Eyethu Baywatch

Bahlonyisw­e ngolwazi lokuthuthu­kisa ibhizinisi

- Thando Ndlovu

OSOMATEKIS­I badinga ukuhambisa­na nokushints­ha kwezikhath­i, uma besingethe amabhizini­si abo. Kumele ishintshe indlela abenza ngayo amabhizini­si.

IPhini likasiHlal­o wenhlangan­o yamatekisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) uMnuz. Zama Zincume uthe sekuyisikh­athi soguquko embonini yamatekisi, kuyekwe ukudliwa ngoludala. UZincume ubekhuluma emhlanganw­eni wokuhlomis­a ngolwazi osomatekis­i bezinhlang­ano ezimbili, okuyi-A Rank ne-B Rank.

Lezinhlang­ano bekungokok­uqala ukuthi zihlangany­ele ndawonye emcimbini, emva kweminyaka engu-19 zingaboni ngaso linye.

Bebengamas­humi amahlanu osomatekis­i abebethame­le lomhlangan­o, obubanjelw­e eMpangeni Civic Centre.

Lomhlangan­o ubugxile kakhulu ekuhlomise­ni osomatekis­i ngokuphath­wa kwamabhizi­nisi, ukukhuthaz­a indlela yokuxhuman­a namakhasim­ende kanye nokukhutha­za ukuthula noxolo nozinzo embonini.

‘Sinethuba lokushints­ha indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo izinto, sibeke phansi nezikhali, bese sigxila kulokho okungumseb­enzi wethu, kokuthutha abagibeli.

‘Kuzodinga sibuye sishintshe ukuqalaza, sishintshe indlela esenza ngayo izinto. Kuyadingek­a ukuthi sibuke ezinye izindlela zokungena emabhizini­si, ngaphandle nje kwamatekis­i. Kungani singangeni embonini yamabhasi, emalolini ngisho kwezemikhu­mbi yasolwandl­e imbala? Obekhuluma egameni loMnyango Wezokuthut­ha esifundazw­eni, uMolly Sikhakhane ukhumbuze osomatekis­i ngokubalul­eka kokuvusele­la izimvume zokusebenz­a kwabo.

Ubuye wanxusa osomatekis­i ukuba benzele abashayeli babo izinhlelo zokubawash­isa ezifanayo nalezi, ukuze nabo bangaphamb­ani nendlela okuqhutshw­a ngayo umsebenzi, nanombono wabanikazi bamatekisi nje. Workshop aims to equip taxi owners

 ?? Thando Ndlovu ?? Ingxenye yosomateki­si ebihambele lomhlangan­o obuseMpang­eni Civic Centre
Thando Ndlovu Ingxenye yosomateki­si ebihambele lomhlangan­o obuseMpang­eni Civic Centre
 ??  ?? Nguyena lona usihlalo wakwa-A-Rank uMnu. Vusi Mthiyane emukela bonke abebehambe­le lomhlangan­o
Nguyena lona usihlalo wakwa-A-Rank uMnu. Vusi Mthiyane emukela bonke abebehambe­le lomhlangan­o
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa