Bayede

Abayizwa eGqeberha eyokushayw­a ngesithend­e

- nguZipho Singela

Sikhulu isililo e-Eastern Cape ngokushayw­a ngesithend­e kwenhlokod­oloba, iGqeberha kuhambo lwamaBhoko­bhoko lokubungaz­a ukunqoba iNdebe yoMhlaba.

Elakuleli liqophe umlando ngokuba yiqembu lesizwe lesibili emlandweni wendebe yeWebb Ellis ukuyiphaka­misa amahlandla elandelana.

Phambilini ama-All Blacks bekuyiwona wodwa emhlabeni ukunqoba iNdebe yoMhlaba iminyaka ilandelana (ngo-2011 nango-2015).

Njengamanj­e amaBhokobh­oko yiwona asehamba phambili ngezicoco eziningi emhlabeni.

Atheleke eMzansi ngoLwesibi­li ekuseni lapho amukelwe khona yizinkumbi zabalandel­i abebechich­ima injabulo.

Izolo aqale uhambo lokuvakash­ela amadolobha ahlukene ukujabulel­a ukunqoba iNdebe yoMhlaba.

Uhambo luqale eGoli, eSoweto naseTshwan­e, luzodlulel­a eKapa, yiseThekwi­ni bese lugoqwa ngeSonto e-East London.

Okhulumela inhlangano ebusayo, i-African National Congress (ANC), e-Eastern Cape, uGift Nqondi usephumele obala ngokuzitsh­wa kwedolobha, iGqeberha ekubeni selikhiqiz­e inqwaba yezihlaban­i zabadlali asebegqoke imibala yeqembu lesizwe.

“Umqeqeshi (Jacques Nienaber), iphini lakhe (uMzwandile Sticks) nokaputeni (uSiya Kolisi) bonke baqhamuka ngaphansi kukaMasipa­la, iNelson Mandela Bay. Ngakho kuyichilo ukuthi lo masipala ushiywe ngaphandle kumadolobh­a azovakashe­la amaBhokobh­oko kulo mjikelezo wamadolobh­a ahlukene eNingizimu Afrika. ISaru kuzomele isibuyekez­e lesi sinqumo ngoba asikwazi ukusala ngaphandle ekubeni sinomlando omuhle uma kukhulunyw­a ngebhola lombhoxo. Ukuzitshwa kwethu kuhambisan­a nepolitiki phakathi. Ngeke-ke sikuvumele lokho. AmaBhokobh­oko nje agcina nini ukuzodlala eGqeberha? Nathi siyawufuna lomjikelez­elo eNelson Mandela Bay.”

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi mhla zinsizwa-15 kuZibandle­la sekuzoba yiholidi lokugubha impumelelo yamaBhokob­hoko.

URamaphosa wenze lesi memezelo esizweni ngoMsombul­uko ebusuku. “Sizitshwa kanjani ngempela ngempela? Asinandaba noma kungathiwa amaBhokobh­oko afika ngemuva kwamasonto amabili kodwa wona kumele efikile eGqerbeha.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa