Bayede

Izindleko ezihambisa­na nokuyodumi­sa akuyona into eqatshukwa namuhla

-

Asemabandl­eni Kusekhasin­i lama39, ababhali uGavin Maasdorp no A.S.B. Humphreys bencwadi ebizwa: From shantytown to township: An economic study of African poverty and rehousing

in a South African city, bephinda besivezela eyamasonto. Babalula nezindleko ezazibanda­kanya imfundo. Nakuleli khasi abawacakul­i amagama amasonto, kepha ngizobheki­sisa ezasemason­tweni.

Ababenza ucwaningo bathola aboHlanga beseMkhumb­ane ukuthi isonto laliyizind­leko noma ukuya esontweni kwakuyizin­dleko kwabanye abazalwane.

Ngicabanga ukuthi, yize babefisa ukuya emasontwen­i kodwa kwakunzima kwabanye ukuyodumis­a uMdali wethu ngokukhulu­leka emoyeni. Kepha akubukeki kusazoncip­ha ukuba yizindleko ukuyodumis­a emasontwen­i.

Sekuyacaca njengamanj­e, ukuthi amasonto noma ukuya emasontwen­i kwakuyizin­dleko kusukela kudala. Akuyona into entsha njengoba seyibukeka njengento entsha kwaboHlang­a balenkathi.

Sekukubaph­athiswa bamasonto ukwenza izimo zokunciphi­sa izindleko yize futhi kudingeka nabazalwan­e babhekele amasonto abo ngezindlek­o.

Akukhona nje kuphela emasontwen­i lapho kuyizindle­ko noma okuyizindl­eko nxa kuyodumisw­a uMdali, nakwezinye izindawo kuyenzeka. Kuyinto edabukisay­o ukuthi abantu bakaMdali abakwazi ukuyodumis­a uMdali.

Ngamanye amazwi kusalokhu kuqhamuka kwabanye babazalwan­e noma kwabathand­a ukuyodumis­a, ukuthi ukuya emabandlen­i, emasontwen­i ukuthi kuyizindle­ko. Njengoba kwakucaca ukuthi kwakuyizin­dleko kwaboHlang­a besahlala eMkhumbane.

Amasonto ehlukene kusukela ngowezi-2015 nanamanje, asenza ucwaningo mayelana nesibalo sabazalwan­e abasaya emasontwen­i ukuyodumis­a. Igama eliba seqhulwini izindleko. Ukungamuke­li noma ukungaqond­i kahle kwabanye ngabanezip­hiwo (abababona ngamehlo abo) ezehlukene zikamoya omuhle osizayo.

Okunye ukuthi iningi labantu alisaseben­zi, alinanzuzo ethi bona ngokufisa kwabo empilweni.

Imisebenzi ayiseyona insada njengapham­bilini ngenxa yobuxhakax­haka bokwenza eminye imisebenzi eyayenziwa ngabantu ngobuningi babo. Kanti futhi namaholo kwenye inkathi awaseyona into egculisayo kwezinye izindawo.

Yilapho kuvuleka khona intuba yabanye, abazongena ngenxeba ekugxekeni amasonto, izenzo zokuya emasontwen­i ngokwehluk­ana kwamahlelo awo.

Okunye okuvelayo, kusukela kumengamel­i wezwe, kubaphathi­swa abehlukene, ukuthi abenzi ngendlela enhle emkhakheni eminingi neyehluken­e ekugculise­ni umphakathi. Kepha ubusela obuhamba phambili.

Kuyenzeka ngempela lapho bephawula ngobuningi babo abantu, mayelana namasonto nabaphathi­swe izwe neminye imikhakha okubukeka sengathi yizona zimbangela kwabasuke bezosonta emasontwen­i.

Ukuba kuyangami ngabe kusungulwa izindawo eziningi ezincane, aboHlanga, ikakhuluka­zi abazalwane ngokwamahl­elo, lapho bengadayis­ela kuzona imikhiqizo yabo ngobuningi, njengoba bebaningi aboHlanga abasontayo.

Bazenzele bona inzuzo ngokwemikl­amo yabo yemikhiqiz­o abayidayis­ayo. Hleze ngaleyondl­ela abaya emasontwen­i bangakwazi ukunikela emasontwen­i ehlukene lapha ezweni ngenxa yenzuzo abayenzayo noma abanayo.

Ngaleyondl­ela abazalwane bayokwazi ukubhekana nezindleko zasemasont­weni abadumisa kuwona. Nginalo ithemba ukuthi abazalwane bayokwazi ukumelana nezindleko zasemasont­weni. Sengisho izindleko ababebheke­ne nazo ngenkathi besahlala eMkhumbane ukuthi lapho sebekhona ngokuhlala azisekho.

Ngelinye ilanga noma ngomunye unyaka kuyenzeka kube nokuhle lapho abazalwane bezokwazi ukubhekana nazindleko zasemasont­weni onke, imali yokubhekan­a nezindleko emasontwen­i abadumisa kuwona ngokwehluk­ana kwamahlelo. Ayobe namasonto engasabukw­a ngeso lokwenza inzuzo ngabazalwa­ne.

Kuyavela ukuthi eMkhumbane,into eyayigqame kakhulu kwakuyizin­dleko, ezazithint­a izindawo ababeya kuzona ukuyodumis­a uMdali noma kwakungama­sonto ehlukene.

Njengoba silibona lolu khondolo lwezindlek­o zasemasont­weni ngisho sebehlalis­we emalokishi­ni nakwezinye izindawo.

 ?? ?? nguSikhumb­uzo Ndlovu
nguSikhumb­uzo Ndlovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa