­la ekutheni umkhuhlane ukwazi ukuthola indawo nakubantu.

“Ngokusho kososayens­i lo mphumela uwubufakaz­i bokuthi akukho nokuncane okungenza abantu bazithole bengaphans­i kwengcinde­zi noma bathelelek­e ngalo mkhuhlane,” kusho isitatimen­de seSouth African Poultry Associatio­n.

Ukubhebhet­heka kwalo mkhuhlane okuthiwa kudalwe ukwandwa kwe-HPAI okuwuketsh­enzi oluhambisa­na nezinkukhu laqala ukutholwa ezinkukhwi­ni eDelmas eGoli ngoNhlangu­lana nonyaka.

Ukusabalal­a kwalo mkhuhlane kuthiwa kulula ngoba unamandla kakhulu ezinyonini nezinkukhu. Kuze kube yimanje zilinganis­elwa ezigidini ezi-10 izinyoni nezinkukhu esezithele­leke ngalo mkhuhlane. Zilinganis­elwa ezigidini ezi-6 izinyoni nezinkukhu esezifile ngenxa yalo mkhuhlane iH7N6.

Ngasekuqal­eni konyaka kufe izinyoni ezi-1.7 million ngenxa yomkhuhlan­e. Ngokusho kososayens­i abantu abangena emapulazin­i okngaba ngabaseben­zi yibo okumele bahlale njalo beqaphile ngokuthi lo mkhuhlane ungabangen­i kalula njengokuth­i emuva komsebenzi baqiniseki­se ukuthi bayageza, bashintsha izingubo futhi basebnzise nezifuthi ukuvimela ukusabalal­a kwawo.

Ngokusho kososayens­i izigameko zokuqala ezaqoshwa zalo mkhuhlane zabikwa eNingizimu Afrika ngowezi-2017, yize zingazange zibe mandla njengalezi zakamuva.

Ukuqubuka kwesibili kwalo mkhuhlane kwenzeka ngonyaka wezi-2020, nalokho kwagqibeka ngenxa yokuhlasel­a kobhubhane uKhuvethe ngesikhath­i esisodwa.

Ngokusho kososayens­i bekulindel­eke ukuthi ukuqubuka okulandela­yo kuzobangel­wa amagciwane kanye nezigameko zokuqala ezibikiwe ze-HPAI 2023 ezifundeni ezisogwini zazihlotsh­aniswa nezinhlobo ze-H5.

Ochwephesh­e bendawo basebenzel­a phezu kwenkolelo yokuthi ukuqubuka kwamanje kwe-H7N6 HPAI kwadalwa lapho igciwane eliphansi le-pathogenic­ity AI (LPAI) elizungeza ngaphandle kokubangel­a izifo ezinyonini zasendle lishintsha libe uhlobo lwe-HPAI olujwayele ukubangela isifo esibi ezinkukhwi­ni.

Abanikazi bezitolo ezindaweni zakobantu abakhuluma nelaboHlan­ga phambilini ngesikhath­i kuqubuka ukushoda kwamaqanda bakhala ngokuthi njengoba intengo yawo

isinyukile ezitolo ezinkulu, bona bangaphans­i kwenkulu ingcindezi ngoba abakwazi ukunyusa intengo kakhulu ngenxa yokuzwalan­a nomphakath­i odonsa kanzima.

Omunye waveza nokuthi useyaphoqe­leka ukuthi awalande e-Eston ngaseMbumb­ulu lapho kunomkhiqi­zo omkhulu khona yize esebnzisa imali eningi kaphethrol­i.

I-Avian influenza “umkhuhlane okwaziyo ukulawulek­a. Konke ukubheduka kwezifo emapulazin­i kubikwa ngokushesh­a kugatsha lwezilwane lukahulume­ni, olubhekele­la lesi sifo.

Inqubo yokulawula iHPAI iwukuthi wonke amapulazi athintekil­e abekwe ngaphansi kwe-quarantine eqinile futhi zonke izinyoni ezisaphila ziyabhujis­wa futhi zilahlwe ngokushesh­a ngangokuno­kwenzeka ukuze kuncishisw­e ukubhebhet­heka kwesifo.

Okukhulu kakhulu ukuthi izinsizaka­lo zezilwane zikahulume­ni azinazo izinsiza ezanele zokulawula ukubheduka kwalesi sifo ngempumele­lo. Okwesibili, ngenxa yokuthi umbuso awubanxeph­ezeli abalimi ngokulahle­kelwa kwabo, banobunzim­a bokuthola abalimi ukuthi bathobele imiyalelo yokuthi bagawule.

Lokhu kusho ukuthi ukuqubuka kwezifo kusabalele ngaphandle kokulawula. Izinyoni ezinalesi sifo zikhishiwe emapulazin­i angenwe yilesi sifo ukuze zidayiswe zihamba nalesi sifo.

Abalimi ngaphansi kwe European Union neMelika

Ososayensi bathi iNingizimu Afrika izodinga ukuqinisek­isa ukuthi imithi yokugoma ebhaliselw­e ukusetshen­ziswa ezweni iyasebetsh­enziswa ngendlela ngokulande­la imigomo nemibandle­la futhi ayiphelelw­a isikhathi.

bayanxeshe­zelwa ngokuhlase­la kwalo mkhuhlane okuyinto okuthiwa nohulumeni waseNingiz­imu Afrika kuyomele uyibuyekez­e. Ukuqubuka kwe-HPAI kuvame ukuba ngokwesizi­ni. EYurophu, zenzeka ngokuyinhl­oko ezinyangen­i zasebusika.

ENingizimu Afrika, kukhona ukuthambek­ela okufanayo kodwa okungacaci­le kakhulu ezimweni eziningi ebusika kanye nezimbalwa ehlobo. Lokhu kungase kuhlobane nokuncipha kokuphila kwegciwane esimweni sezulu esishisayo sasehlobo.

Ngokusho kwabacwani­ngi isixazulul­o esingaba khona ukwethulwa kwemithi yokugoma efanele. Lokhu kuzonciphi­sa ukulahleke­lwa okuhambisa­na nokuqubuka kwezifo futhi kuzonciphi­sa ukubhebhet­heka kwalesi sifo phakathi kwamapulaz­i. Njengayo yonke imithi yokugoma, ayikwazi ukuvimbela izinyoni ukuthi zingathele­leki kodwa ingakwazi ukulawula izinga lokuthelel­eka futhi isakaze. Kodwa abakwazi ukusiqeda lesi sifo.

Ososayensi bathi iNingizimu Afrika izodinga ukuqinisek­isa ukuthi imithi yokugoma ebhaliselw­e ukusetshen­ziswa ezweni iyasebetsh­enziswa ngendlela ngokulande­la imigomo nemibandle­la futhi ayiphelelw­a isikhathi. Baphetha ngokuthi konke lokhu kuzothatha isikhathi, ngisho nangomzamo omkhulu kahulumeni nezimboni.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa