Ikhombise ukuvuthwa iNRB iqoqa amaphuzu
IKHOMBISE ukuvuthwa iRichards Bay FC ngesikhathi ibuya ngamandla esiwombeni sesibili inqoba umdlalo wayo ibiwudlala neThongathi FC.
Lomdlalo ubusePrinces Magogo stadium, KwaMashu eThekwini uye ekhefini amaCane Cutters ehamba phambili ngegoli elilodwa eqandeni.
Igoli lokulinganisa livalelwe phakathi nguMenzi Hlophe kwathi elokunqoba umdlalo lavalelwa enethini nguSphelele Mkhuluse nokwenze ukuthi leliqembu linqobe umdlalo walo wesibili ngokulandelana.
Ama-Rich Boys akhombise okukhulu ukwezethemba ngokunqoba lomdlalo wawo ekuhambeni.
Leliqembu lizodlala ngaphandle kwezikhwishiskhwishi somgadli walo, uHlophe uma selibhekene neStellenbosch FC ezinkundleni zomdlalo
eMhlathuze ngoMgqibelo kulempelasonto esiya kuyo, uHlophe ethole ikhadi elibomvu emdlalweni wabo noThongathi FC ngesikhathi umdlalu usuya ngasemaphethelweni.
Kodwa lokhu kubukeka kungeke kumphazamise nakancane umqeqeshi wama-Rich Boys uJean Losciuto njengoba leliqembu linabadlali abaningi abanekhono elihle lokuvala isikhala salomgadli.
Ema kokuvulwa kwemidlalo yePSL kulonyaka iqembu lasekapa, iStellenbosch FC ,selehlulwe emidlalweni emibili, owokuqala lashawa
yiTTM ngamagoli ababili eqandeni labuye ladliwa yiWtbank Spurs ngamagoli amathathu kwelilodwa, nokwenza ukuthi kubukele njengomdlalalo ozobe usezingeni eliphezulu uma sebebhekene namaRich Boys.
NRB are the king of the road