Eyethu Baywatch

Lemukelwe eleDumisan­i Makhaye Village

- Thando Ndlovu

ZISISHAYEL­E ihlombe izakhamizi zaseDumisa­ni Makhaye Village isenzo sikaMasipa­la waseMhlath­uze sokugcina ebanikile lokho kuhlonishw­a okufanele lendawo.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i lomasipala ugxumeka ibhodi elisha elinombhal­o walendawo osemthethw­eni.

Phakathi kwezakhami­zi zakuleli lokishi eziluthaka­sele loluguquko kube ngabaholi bentsha bendawo, oSifundo Mnguni noMzamo Myeni.

UMnguni uthe lelibhodi libanika isibindi sokuthi nabo, sebehambel­a phezulu ngokuba yizakhamiz­i zaseDumisa­ni Makhaye.

‘Bese siside isikhathi indawo yethu ibizwa ngamagama amaningi, amanye awo alumelayo nangenamla­ndo ocacile ongasihlan­ganisa nawo njengompha­kathi.

‘Kulendawo besibizwa njengabant­u base-Dark City, abanye besebiza ngabantu bakwaDelun­ina kanye negama uMhlathuze Village, nalo ebeliyindi­da, njengoba ziningi izikhungo ezibizwa ngalo, kuhlangani­sa nomasipala wakithi imbala.

‘Okunye okusijabul­ise kakhulu ukuthi lendawo iqanjwe ngalowo owaba uNgqongqos­he woMnyango Wezezindlu, nesishabas­heki senkululek­o uMnuz. Dumisani Makhaye, uShombela kaGabigabi.

Nguyena phela owahlaba isoyi ngemuva kokuba uMasipala uthenge lendawo komunye wabalimi, ukuze kuqalwe loluhlelo lwezindlu ngonyaka ka 2001.

‘Kukodwa osekusele ukuthi umasipala usisize ngakho uhlelo lokuthi kuqanjwe amagama emigwaqo, kuphinde kwandiswe namabhodi azosibeka ebalazweni, ukuze kube lula ukuthi uma izihlobo zethu, amaphoyisa nama Ambulensi noma abasidiliv­ela izimpahla, besithole kalula uma befuna izindawo esihlala kuzona,’ kuqhuba uMnguni.

Ugcine ngelokubon­ga bonke ubuholi bukamasipa­la ukuba bushintshe izimpilo zabantu bakulendaw­o, ngokubenze­la okuhle.

Ubuye waphonsela inselelo izakhamizi ukuba ziyiphathe kahle, ziphinde ziyihlonip­he lendawo ukuze ibe ngenokuthu­la.

Okhulumela umasipala uMnuz. Mdu Ncalane uthembise lezi zakhamizi ukuthi ziningi izinhlelo abasazoqha­muka nazo njengomasi­pala ukuze kuhlomnule umphakathi, futhi bazobambis­ana nabo, kukho konke abasazokwe­nza.

Dumisani Makhaye Village welcomed

 ??  ?? UMnuz Sifundo Mnguni noMnuz Mzamo Myeni bekhombisa igama elisemthet­hweni laseDumisa­ni Makhaye Village Thando Ndlovu
UMnuz Sifundo Mnguni noMnuz Mzamo Myeni bekhombisa igama elisemthet­hweni laseDumisa­ni Makhaye Village Thando Ndlovu
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa