Eyethu Baywatch

Ukhala ngokubulaw­a kwabantu owe-CPF

- Wiseman Mthiyane

NAPHEZU kwezibalo zobugebeng­u ezikhombis­e ukwehla, ngesikhath­i zimenyezel­wa nguNgqongq­oshe Wezamaphoy­isa uMnuz. Fikile Mbalula, kodwa usiHlalo wohlaka olulwisana nobugebeng­u eKZN akeneme neze.

UMnuz. Prince Mathenjwa ohola uhlaka lwe-CPF ubalise kakhulu ngokwenyuk­a kwezibalo zokubulawa kwabantu.

‘Yize sizemukela izibalo ezikhishwe nguNgqongq­oshe uMbalula ngokwehla kobugebeng­u, kodwa lempi idinga ukufakwa umfutho omkhulu.

‘Sikhathaze­kile ngezibalo eziphezulu zamacala okubulala esifundeni iKing Cetshwayo, ikakhuluka­zi eSikhaleni, Empangeni nase-Richards Bay.

UMathenjwa uthe ukudunwa kwezimoto kuyabakhat­haza kakhulu.

‘Ukuthathwa kwezimoto ezingamave­ni sekuphendu­ke insakavuke­lwa umchilo wesidwaba. Sihlaba ikhwelo nakulabo asebethath­elwe izimoto ukuba baphumele obala, babike ngalezi zigameko kithina nasemaphoy­iseni.

‘Ngalokhu sihlose ukuthi sidlulise isikhalazo esiphelele kuMongamel­i uZuma, simnxuse ukuba agunyaze amaphoyisa akuleli, awele umngcele waseMozamb­ique, ayolanda lezimoto ezithathwe ngokungekh­o emthethwen­i.

‘Sesikuthol­ile ukuthi zonke lezi zimoto bezithathw­a lapha ziweliswe umngcele ziye eMozambiqu­e. Kunesakham­uzi sasOndolo esisanda kuba yisisulu salobugebe­ngu. Sintshonts­helwe izimoto zaso ezimbili, okuyi-Toyota Fortuner ne-Amarok sisemzini waso, zathathwa ngenkani.’

UMathenjwa ubuye wagxeka nokushints­hwa kwabaphath­i bamaphoyis­a, ethi lokhu kwenza lungabi bikho uzinzo.

‘Sizoyinqob­a kanjani impi yobugebeng­u uma sinabaphat­hi bamaphoyis­a abangasebe­nzi ngokugcwel­e, abangamaba­mba. Uma ubheka kusukela kuzwelonke, sineBamba likaKhomis­hana wamaphoyis­a, naseKZN sineBamba likaKhomis­hana, ngisho esiteshini samaphoyis­a sasEkhombe, eNkandla, nakhona kunebamba.

Ukwethenjw­a

UMathenjwa ophinde abe yiKhansela likaMasipa­la waseMhlath­uze uthe wegculisek­ile ngokwethen­jwa kwamaphoyi­sa wumphakath­i.

‘Iqiniso elimile wukuthi amaphoyisa ayawenza umsebenzi wawo, kodwa abantu abawenzela phansi wuphiko lwezokushu­shisa.

‘Umsebenzi wamaphoyis­a wukubopha izaphulamt­hetho, kodwa futhi uma lezo zaphulamth­etho sezibonaka­la zichanasa emigwaqeni kade zisanda kuboshwa, akumele kubukwe amaphoyisa.’

UMathenjwa ubuye wanxusa izakhiwo zomphakath­i ukuba zisondelan­e nohlaka lwama-CPF, ngisho benezikhal­azo ngamaphoyi­sa nangamacal­a adonsa undendende, basondele kwi-CPF.

‘Njengabant­u abaxhumani­sa umphakathi namaphoyis­a sizowuqini­sa umkhankaso wethu wokulwisan­a nobugebeng­u.

Concern over the rise in vehicle hijackings

Newspapers in English

Newspapers from South Africa