KUZOBA LUKHUNI KUBALANDELI BECHIEFS
KUZOBA LUKHUNI kubalandeli beKaizer Chiefs ukwamukela noma ukuqhubeka ukubuka iqembu labo emva kokuphoxeka nokuphuma kuma semi fayineli eTelkom Knock Out (TKO).
Phela AmaKhosi asanda kuguqiswa kabuhlungu omakhelwane iBidvest Wits eMilpark Bidvest Stadium ngo 1-0 emdlalweni okade wandulela owamanqamu nobuyithemba lamaKhosi lokugcina kulonyaka.
Okubuhlungu ukuthi umqeqeshi wezimpofana uSteve “Mphathi”Komphela uzothathwa njengesehluleki emva kokujoyina leliqembu emasizini amathathu edlule. Ngenhlanhla-ke nangokudalwa AmaKhosi iqembu elikhulu nelilandelwa noma yilaphi lapho lidlala khona, nanganjengoba nesisho sabo sithi “IKhosi alipheli umoya”. Mhlawumbe nokuzodlalela eMdubane kulempelasonto kuzoshintsha izinto kulethe nenhlanhla njengoba kuloMgqibelo azobe etheleke eMdubana eMoses Mabhida Stadium nalapho bezobhekana neqembu uKomphela aliqeqesha isikhathi eside iFree State Stars.
Lomdlalo uzoqala ngehora lesithupha (6pm), kanti omunye umdlalo okubhekeke ukuba uhehe izihlwele eziningi uzoba eMphithi eHarry Gwala Stadium nalapho kuyobe kudlala iMaritzburg United neBidVest Stadium ngo 3.30pm. Umqeqeshi weWits uGavin Hunt uthi abadlali bakhe kuzofanele bakhohlwe okwenzekile ngesikhathi bedlala iTKO neChiefs kanye nakweminye imidlalo bacabange ngeTeam of Choice. UHunt uthi leliqembu laseMphithi liyohlale liyinkinga ekhaya nasemaqembini amaningi ikakhulukazi amakhulu ngoba banomqeqeshi osemncane nokhaliphile nokwaziyo ukushintsha abacebo okudlala ngokushesha. “Angeke nje uthi uyayazi iMaritzburg United ngoba iyiqembu okulukhuni ukulidla noma yikanjani. Umqeqeshi wabo unamacebo amaningi futhi uyakwazi ukushintsha ukwenza uma umdlalo ulukhuni,”kusho uHunt.
Izinsika zeWits ekubhekeke ukuthi zinike iTeam of Choice izinkinga oThulani Hlatshwayo, Steven Pienaar,Daine Klate, Darren Keet (unozinti), James Keene, Amr Gamal kanye nabanye. Kanti imidlalo isimi yonke yeligi ihlelwe kanje isiyonke:
25 NOVEMBER
Maritzburg United v Wits, 15:30, Harry Gwala Stadium SuperSport United v Polokwane City, 15:30, Lucas Moripe Stadium
Chippa United v Mamelodi Sundowns, 15:30, Nelson Mandela Bay Stadium
Kaizer Chiefs v Free State Stars, 18:00, Moses Mabhida Stadium
Ajax Cape Town v AmaZulu FC, 20:15, Athlone Stadium
Golden Arrows v Cape Town City FC, 20:15, Princess Magogo Stadium
26 NOVEMBER
Bloemfontein Celtic v Orlando Pirates, 15:30, Dr Molemela Stadium
Baroka FC v Platinum Stars, 15:30, Peter Mokaba Stadium
SuperSport United v Ajax Cape Town, 19:30, Mbombela Stadium