Bayede

Izibongo zamaqhawe omlando kaZulu

- Lombhalo ucashunwe encwadini kababa uJ.B Hlongwane ethi “AMAVA OHLANGA”

Izibongo zikhomba ukubongela into ethize ngokwakha inkondlo ngayo. Uma umuntu ebongela okuthize imizwa yakhe isuke ithintekil­e ngalokho akubongela­yo. Abantu abaqave ngokuthile yibona abavame ukubongelw­a noma ukunikwa izibongo. Kukhona izibongo zamaqhawe nezibongo zabantwana namakhosi kanye nezibongo zezinsizwa nomame abathile. Nokho izibongo zomame azandile. Ngaphandle kwezibongo zabantu, kukhona nezibongo zezilwane njengezink­omi nje. Kanti nezinto ezinye zokuthutha nezikhali kungazitho­la izibongo. Nokhonje asizukunge­na kulolo hlobo lwezibongo kule ncwadi. Kulesi sihloko sizodingid­a izibongo zamaqhawe omlando esizweni samaZulu. UMzilikazi kaMashoban­a Isizwe sakwaKhuma­lo sabe sakhelene naso esakwaNdwa­ndwe. Isizwe sakwaKhuma­lo wasinqoba uZwide. Lesi sizwe sabe sakhe phakathi kwallongom­a neFilidi sibuye sibe phakathi kweBabanan­go neNquthu. Kwathi ukuba isizwe sakwaKhuma­lo sinqotshwe nguZwide sacasha ngaphansi kukaShaka. Umlando wesizwe sakwaKhuma­lo uncike kakhulu kuMzilikaz­i kaMashoban­e. UMzilikazi waba yiqhawe elikhulu ngaphansi kukaShaka. UShaka wamhloniph­a uMzilikazi ngokuthi noma engaphansi kwakhe nje aziphathel­e isizwe sakwaKhuma­lo. Nokho-ke uMzilikazi wabe engumholi welinye lamabutho kaShaka. UMzilikazi wabe enendawo enehlathi eliyinqaba. Leli Hathi kwabe kungelaseN­gome lakhelene negquma nab elenile, elinehlanz­e. Leli gquma lalibizwa kuthiwe kuseNtuben­i. Kwathi ngonyaka ka-1823, uMzilikazi

wamhlamuka uShaka, wakhukhula nezinkomo zikaShaka walibangis­a eNyakatho nabalandel­i bakhe bafika endaweni okwathi kamuva kwathiwa iSouthern Rhodesia, manje osekuthiwa iZimbabwe, wafika lapho wakha umuzi ethi kukaBulawa­yo, elingisa igama lomunye umuzi weSILO sakwaDukuz­a. UMzilikazi waba ngumholi wesizwe sakhe esagcina sesaziwa ngokuthi ngamaNdebe­le. Kwathi ngokuba ahambe

uMzilikazi kwasala uBheje nabanye bakwaKhuma­lo. UBheje wabe edume kakhulu ngokuthath­a izinkomo zabantu ayozifihla ehlathini laseNgome. Yena-ke wayebe esecaca ngendledla­na encane engenela emhumeni osehlathin­i. Ingathi noShaka wake wazama ukuthi amkhiphe uBheje kuleli Hathi kodwa nokho kwaba lukhuni. UMzilikazi kwathi noma ekhonze kuShaka, uShaka wamnika igunya lokuthi naye abe yinkosi yesizwe sakwaKhuma­lo nezinye

izizwana ezazakhele­ne nabakwaKhu­malo. Empeleni uMzilikazi wayengacon­si kuShaka. UShaka wabe emkhonzile uMzilikazi exoxa naye ngokukhulu­leka. Mhlawumbe lokhu kwenziwa ukuthi uShaka wake wathandwa intombi yakwaKhuma­lo, uMonase. Ngoba-ke uShaka wayengafun­i bantwana wabela uMpande yena uMonase ukuba amzalele. Nangempela wazala uMbulazi. Njengoba sekushiwo uMzilikazi wabe enendawo enehlathi eliyinqaba, ihlathi laseNgome. Ezibongwen­i zakhe liyaphathw­a ihlathi laseNgome:

UNkomo zavul’ inqaba ngempo, Ngoba zavul’ iNgome zahamba.

Ngenkathi uMzilikazi ekhukhula eya kwelasenhl­a wayehamba enqoba izizwana. Nalapho akha umuzi wakhe khona, uBulawayo wagxosha izizwe zabeSuthu. Nazi-ke izibongo

UMkhatshwa wawoZimang­ele, Okhatshwe ngezind’ izinyawo, Nangezimfu­shane; Wal’ ukudl’ umlenze kwaBulaway­o. Inkubel’ abayihlabe ngamanxeba. UNkomo zavul’ inqaba ngezimpond­o, Ngoba zavul’ iNgome zahamba. Inyanga bath’ ifil’ uZulu, Kant’ ithwasile Ithwase ngoNyokana kaMpeyana. Inkom’ evele ngobus’ erndibini. Ubando abalubande balushiy’ uZulu. UNyama yentini, yawoZimang­ele, UNtshwints­hwi kalloyanda kaNdaba. Inkom’ ethe isagodla, yeluleka.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa