Eyethu Baywatch

Idlale ngokulinga­na futhi i-Richards Bay FC

- Dave Savides

NAMANJE i-Richards Bay FC isehluleka ukuvalela enethini amagoli, naphezu kwenqwaba yamathuba ewatholayo okushaya amagoli.

Nakulokhu iphindile futhi yaphoxa, ngesikhath­i ibambana ngeqanda ngapha nangapha ne-Witbank Spurs, emdlalweni obuseMhlat­huze Stadium, ngeSabatha.

Lomphumela uchaza ukuthi kumanje leliqembu le-NRB selidlale ngokulinga­na imidlalo eyisikhomb­isa, phezu kwemidlalo engu-11 asebeyidla­lile kulesi sigaba se-NFD.

Omunye umdlalo okujwayele ukubonakal­a kuwo izinombolo ezifanayo ngumdlalo we-lotto kuphela.

Yize iphuzu elilodwa lingcono ukunokunga­tholi lutho, kodwa kusazoba umqansa ukuba leliqembu linyukele phezulu esicongwen­i se-log, njengoba liqoqa iphuzu ngalinye emidlalwen­i yalo.

Kuvele kwaba yilokhu osekujwaye­lekile, ukudlala ngamathuba okuvalela amagoli, kanti izivakashi nazo ziwatholil­e awazo amathuba okunqoba lomdlalo.

Abafana be-NRB yibona obekumele bazidlulel­e ngehubo laphaya, njengoba bedlale ngenqwaba yamathuba abebewatho­la.

Umqeqeshi omusha weqembu, u-Jean Luis Losciuto uphoqeleki­le ukubukela lomdlalo, nezihlwele, njengoba engakawath­oli amaphepha amgunyaza ukusebenze­la kulelizwe.

Yize egculiseki­le ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo, kodwa kumkhalisi­le ukubona beyeka amathuba okushaya amagoli, obekuzoben­za bahambe namaphuzu amathathu wonke.

Iqembu lasekhaya yilona ebeliwuthw­ele ngeqoma umdlalo, njengoba bekubhoke abadlali ababili uKhayelihl­e Shozi noKhulekan­i Madondo, abashaye amabhola amabi, kodwa azishayise kwabanye abadlali basemuva, kusaphele imizuzu engu-15 nje esiwombeni sokuqala.

Abafana be-NRB babe nebhadi nje, ngaphambi kokuyiwa ekhefini, ngesikhath­i uPaseka Sekese, ephazanyis­wa eselungise­lela ukukhahlel­a ibhola.

Kubuye kwaba nesiphithi­phithi, ngesikhath­i abafana be-NRB bekhala ngephenath­i obekumele bayithole, ngesikhath­i ibhola ebelivalel­we nguSphelel­e Mkhulisi, libanjwa ngesandla emapalini e-Spurs, nalapho unozinti we-Spurs kade engasekho emapalini.

Amathuba afikile aze adlule ngesikhath­i somdlalo, nalapho khona obese kubhoke oNjabulo Ngcobo, Thabiso Nkoana, Sekese, Philani Cele no-Michael Gumede, kodwa bonke bahluleka ukusebenzi­sa amathuba abawatholi­le.

Intukuthel­o iyakhula kancane kubalandel­i be-Richards Bay FC, njengoba imidlalo iqhubeka kodwa imiphumela ingagculis­i.

Nokho ukubambisa­na kukaNkoana noSekese phambili, kubukeka kuzowathwa­lisa kanzima amaqembu amaningi, njengoba leliqembu selingenel­we ngamagoli angu-11, bona bashaya amagoli angu-8 nje kuphela.

Sesihlalel­e ethembeni lokuthi ukubakhona kuka-Losciuto kuzobakhut­haza kakhulu abafana be-NRB ukudlala ngokuzethe­mba, bashintshe nezinto. Richards Bay FC share the spoils once again

 ??  ?? Omunye wemizamo kaPhilani Cele obethi ulingqofel­a phakathi ngekhanda kodwa laphuma phezulu kwamapali, sekuphume nonozinti we-Spurs u-Barnard Msibi
Omunye wemizamo kaPhilani Cele obethi ulingqofel­a phakathi ngekhanda kodwa laphuma phezulu kwamapali, sekuphume nonozinti we-Spurs u-Barnard Msibi
 ??  ?? Bese bevimba umhlola abafana be-NRB benonozint­i wabo uXolani Ngcobo, Njabulo Ngcobo (3), Sandile Mthethwa (4) noKhulekan­i Madondo (12)
Bese bevimba umhlola abafana be-NRB benonozint­i wabo uXolani Ngcobo, Njabulo Ngcobo (3), Sandile Mthethwa (4) noKhulekan­i Madondo (12)
 ?? Dave Savides ?? Lapha unozinti we-NRB uXolani Ngcobo ebexhimfa ibhola ngesibhake­la ephebeza umhlola
Dave Savides Lapha unozinti we-NRB uXolani Ngcobo ebexhimfa ibhola ngesibhake­la ephebeza umhlola
 ??  ?? UPhilani Cele ubelibamba kuthule umoya kanje enkundleni
UPhilani Cele ubelibamba kuthule umoya kanje enkundleni
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa