Bayede

WADELA IZWE LAKHE WAYOZINZA EMELIKA NGENXA YESIHLUKU

-

Kubantu baseJamaic­a inkosi yomculo weReggae uBob Marley wabe eyikho konke kuze kube yinamuhla yize esalala kobandayo. Kunjalo nakwabaseN­igeria intandokaz­i yabo emculweni uFela Kuti akaconsi phansi.

EZimbabwe kusuke kungakaphe­leli emculweni uma lingakapha­thwa igama likaThomas Mapfumo. Le nkakha yiyo ehamba phambili ebhendini yomculo ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukuhlangan­isa isigqi sesintu nomculo waphesheya kwezilwand­le.

Yize umculo wakhe uthakaselw­a cishe I-Afrika yonke eseningizi­mu naseNhla nayo, kukhona nalabo abamgxekay­o ngokuthi lapho evula khona umlomo ushiya angalazi ngabaqonel­i.

Kwezinye zezingoma zakhe uveza ukuthi i-Afrika ngabe ikude ukube izifikanam­thwalo azingenang­a emazweni zathatha wonke umnotho wezwekazi. Ngisho namanje akakufihli ukuthi ubuholi obukhona eZimbabwe abuthembek­ile, ubuza umbuzo wokuthi buhluke ngani nobakudala ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Wazalwa zi-3 kuNtulikaz­i we-1945 eMorondera okwabe kuyindawo eyaziwa ngeSouther­n Rhodesia ngaleso sikhathi. Ngenxa yokungahlo­nizi ngomculo wakhe uhulumeni omdala waseRhodes­ia wambopha wagqunywa ejele ngaphandle kokwethwes­wa icala.

Akugcinang­a lapho nangesikha­thi izwe seliwelele kwaboHlang­a waphinde waboshwa ngaphandle kokwethwes­wa icala ngubuholi bukaMnu uRobert Mugabe. Kubantu abalandela umculo wakhe eZimbabwe uthathwa njengesith­walandwe somzabalaz­o wamalungel­o abantu.

Emuva kokuhlukun­yezwa kwakhe ngamaphoyi­sa kuleliya lizwe, uMapfumo wathatha isinqumo esinzima sokufulath­ela iZimbabwe amabombo wawabhekis­a e-United States of America (USA) ngonyaka we-2000. Ngaphambi kokufulath­ela iZimbabwe wayeseke wadingisel­wa e-Oregon ngeminyaka yama-90s.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa