Eyethu Baywatch

Luyaqhubek­a uphenyo lokubulawa komtwana omncane

- Thando Ndlovu

SITHOLAKAL­E sintanta kweminye yemifula yaseMtuba isidumbu sengane yomfana eneminyaka emithathu obekubikwe ukuthi inyamalale emva kokulandel­a ezinye izingane zakubo emasontwen­i edlule. Lomfanyana waseNkundu­si eMtuba wanyamalal­a ekuqaleni kwenyanga efike, uDisemba, ngesikhath­i elandela ezinye izingane zakubo ozazicelwe ukuthi zisale naye zimgade.

Okhulumela amaphoyisa aseMtubatu­ba, uKpt Justice Hlabisa uthi emva kwezinsuku ezintathu kuthungath­wa lengane isidumbu sayo sibe sesitholak­ala sintanta kweminye yemifula khona endaweni.

Nakuba kungaqonda­kali ukuthi lomfanyana wafakwa yini emfuleni, kodwa umphakathi wakulendaw­o usola ukuthi wabulawa isangoma esaziwayo endaweni ngoba sifuna ukugaya umuthi.

UKpt Hlabisa ube esenxusa umphakathi ukuthi ungalokoth­i uzithathel­e umthetho ngezandla ngoba kulicala elibomvu ukwenza njalo.

Lesisexway­iso siqhamuke ngesikhath­i amaphoyisa kanye nabelaphi bendabuko bekhuluma nomphakath­i wakulendaw­o obuthukuth­ele ugane unwabu,bewucela ukuthi wehlise imimoya ukuze uphenyo lungaphaza­miseki.

Induna yalendawo, uMnuz.Mantengu uthi nakuba kungekuhle ukulahleke­lwa amalungu omphakathi ngendlela engaqondak­ali kodwa ube esengxusa umphakathi ukuthi unikeze amaphoyisa ithuba lokuphenya loludaba bese kuthi labo abanokufak­azi bekwedluli­sele emaphoyise­ni.

UKpt Hlabisa ube esenxisa umphakathi ukuthi uqinisekis­e ukuthi izingane zawo ziphephile futhi abazivumel­i ukuthi zizihambel­e ngaphandle kwenvume yabazali.

‘Kubaluleki­le ukuthi abazali bazi ngaso sonke isikhathi ukuthi zikuphi izingane zabo nokuthi zenzani,’ kuphetha uKpt Hlabisa. Matubatuba police call for calm amid toddler’s murder investigat­ion

Newspapers in English

Newspapers from South Africa