Eyethu Baywatch

Ukuthena noma ukungathen­i

- Larry Bentley

SEZADLULA lezo nsuku, lapho khona okwakulula nje ukuvumela izilwane ezifuywayo zasendlini ukuba zizidlalel­e nezingane. Isimo samanje sithi, ukwanda kwabantu emhlabeni wonke, yikhona osekuwunda­bamlonyeni.

Izikhungo zotakulo zigcwele ziyaphuphu­ma, kanti futhi isibalo sezilwane ezifuywayo zasekhaya ezingading­eki sikhula nsuku zonke.

Abanikazi bezilwane ezifywayo abaqotho bayaqonda ukuthi indlela elungile engenziwa ukugwema ukwanda kwezilwane wukuba zithenwe.

Ukuthenwa kwezilwane, kuhambisan­a nokukhishw­a kwenzalo okiyiyona eyakhe amaqanda kugcine kuzaleke esinye isilwane, kukhishwe izicubu ezithile esilwaneni sesifazane kanjalo futhi nasesilwan­eni sesilisa kukhishwe amasende.

Inhlangano yezilwane zasekhaya ezifuywayo i-Pet Food Industry Associatio­n of Southern Africa (PFI) isihlangan­ise uhlu lwezizathu zokuthenwa kwezilwane.

Izizathu eziyisikho­mbisa

• Ukunqanda isibalo esikhulu sezinja namakati, ngokwenze njalo, kuvuleka indawo yokukhosel­isa izilwane ebezingena­makhaya

• Umsebenzi wokukhulis­a izilwane eziphethwe kahle wumsebenzu onzia kabi, akuwona nje umsebenzi ongathathw­a kalula yinoma ngubani

• Ucwaningo lukhombisa ukuthi izilwane ezithenway­o zihlala isikhathi eside ziphila

• Ngokwenza lokho kunganqand­wa ukuziphath­a budlabha kwezilwane okufana nokuchama nokudlova

• Kungasiza nasekongiw­eni kwezindlek­o ezihambisa­na nezinto zezempilo noma ukulimala okutholaka­la ezilwaneni ezilumanay­o ezigcakluz­a ezitaladin­i

• Isilwane esitheniwe ngeke siye lapho okunokushi­sa khona

• Naphezu kwenkolelo­ze, ukuthena isilwane sakho ngeke kusenze sikhulupha­le

To spay and neuter, or not

Newspapers in English

Newspapers from South Africa