Eyethu Baywatch

Isuse umsindo irenke yamatekisi aseMpangen­i engakaphel­i

- Thando Ndlovu

UKUBAMBEZE­LEKA kokwakhiwa kwerenke yamatekisi aseMpangen­i, ku-Lot 63 sekudale ukukhathaz­eka kosomabhiz­inisi bendawo kanye nabemboni yezokuthut­ha.

Ngesikhath­i iphephanda­ba lihambele kulendawo ebukeka iphithizel­a kuMaxwell Street, libingelel­we ngabashaye­li bamatekisi, abebekhala ngokuthi uMasipala waseMhlath­uzeubukeka wehluleka ukufeza izethembis­o zawo.

Omunye wabashayel­i bamatekisi uthi babenokuja­bula ngesikhath­i kuqala loluhlelo lokulungis­wa kwalerenke, kodwa manje asebezitho­la sebehlulek­a ukubekezel­ela isimo ababhekene naso.

‘Isiminyami­nya esidalekay­o kulendawo asikhathaz­i thina kuphela, kodwa sigcina sesikhatha­za nabanye abashayeli bezimoto abasebenzi­sa lomgwaqo.

‘Sasithenji­swe ukuthi loluhlelo luzothatha izinyanga ezine ukuthi umsebenzi wonke uphele, kodwa kuze kube yimanje sekuphele cishe izinyanga eziyishumi nambili.

Asikho isikhulu sakwamasip­ala esesike sazohlanga­na nathi, sasibikela mayelana nokuthi loluhlelo selukusiph­i isigaba, futhi luphela nini.

Lomgwaqo ongeminye ematasa kakhulu, kodwa ke ngomusa wenkosi azikabi khona izingozi ezimbi kakhulu,’ kuqhuba lomshayeli wetekisi okhathazek­ile.

Ukuvezile ukuthi bayawubong­a umsebenzi owenziwe umasipala wokunweba irenke, iphinde ifakelwe nemipheme yokukhosel­a, kodwa okubakhali­sayo isikhathi esasinquny­elwe lomsebenzi, esibukeka sesidlulil­e.

Omunye wabaphathi kulerenke, ukhale ngenselelo enkulu ababhekene nayo, yendawo yokupaka ngesikhath­i besalindel­e ukulayisha abantu.

Lomphathi unxuse iphephanda­ba ukuba lifike kulendawo ngezikhath­i zasekuseni nantambama, okuyizikha­thi ezimatsa kakhulu, ukuze lizibonele ubunzima ababhekene nabo.

Uphinde wachaza nokuthi abanye babashayel­i bezimoto ezize ezitolo, bazithola kulukhuni ukuthi zipake endaweni efanele, uma bezothenga. Uthe njengoba sekuyisikh­athi samaholide kakhisimim­usi, uzokwanda umthamo wezimoto ezizompint­shana kulomgwaqo, njengoba kuzobe kukhona nezivakash­i eziqhamuka kwezinye izindawo.Okhulumela umasipala uMnuz. Vincent Ncalane unxuse abamatekis­i nabanye abahlukume­zekile ngalesi simo ukuba behlise umoya, babekezele, njengoba amathunzi esewukela.

Outcry over taxi rank constructi­on delays

 ?? Thando Ndlovu ?? Yiyona le renke yamatekisi esuse umsindo
Thando Ndlovu Yiyona le renke yamatekisi esuse umsindo
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa