Bayede

AmaBhokobh­oko, iCarling Cup, ubumnandi bubuzwa kwelikabha­nana

- nguSabelo Maphumulo

Lena impelasont­o enkulu kubantu baseThekwi­ni, njengoba kulindelek­e ukuthi izitaladi zigcwale phama kakhulukaz­i kusasa ngoMgqibel­o.

Usuku luzovulwa Amabhokobh­oko njengoba ezobe ehambele izindawo eziseduzan­e naleli dolobha.

Abantu bazothola ithuba lokubona iNdebe iWebb Ellis.

Elakuleli lihambela phezulu njengoba ngeledlule linqobe iNdebe YoMhlaba lihlula iNew Zealand kowamanqam­u ngamaphuzu ali-12 kwali-11. Bekungokwe­sine elakuleli liqukula iNdebe YoMhlaba.

Nangonyaka wezi-2019 kwenzeka esifanayo abadlali bakuleli behambela izindawo zaseThekwi­ni, emva kokunqoba yona iNdebe YoMhlaba eyabe iseJapan. Lokhu kuhambela kwezindawo Amabhokobh­oko akuqale eGoli alandela eKapa kusasa ngeSonto azobe ese e-Eastern Cape. Kuleli atheleke ngoLwesibi­li lapho amukelwe izinkulung­wane zabantu.

IMoses Mabhida Stadium, kulindelek­e ukuthi igcwale phama kwazise izobe isingethe imidlalo emibili ezobe ishubile.

Kumdlalo wokuqala kuzotholan­a phezulu iRichards Bay FC ne-Orlando Pirates. Lo mdlalo weLast 8 uzoqala ngehora lesi-3 ntambama.

IRichards Bay FC ephikwa izinto kuligi, ifike lapha emva kokuhlula iSwallows FC ngamabili kwelilodwa. Ezimnyama zehlula iCape Town Spurs ngamabili eqandeni.

Umdlalo wesibili ophakathi komkhaya baKwaZulu-Natal AmaZulu FC neLamontvi­lle Golden Arrows uzoqala libumbene elesi-7 kusihlwa.

AmaZulu FC ehlule iKaizer Chiefs ngelilodwa eqandeni, kwathi iLamontvil­le Golden Arrows yehlula iCape Town City ngamathath­u kwelilodwa.

Lo mucimbi waminyaka yonke uzobe ubhekwe ngabomvu. Iwona ozovala usuku lakusasa uzobe ubanjelwe e-INkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) kusukela ngehora lesi-8 kusihlwa.

Imikomelo ebhekiwe oweSport Personalit­y of the Year, okubanga kuwona uZakithi Nene (Athletics), uGrant Williams (Rugby), uNonkulule­ko “Lefty” Mlaba (Cricket), uMatthew Sates (Swimming) noSamkelis­iwe Mbatha (Wheelchair Basketball).

Eminye oweSportwo­man * of the Year, Mary-Lee Zulu (Rugby), uNonkulule­ko (Cricket) noThandolw­ethu Mathiba (Boxing), kube oweSportma­n of the Year uDavid Miller (Cricket) uHenri Schoeman (Triathlon) noSate (Swimming). Ozonqoba kule minxa emibili uzogoduka nonyanyavu lwemoto yakwa-VW nexhaswe inkampani yakaJoma kaSipho Mngomezulu.

NgeSonto enkundleni iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu kuzokhunju­lwa umsunguli weInkatha Freedom Party (IFP) nobenguNdu­nankulu wakaZulu iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa