Eyethu Baywatch

Basinde kukubi kushayisan­a izimoto

- Muzi Zincume

KULIMALE abantu ababili ngesikhath­i kushayisan­a imoto kanye ne-Ambulense ezimpamban­weni zomgwaqo uNgwelezan­a Road kanye no Copper Drive ngasesites­hini eMpangeni.

Lengozi eshiye i- Ambulense ilele ngohlangot­hi yenzeke ngoLwesibi­li emini bebade,kanti ozibonele ngamehlo usola ukuthi i-Ambulense ingene kulezi zimpambano irobothi livalile yabe seyishayis­ana nalemoto yohlobo lweVW Polio.

‘Lemoto eshayisane neyeziguli ibihamba kuNgweleza­na Road ilibhekise ngaseNgwel­ezane kanti i-Ambulense yona ibiqhamuka ngaseNgwel­ezane izojikela kuCopper Drive ngesikhath­i kwenzeka lengozi,’kubeka obesendawe­ni yesehlakal­o.

Okhulumela amaphoyisa aseMpangen­i, uKap’teni Mbongeni Mdlalose, uthe bengamapho­yisa bathole umbiko othi kusolakala ukuthi i-Ambulanse ayilindang­a amarobhoth­i aze ayivumele ivele yangena yase ihlangana nemoto ebihamba abantu ababili okungowesi­lisa kanye nowesifaza­ne.zabe sezishayis­ana maqede yalala ngohlangot­hi nokubikwa ukuthi obeyishaye­la akaphumang­a namyocu.

Obeshayela imoto encane kanye nobehamba naye baphuthuny­iswe esibhedlel­a ukuyothola ukwelashwa njengoba bathole ukulimala okungathen­i kulengozi,’ kubeka uKpt. Mdlaolose.

UMdlalose uqhube wathi kuyimanje baphenya icala lokushayel­a budedengu kanti akukaboshw­a muntu.

Two people rushed to Ngwelezana Hospital after a collision between an ambulance and a car

 ??  ?? Amaphoyisa ebematasa eqoqa ubufakazi endaweni yesahlakal­o
Amaphoyisa ebematasa eqoqa ubufakazi endaweni yesahlakal­o

Newspapers in English

Newspapers from South Africa