WADELA IZWE LAKHE WAYOZINZA EMELIKA NGENXA YESIHLUKU
Kubantu baseJamaica inkosi yomculo weReggae uBob Marley wabe eyikho konke kuze kube yinamuhla yize esalala kobandayo. Kunjalo nakwabaseNigeria intandokazi yabo emculweni uFela Kuti akaconsi phansi.
EZimbabwe kusuke kungakapheleli emculweni uma lingakaphathwa igama likaThomas Mapfumo. Le nkakha yiyo ehamba phambili ebhendini yomculo ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukuhlanganisa isigqi sesintu nomculo waphesheya kwezilwandle.
Yize umculo wakhe uthakaselwa cishe I-Afrika yonke eseningizimu naseNhla nayo, kukhona nalabo abamgxekayo ngokuthi lapho evula khona umlomo ushiya angalazi ngabaqoneli.
Kwezinye zezingoma zakhe uveza ukuthi i-Afrika ngabe ikude ukube izifikanamthwalo azingenanga emazweni zathatha wonke umnotho wezwekazi. Ngisho namanje akakufihli ukuthi ubuholi obukhona eZimbabwe abuthembekile, ubuza umbuzo wokuthi buhluke ngani nobakudala ngesikhathi sobandlululo.
Wazalwa zi-3 kuNtulikazi we-1945 eMorondera okwabe kuyindawo eyaziwa ngeSouthern Rhodesia ngaleso sikhathi. Ngenxa yokungahlonizi ngomculo wakhe uhulumeni omdala waseRhodesia wambopha wagqunywa ejele ngaphandle kokwethweswa icala.
Akugcinanga lapho nangesikhathi izwe seliwelele kwaboHlanga waphinde waboshwa ngaphandle kokwethweswa icala ngubuholi bukaMnu uRobert Mugabe. Kubantu abalandela umculo wakhe eZimbabwe uthathwa njengesithwalandwe somzabalazo wamalungelo abantu.
Emuva kokuhlukunyezwa kwakhe ngamaphoyisa kuleliya lizwe, uMapfumo wathatha isinqumo esinzima sokufulathela iZimbabwe amabombo wawabhekisa e-United States of America (USA) ngonyaka we-2000. Ngaphambi kokufulathela iZimbabwe wayeseke wadingiselwa e-Oregon ngeminyaka yama-90s.