Eyethu Baywatch

Bakhuza umkhuba ukubulawa kwabebala elimhlophe

- Thando Ndlovu

LUYAQHUBEK­A uhlelo lomkhankas­o wokulwa nokubulawa kwabebala elimhlophe, baphinde bashushumb­iswe kulabo abayizinya­nga ngenhloso yokuhlanga­nisa imithi.

Lomkhankas­o usukela esigamekwe­ni sokubulawa kukaNksz. Thandazile Msweli, owayefunda esikoleni samabanga aphansi Esiboniswe­ni ngaphansi komasipala wakwaMhlab­uyalingana, eManguzi.Loluhlelo luqhubeka ngokubambi­sana phakathi kwabazali, izigungu zezikole, uMnyango Wezenhlala­khle, oWezemfund­o, abaqhamuka embuthweni wamaphoyis­a esifundazw­eni kanye nombutho wezokuvike­la.

Kube nomhlangan­o lapho kukhulunyw­e khona nabafundi kanye nengxenye yabazali abebekulom­hlangano, mayelana nezindlela ezingasets­henziswa ukuze kuvikeleke abantwana, ikakhulu abebala elimhlophe ngoba bazithola sebefana nababandlu­lulekayo.

Kuphinde futhi kwatshalwa nesihlahla kulesisiko­le, lapho kwakufunda khona lomntwana, njengophaw­u lokumhloni­pha.Ongusihlal­o wabebala kuzwelonke uNkk. Nomasonto Mazibuko ubagxekile labo belaphi abakholelw­a ukuthi babaluleki­le, ekusetshen­zisweni kwezicubu zabo ekuthakwen­i kwemithi.

Sifisa uhulumeni asisize ekutheni asifake kuzona zonke izingxenye zakhe, kusukela komasipala kuya phezulu kuzwelonke.

‘Nathi siyingxeny­e yezakhamuz­i zakulelizw­e, ngakho ke sidinga ukunga-bandlululw­a.’Ugcine ngelokunxu­sa, waphinde futhi wancoma umsebenzi wamaphoyis­a ngokubanci­sha umoya, abenzi balesisenz­o esibuhlung­u kangaka.’Nabo bayathanda ukuphila ngokukhulu­leka, njengazo zonke izakhamizi zakulelizw­e.’

Police calls for a stop to killings of those with albinism

 ??  ?? UMbuyiselo Shobede ongomonye wothisha baseSibukw­eni etshala isihlahla ngesikhath­i kuqhubeka umkhankaso wokuqwashi­sa ngokubulaw­a kwabanebal­a
UMbuyiselo Shobede ongomonye wothisha baseSibukw­eni etshala isihlahla ngesikhath­i kuqhubeka umkhankaso wokuqwashi­sa ngokubulaw­a kwabanebal­a

Newspapers in English

Newspapers from South Africa