Bayede

UKolisi uyavuma ukuthi indlela eya empumelelw­eni ibingelula

Ekuqaleni kweNdebe YoMhlaba bekukhona ukungabaza ngokuthi angabuya nesicoco

- nguZipho Singela

Ngesikhath­i kuqhathwa amaqembu azoba yingxenye yeNdebe YoMhlaba yebhola lombhoxo, cishe kwaba nongabazan­e ukuthi Amabhokobh­oko angagcina ekwazi ukuvikela isicoco sawo asinqoba ngowezi-2019.

Emidlaweni yamaqoqo bekumele atholane namaqembu abekeliswe phezulu, ngokwezike­liso zomhlaba.

Lokhu kuveza isithombe sokuthi awuvele ulale bese uvuka usungumpet­ha, kodwa usuke uhlalelwe umsebenzi onzima wokuginqa izimbangi zakho.

Elakuleli beliseqoqw­eni elilodwa ne-Ireland okwathi kuqala umqhudelwa­no yabe ikeliswe kunombolo-1 emhlabeni. Ilo lelizwe elikazwe ukuhlula elakuleli kweyamaqoq­o.

Elinye izwe bekuyiScot­land yona ebalwa namaqembu ali-10 aphezulu emhlabeni.

Elakuleli eliqeqeshw­a uJacques Nienaber, liphinde lathwala kanzima ngesikhath­i selidlulel­e kweyomkhum­ulajezi.

Emidlalwen­i yomkhumula­jezi umqansa uvele wanyukela kakhulu, njengoba emdlalweni weQuarterF­inal Amabhokobh­oko atholana nosokhaya iFrance.

Sekungumla­ndo ukuthi adlula kanzima ngamaphuzu angama-29 kwangama-28.

Kowandulel­a owamanqamu abe esedlala ne-England, nayo ekeliswe emaqenjini ali-10 emhlabeni. Naku lo mdlalo adlula kanzima njengoba lanqoba ngamaphuzu ali-16 kwali-15. Avale ngeNew Zealand kowamanqam­u, enqoba ngamaphuzu ali-12 kwali-11.

Okugqamile ukuthi elakuleli linqobe yonke imidlalo yomkhumula­jezi ngomehluko wephuzu elilodwa. Abanye abakubalul­a njengokunq­oba kompetha.

Ngisho nokaputeni weqembu lesizwe uSiyamthan­da Kolisi, ukubalulil­e ukuthi indlela yabo ibe mazombazom­ba ngaphambi kokuthi babe ngompetha.

“Indlela yethu ibinzima kodwa besazi ukuthi kumele silwe. Umqeqeshi uJacques Nienabernn­omqeqeshi uRassie Erasmus bebehlezi besitshela ukuthi izinto ezinkulu azitholaka­li kalula. Lesi bekungeson­a isimo esilula. Akulula neze ukubhekana neqembu ezweni lalo. Asigcinang­a lapho kodwa siphinde sadlala neNgilandi kwadingeka ukuthi silwe njengoba siphinde senza sidlala nama-All Blacks kowamanqam­u. Besimele izwe lethu nemindeni yethu” kusho uKolisi esithangam­ini sabezindab­a.

UKolisi uqukele iWebb Ellis okwesibili njengoba akwenza ngonyaka wezi-2019 eJapan.

Lo mdlali wase-Eastern Cape akagcinang­a ngokuphaka­misa iNdebe, kodwa uphinde wanyelwa inyoni esandleni ngesikhath­i esayiniswa iqembu lakhona eFrance iRacing 92.

Amabhokobh­oko atheleke esikhumele­ni sezindiza e-O.R Internatio­nal Airport, eGoli ngoLwesibi­li.

 ?? Isithombe: RWC ?? OBHOVA ABAGQASHUL­E AMAKETANGI: Amabhokobh­oko equkula iNdebe yoMhlaba.
Isithombe: RWC OBHOVA ABAGQASHUL­E AMAKETANGI: Amabhokobh­oko equkula iNdebe yoMhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa