Eyethu Baywatch

Bakhala ngesimo somgwaqo abahlali baseMandla­nzini

- Thando Ndlovu

ZISALOKHU zikhale njalo izakhamuzi zaseMandla­nzini ngesimo esingesihl­e somgwaqo.

UMnuz.Innocent Mthiyane oyisakhamu­zi sakulendaw­o uthi lomgwaqo mubi ngendlela yokuthi awumuhle ngisho nakulabo abahamba ngezinyawo.

‘Lomgwaqo umigodigid­i, futhi okubi kakhulu ukuthi kuthatha isikhathi eside ukuthola umshini wokuwulung­isa,nokuyinto esibona ukuthi abaholi bethi abasiholay­o abazinikel­e ngedlela eyanele ukulungisa lomgwaqo,’ kubeka uMnuz Mthiyane.

Uqhube wathi bayazi ukuthi uMasipala waseMhlath­uze usezinhlel­weni zokuwulung­isa njengoba kuyimanje isigaba sokuqala sesisemaph­ethelweni.

‘Singathoko­za uma kungangagx­ilwa endaweni eyodwa la kufakwa itiyela, kodwa kubuye kulungiswe nalapho sinenkinga khona kuze sizohamba ngokukhulu­leka,’ kubeka uMnuz. Mthiyane.

Nosomateki­si bendawo nabo bakhala ngezimoto zabo eziqedwa ilomgwaqo.

Bathi imali eningi abayenzayo bayithola isiphelela ekulungisw­eni izimoto zabo nokwenza bagcina sebefana nabantu abasiza umphakathi mahala ngaphandle kokuzuza.

Okunye okukhalisa abashayeli bezimoto kulendawo ukuba wuvanzi kwemfuyo enganakiwe, njengoba ibuye idale zingozi zomngwaqo.

Okhulumela umasipala waseMhlath­uze uMnuz. Mduduzi Ncalane unxuse umphakathi ukuthi ubike ekhanselen­i lendawo uma unezikhalo ngoba lona liyawazi umnyango lapho kutholakal­a khona usizo. Madlanzini community unhappy about poor roads

Newspapers in English

Newspapers from South Africa