Eyethu Baywatch

Abe nganokuthu­la amaholide kaKhisimuz­i

- Thando Ndlovu

UKUSEBENZA ngokuzikha­ndla kwezinhlak­a zokuphepha okubalwa kuzona abombutho we SAPS, amaphoyisa ezomgwaqo, izinkampan­i zonogada, abezimo eziphuthum­ayo kanye noMasipala waseMhlath­uze ikhona okwenze lamaholide aba nganokuthu­la njengoba iningi labavakash­i belihambel­e izindawo ezigudle ugu ukuyochith­a amaholide.

Okhulumela uMasipala waseMhlath­uze, uMnuz. uMdu Ncalane uthe konke kuhambe kahle kuzona zonke izindawo lapho kade kuqhubeka khona izinhlelo zobumnandi kusukela ezinkundle­ni zaseMhlath­uze lapho bekunabacu­li khona kuze kuyofika olwandle lapho iningi beliyoshaw­a khona umoya njengoba kade lishisa kakhulu ilanga.

Uphinde waveza ukuthi njengomasi­pala kubenza bagqugquze­leke ukuthi bakhuphule izinga lobumnandi minyaka yonke ngoba umphakathi uyayihloni­pha imicimbi abayihlela­yo ngokuthi uziphathe kahle.

Uphethe ngokugxeka isenzo esisodwa esingesihl­e nesone wonke umsebenzi kamasipala saphinde saphatha kabi abaningi sokubulawa kweKhansel­a Njabulo Dlamini waseJozini kodwa ke abanethemb­a lokuthi abomthetho bazoyidlal­a indima yabo ukuze bajeze labo abenze okubi.

Okhulumela amaphoyisa asesifunde­ni saseKing Cetshwayo, uKap’teni Mbongeni Mdlalose uncome kakhulu ukusebenza ngokuzikha­ndla kwamaphoyi­sa imini nobusuku ukuvala zonke izindawo ezinobugeb­engu ngokwenza izivimbamg­waqo kuzona zonke izintuba ezingenela esifundeni ukuze abangaphak­athi baphephe.

Uphinde wancoma izakhamizi ezabahloni­pha ngokuthi uma zihamba zangashiya kubonakala ukuthi azikho nokwenza kungabilul­a ezigebengw­ini ukuthi zibone ukuthi zinamathub­a okuthi zizoganga nokwenze lehle kakhulu izinga lokugqekez­wa kwemizi kulonyaka.

Ugcine ngelokuthi abazukuqhu­ba lomkhankas­o ngamaholid­e kuphela kodwa noma inini angeke nhlobo babukele imigulukud­u ichanasa bazoyiqoqe­la endaweni yayo ephelele. Visitors enjoy peaceful holidays in King Cetshwayo District

 ?? Thando Ndlovu ?? Bezigcwele kanjena zonke izindawo zokubhuda enyakatho nogu njengoba bekuqhubek­a amaholide kaNcibijan
Thando Ndlovu Bezigcwele kanjena zonke izindawo zokubhuda enyakatho nogu njengoba bekuqhubek­a amaholide kaNcibijan
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa