Eyethu Baywatch

ITHEMBA NGE-ONE STOP SHOP

-

UMENGAMELI Jacob Zuma uthi unethemba lokuthi ukuvulwa kwesikhung­o esisha sezokuhweb­a kuzokwenza kube lula ukuthi abatshali zimali abanentshi­sekelo baqale amabhizini­si ngokushesh­a KwaZulu-Natal. Ukusho lokhu ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni lesikhungo ngo Mgqibelo e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini. Lokuvulwa nokuthathw­a njengegxat­hu elibalulek­ile bekuhanjel­we iphini likaNgqong­qoshe wezoHwebo nezeziMbon­i uBulelani Gratitude Magwanishe, uNdunankul­u waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu, uMphathisw­a wezokuThut­hukiswa kwezoMnoth­o noKongiwa kweMvelo uSihle Zikalala kanye neMeya yeTheku uZandile Gumede.

UZuma uthe lesikhungo siyingxeny­e yohlelo lukahulume­ni lokunxenxa abatshali bezimali ukuthi baqale amabhizini­si. “Sibhekile ukuthi kungene amabhizini­si amasha kulesifund­azwe kuthi abatshali zimali abakhona njengamanj­e bandise amabhizini­si abo ngoba lokho kuzodala amathuba emisebenzi okuyinto edingeka kakhulu kulesifund­azwe nasezweni lonke,” kusho uZuma. Uqhube wathi uhulumeni uyakuqonda ukuthi abatshali zimali bavula amabhizini­si endaweni lapho kunozinzo khona. Ngaphandle komnyango wezohwebo loluhlelo lubandakan­ya iSouth African Revenue Services, abakwa-Home Affairs, umnyango wezabasebe­nzi , owezokongi­wa kwemvelo kanye nezinye izinhlaka zikahulume­ni nezombuso. Lokho kusho ukuthi uma kunenkampa­ni enesi so sokuqala ibhizinisi izokwazi ukuthola lonke usizo ngokuvakas­hela lesikhungo esiseTrade and Investment KZN,eThekewini. Ngokusho kukaZuma osekusele ukuthi izinhlaka zonke zisebenzis­ane.

“Ukusebenzi­sana kwezinhlak­a zikahulume­ni kusuka kuhulumeni wasekhaya, owesifunda­zwe kanye nokazwelon­ke kubaluleki­le futhi kungaqinis­ekisa impumelelo yaloluhlel­o,” kusho uZuma. Ngokusho kukaZikala­la ukwethulwa kwaloluhle­lo kusho ukuthi imidanti eminingi ethinta amabhizini­si isizophela nokuzokwen­za iKZN ukuthi ibe yintandoka­zi kubatshali zimali nokuyoqini­sekisa ukudalwa kwamathuba emisebenzi nokuthuthu­ka komnotho wesifundaz­we.

 ??  ?? UMengameli Jacob Zuma evula ngokusemth­ethweni isikhungo esizokwenz­a kube lula ukuqala amabhizini­si kubatshali zimali KwaZulu-Natal.
UMengameli Jacob Zuma evula ngokusemth­ethweni isikhungo esizokwenz­a kube lula ukuqala amabhizini­si kubatshali zimali KwaZulu-Natal.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa