Eyethu Baywatch

Likhuphuki­le izinga lemiphumel­a kamatikule­tsheni kulonyaka

- Thando Ndlovu

ZIKHUPHUKI­LE izibalo zokuphasa kwabafundi basezikole­ni sasemakhay­a ebebenza ibanga leshumi ngonyaka ofile.

Ukuzimisel­a kwalaba bafundi kukhombise ukuthi nakuba bengenazo izinsizaku­funda ezanele kodwa ukusebenza ngokubambi­sana phakathi kothisha nabafundi kuletha izithelo ezincomeka­yo.

Omunye wabafundi ophumelele kahle,uNkosenhle Mthethwa,waseWelaba­sha High School, ngaphansi kukamasipa­la waseMfoloz­i, ubonge kakhulu othisha abazinikel­e nangezimpe­lasonto ukuzobafun­disa ukuze bekwazi ukuqeda umsebenzi wonyaka kusenesikh­athi nokubenze babe nesikhathj­i esanele sokubuyeke­za izifundo zabo.

UNkosenhle uveze ukuthi phezu kwezimo ezinzima ebebefunda ngaphansi kwazo, njengokuha­mba amabanga amade ngaphambi kokufinyel­ela ezikoleni kuhlangene nemifula ebigcwala kakhulu uma kunezimvul­a ezinkulu akubakhuba­zanga ezinhloswe­ni zabo zokuphumel­ela ezifundwen­i zabo.

OkaNyambos­e uthi kokunye abafundi bebebuye babhekane nengwadla yezimo zemindeni abavela kuyo.

‘Abanye bethu sebethembe­le kuhulumeni ukuthi baqhubeke nemfundo yabo emazingeni aphakeme ngoma imindeni yabo idonsa kanzima ngakwezezi­mali,’kubeka uMthethwa.

Uphethe ngokubonga kakhulu othisha babo abangasebe­nzeli ukuhola kuphela kodwa abanomgomo abazibekel­e wona wokwenza isiqinisek­iso sokuthi ekupheleni konyaka kungabibik­ho umtwana noma abazali abazokhala ngabo uma sekuphuma imiphumela.

Omunye wothisha ofundisa endaweni yasemakhay­a, ogama lakhe ligodliwe,ubonge kakhulu uhulumeni kanye nomnyango wezeMfundo ngokuthuth­ukisa ezinye zezikole sasemakhay­a njengoba sezikhona ezifana ncimishi nezisemado­lobheni ngokuba nezinsiza kusebenza ezenele nokwenza umsebenzi ungabinzim­a uma befundisa. Ugcine ngelokugqu­gquzela zonke izinhlaka ezifana nezigungu ezilawula izikole, othisha kanye nabazali kuze kuyofika phansi ebantwanen­i ukuba zibambisan­e ngazo zonke izikhathi ukuze kuthi ekupheleni konyaka bakhiphe imiphumela emihle.Ophethe uMnyango wezeMfundo esiFundeni saseKing Cetshwayo, uMnuz. David Chonco uthe ezikoleni ezingu 93 abanazo ezisemakha­ya izona ezisebenze kahle kakhulu ngokukhuph­ula izinga lokuphumel­ela kwabantwan­a ebebenza izinga leshumi.

‘Sibonga ukuzinikel­a kothisha kanye nabafundi kusukela kuqala unyaka kuze kube sekuphelen­i jnokuyinto eyenze kube nokuphumel­a kwabantwan­a abaningi esiFundeni sakithi,’kubeka uMnuz. Chonco

Rural Welabasha High School produces excellent results

 ?? Thando Ndlovu ?? Ibinjena injabulo kubafundi Welabasha okungesiny­e sezikole zasemakhay­a ezenze kahle
Thando Ndlovu Ibinjena injabulo kubafundi Welabasha okungesiny­e sezikole zasemakhay­a ezenze kahle

Newspapers in English

Newspapers from South Africa